mahala fundisa || nikeza ulwazi || nikeza amandla …

11
ISIQEPHU 12 FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA MAHALA NKOSI JOHNSON 1989-2001 “Singabantu abavamile. Sinezandla. Sinezinyawo. Siyakwazi ukuhamba, ukukhuluma, nathi sinezidingo njengawo wonke umuntu. Ningasesabi. Siyefana!”

Upload: others

Post on 22-May-2022

7 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

ISIQEPHU 12FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

MAHALA

NKOSI JOHNSON 1989-2001

“Singabantu abavamile. Sinezandla.

Sinezinyawo. Siyakwazi ukuhamba,

ukukhuluma, nathi sinezidingo njengawo wonke

umuntu. Ningasesabi. Siyefana!”

Page 2: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

Umyalezo ovela...

© U

NIC

EF

So

uth

Afr

ica/

2011

/Paw

elcz

yk

Ukuvikela labo abasemathubeni amaningi

okuhlukunyezwa

Umuntu angase ahlukunyezwe emzimbeni, ngokocansi noma ngokomzwelo. Ukuhlukumeza kungenzeka noma kuphi - ekhaya, emsebenzini noma emphakathini. PIzigilamkhuba zingaba abantu izisulu ezingabazi nhlobo, noma ezibazi kahle - amalungu omndeni noma abangane.

Izingane nabantu besifazane yibo ikakhulu ababa yizisulu zokuhlukunyezwa ngoba emiphakathini eminingi bavame ukubukelwa phansi futhi abanamandla kangako.

Ukuhlukumeza kuwukwephula umthetho. Uma wena, umngane nanoma ubani omaziyo ehlukunyezwa, khuluma.

South African Police Service: 08600 10 111

Kukhona nanenombolo ekhethekile abesifazane abahlukunyezwayo abangayishayela ukuze bathole usizo.

Stop Gender Violence Helpline: 0800 150 150

www.unicef.org/southafricawww.facebook.com/unicefsouthafrica

Umyalezo ovela kuNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo

Ngesikhathi ekhuluma eNgqungqutheleni Yengculazi Yesihlanu ENingizimu Afrika eThekwini ekuqaleni kwalo nyaka, owayeyiNhloko Yezobulungisa uSandile Ngcobo wathi “INKINGA YITHI.’

Njengoba sivalelisa lo nyaka futhi samukela omusha, amazwi akhe ngiwathola ehambisana impela nezindaba engingathanda ukuba sonke sicabange ngazo njengoba silungiselela isikhathi samaholide.

Okokuqala ngingathanda ukuba sikhumbule ukuthi iSihloko Sosuku Lwengculazi Lomhlaba Wonke kulo nyaka sithi “Makungabi Khona Lokhu.” Mazingabi Khona Izifo Ezintsha Ezihlobene Nesandulela-Ngculazi; Makungabi Khona Ukucwasana Futhi Mazingabi Khona Izifo Ezihlobene Nengculazi.

Kuhle kakhulu ukuba lesi sihloko esithi “Makungabi Khona Lokhu” sisebenze kuze kufike u-2015 ngoba kulowo nyaka wonke amazwe, kuhlanganise nelethu, azobika ngenqubekela-phambili eyenziwe ekufinyeleleni iMigomo Yentuthuko Yeminyaka Eyinkulungwane.

Imizamo yethu yezinhlelo ZESANDULELA-NGCULAZI NENGCULAZI, I-TB nezinye izifo ezidluliselwa ngocansi iqondiswa kakhulu yisimemezelo sikaMongameli asenza ngoSuku Lwengculazi Lomhlaba Wonke ngo-2009 lapho athi khona:

• Siqala umkhankaso omkhulukazi wokunxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahlolelwe isandulela-ngculazi.

• Zonke izingane ezingaphansi konyaka ubudala zizolashwa uma kutholakala ukuthi zinegciwane.

• Zonke iziguli ezine-TB nesandulela-ngculazi zizothola imishanguzo yama-ARV uma i-CD4 yazo ingu-350 noma ngaphansi.

• I-TB nesandulela-ngculazi nengculazi manje kuzokwelashwa ngaphansi kophahla olulodwa.

• Bonke abesifazane abakhulelwe abanesandulela-ngculazi abanesilinganiso se-CD4 esingu-350 noma abanezimpawu zokugula kungakhathaliseki ukuthi isilinganiso se-CD4 sithini bazothola imishanguzo.

Bonke abanye abantu besifazane abangangeni kulo mkhakha, kodwa abanesandulela-ngculazi, bazothola imishanguzo uma sebehlanganisa amasonto angu-14 bekhulelwe ukuze kuvikelwe ingane.

Yonke le mizamo yenzelwa ukuyiqeda nya inkinga yokudlulisela kukamama isandulela-ngculazi enganeni. Ngokuqondene nalokhu, mangibancome abantu besifazane bakithi ngemizamo yabo emikhulu abayifinyelele, ikakhulu uma sikhumbula ukuthi ngo-2008, ukudluliswa kwalesi sifo siye enganeni kwakungamaphesenti angu-21 ethusayo futhi kulo nyaka sehlile leso sibalo saya ngaphansana kwamaphesenti amathathu!

Njengoba luluningi kangaka usizo kufanele ngempela sivumelane nowayeyiNhloko Yezobulungisa uSandile Ngcobo uma ethi, “inkinga ayisekho egciwaneni, inkinga yithi.”

Kudingeka sibambane silwe nokucwaswa; ukukhishwa inyumbazane; ukubandlululwa nokuhlukunyezwa kwalabo abanesifo noma abathintekayo kuso.

Kudingeka futhi siqinisekise ukuthi bonke abatholakala ukuthi abanaso lesi sifo bahlala bengenaso.

Unyaka ka-2012 makube unyaka esifeza ngawo lokho okulindelwe nguNdunankulu Ohloniphekile, uDkt Zweli Mkhize lapho ethi:

“Uma iNingizimu Afrika ingafika eqophelweni lapho ‘eNingizimu Afrika ingasekho i-TB, isandulela-ngculazi kanye nokucwasa okuhambisana nalezi zifo’, isifundazwe sakwaZulu Natal yisona okufanele sibe ngesokuqala ekwenzeni lolo shintsho”.

Nginifisela nonke impilo ende nesikhathi samaholide esiphephile!

Page 3: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

OKUPHAKATHI • I-KZN IZA KAHLE KAKHULU - MASIQHUBEKENI NOKUSOKA!• USUKU LWENGCULAZI LOMHLABA WONKE: MASIQEDE IZIFO EZINTSHA

EZIHLOBENE NESANDULELA-NGCULAZI• USUKU LWENGCULAZI LOMHLABA WONKE - LAPHO UMAMA ESHONELWA

YINGANE…• EZABASHAYELI BAMALOLI: UKUNAKEKELA IMPILO YAKHO YEZOCANSI• UKUSHINTSHA KWESIMO SEZULU, UKUFUDUMALA KOMHLABA,

KWENZENJANI NGEMPELA – UBANI ONENDABA NALOKHO? KUFANELE WENA UBE NENDABA!

• IZINDABA ZEMPILO ZAKWAZULU NATAL - ‘SESIMI NGOMUMO UKUBHEKANA NENKATHI YAMAHOLIDE’ KUSHO U-NKATEKO SITHOLE, OYIMENENJA: KWEZOSIZO LWEZIMO EZIPHUTHUMAYO KWAZULU NATAL

• IZINDABA ZEMPILO KWAZULU NATAL - ABAHLENGIKAZI BETHU BAYAHLOMULISWA!

• IZINDABA ZEMPILO KWAZULU NATAL - UKUVUSELELA IZIKHUNGO ZETHU ZEZEMPILO…

• SEKUYISIKHATHI SAMAHOLIDI! MASIGCINENI ISIFUNDAZWE SETHU SIPHEPHILE!

• INYANGA YOKUQWASHISA NGOKUKHUBAZEKA: UKUKHUBAZEKA AKUSHO UKUTHI AWUYENA UMUNTU OVAMILE.

• AKE SITHI NHLA

KULELI HOLIDE. HLALA UPHILILE. UNGAPHUZI BESE USHAYELA!

I-KZN IZA KAHLE KAKHULU Masiqhubekeni Nokusoka!

Halala! Amadoda akulesi sifundazwe alalela inhlabamkhosi yokuba asokwe, futhi imiphumela iyaqhubeka ifakazela ukuthi le ndlela iyasebenza ekunciphiseni amathuba okusakaza isandulela-ngculazi nengculazi.

Ingabe Usemanqikanqika? Yiza nendlebe uSiyabonga akutshele...

USiyabonga Mchunu uneminyaka engu-25 futhi muva nje usokwe emtholampilo wangakubo. Uthi wahamba wayosoka ngemva kokufunda ngezinzuzo zokusoka empilweni. “Angizange ngiyosoka ngoba wonke umuntu uyasoka noma ngoba kuyisiko lami noma okunye okunjalo, kodwa ngasoka ngenxa yempilo yami. Ngathola ulwazi oluthe xaxa ngezinzuzo zokusoka ezisebenzini zezempilo eziqeqeshiwe futhi abakusho kwezwakala kunengqondo kimi. Ngizoshada maduzane futhi ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ukuya kwami ocansini nenkosikazi yami yakusasa kuba okunempilo. Ngifuna izizwe iphephile futhi iqiniseka ukuthi ngenza izinto njengomuntu ovuthiwe emqondweni ukuze kusizakale thina sobabili,” esho emomotheka ngokuzethemba.

Njengoba uSiyabonga eshilo, ukusokwa kwabesilisa kunezinzuzo eziningi ezihlanganisa lokhu:

Kunciphisa amathuba okudluliswa kwesandulela-ngculazi nengculazi ngamaphesenti angaba ngu-60

Kunciphisa ukudluliswa kwezifo ezithathelwana ngocansi

Kungasiza kunciphise amathuba ezifo zesinye nendlala engasesinyeni ebizwa ngokuthi yi-prostate lapho indoda isikhulile

Kuyasiza ekunciphiseni amathuba okungenwa umdlavuza wompipi

Kuyasiza ekunciphiseni amathuba okungenwa umdlavuza wesibeletho ngamaphesenti angaba ngu-20 ngoba igciwane lihlala ngaphansi kwejwabu lowesilisa

Kuncipha nezifo zezitho ezihambisa umchamo nezinye izindlala

Khumbula! Ukusoka kungasiza kuphela ekunciphiseni ukudluliswa kwesandulela-ngculazi nengculazi kodwa akubavikeli abantu abalala nabantu abaningi. Iyodwa vo indlela yokugwema isandulela-ngculazi nengculazi futhi iwukuya ocansini nomuntu oyedwa othembekile futhi nizivikele uma niya ocansini.

YIYA EMTHOLAMPILO WANGAKINI UKHULUME NGOKUSOKA OKWENZIWA MAHHALA NANGENDLELA EPHEPHILE – NCIPHISA UKUSAKAZEKA KWESANDULELA-NGCULAZI FUTHI UHLAKANIPHE, SOKWA!

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:

EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini

U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUDERICK MATSENGARWODZITHEMBA MNGOMEZULUKATHY WADDINGTONDUDLEY VIALLCOVER PIC - SUNDAY TRIBUNE

Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma [email protected] noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321.

ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

Page 4: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

Masivumeni. Sihlale sizwa njalo ngengculazi, kangangokuthi abaningi kithi abasafundi ngayo. Kodwa lokho akuyiqedi inkinga – eqinisweni into esiyenzayo ukuyiziba. Ngakho make siyifakele izibuko futhi indaba yesandulela-ngculazi nengculazi, masiyibheke ngqo emehlweni esikhundleni sokuthi yona ibheke

thina…

IKHONA NJE KODWA IMPUMELELO?

Sesiyikhathulile impela indlela, futhi lokho kubangelwe yithi sonke ngokuqapha ngokuthe xaxa kwezocansi, ukuyohlolelwa isandulela-ngculazi, ukusebenzisa amakhondomu kanye nomzamo womnyango wokuqinisekisa ukuthi abantu abaningi bathola imishanguzo yama-ARV. Nokho, naphezu kwayo yonke imizamo yethu yokunciphisa

ukusakazeka kwesifo, balokhu banda abantu ABABULAWA yizifo ezihlobene nengculazi – lokhu kusho ukuthi yize selinciphanciphile igciwane lesandulela-ngculazi, lisaqhubeka libulala abantu abanalo. Isixazululo silula. KUMELWE siqinisekise ukuthi SINQANDA ukusakazeka kwaleli gciwane, ukuze sikwazi ukunciphisa isibalo sabantu ababulawa yilo.

YINI ONGAYENZA UKUZE UNCIPHISE UKUSAKAZEKA KWESANDULELA-NGCULAZI NENGCULAZI

Bonke abantu besilisa abaphakathi kweminyaka engu-15 nengu-49 kufanele basokwe

Lokhu kunciphisa ukusakazeka kwesandulela-ngculazi nezinye izifo ezidluliselwa ngocansi – khumbula, kuyanciphisa, akunqandi, ngakho

kusamelwe kusetshenziswe amakhondomu! Ukuya ocansini ngaphandle kwekhondomu akulona uphawu lokuthi uyindoda ‘yoqobo’ – indoda ‘yoqobo’ yindoda evuthiwe emqondweni ecabangela impilo yayo nekamaqondana wayo, uma kunamathuba okuthelelana ngesifo esidluliselwa ngocansi noma isandulela-ngculazi.

Abesifazane abakhulelwe kufanele babhalise ngokushesha emtholampilo

Bonke abesifazane abakhulelwe abanegciwane lesandulela-ngculazi noma abane-TB bazothola imishanguzo yama-ARV kusukela emasontweni angu-14. Umama angakwazi ukuthola ingane engenalo igciwane lesandulela-ngculazi ngisho noma yena enalo, ngokubhalisa

MASIQEDE IZIFO EZINTSHA EZIHLOBENE NESANDULELA-NGCULAZI

ngokushesha emtholampilo. Ukugwema inkinga yikona okusizayo, ngakho bhalisa kungakephuzi!

Ukuliphonsela inselelo isiko lethu lesithembu

Kubalulekile ukuhlonipha isiko lethu futhi lokhu kusho ukuhlonipha isithembu njengengxenye yesiko lethu. Kodwa lokho akusho ukubeka impilo yabo bonke abantu engozini ngokuba nesimilo esixegayo. Uma indoda izolala nabantu besifazane abangaphezu koyedwa, owesifazane unelungelo lokufuna ukuba kusetshenziswe ikhondomu ngesikhathi socansi, nokuthi bobabili bahlolelwe ingculazi nezinye izifo ezidluliselwa ngocansi. Uma kwenziwa kanjalo, wonke umuntu obandakanyekayo esithenjini uyavikeleka esimilweni esixegayo – leli yilungelo lakho.

BASHAYELI BAMALOLI! NAKEKELANI IZIMPILO ZENU EMGWAQWENI!

KwaZulu Natal kunemitholampilo engu-7 esendleleni yabashayeli bamaloli esifundazweni, etholakala kulezi zindawo: e-Marian Hill nase-Cato Ridge, e-Marburg e-UGU, oPongola e-Zululand, e-Mooi River eMgungundlovu, e-Kokstad eSisonke nase-Tugela oThukela. Le mitholampilo yenzelwe abashayeli bamaloli ngoba basengozini enkulu yokuthola izifo nokuzisakaza. Kuyiqiniso ababhekana nalo emsebenzini wabo ukuthi baba nesizungu emgwaqweni

futhi bangase baye ocansini nabantu abangabazi – futhi ngenxa yalokho, baba semathubeni okuthola isifo. Yingakho-ke kuye kwaba nemitholampilo yabashayeli bamaloli ukuze basizwe ngezinsiza ezilandelayo, abakhuthazwa ukuba bazisebenzise:

Ukwelulekwa Ngesandulela-ngculazi Nokuhlolwa

Ukuthola imithi eyelapha izifo zabo ezingomahlalakhona

Amakhondomu abesilisa nawabesifazane

Iseluleko sokuhlelwa komndeni

Umdoko wamaphrotheni wesandulela-ngculazi nabasebenzi

Ukubhalelwa izincwadi zokuya esibhedlela noma kudokotela uma kudingeka

Ukuqwashiswa nokuhlolwa ukuthi abanazo yini izifo ezidluliswa ngocansi

KHULUMA!

Naphezu kwemizamo kahulumeni, inkinga yethu enkulu kunazo zonke wukuthi sisesaba kakhulu ukukhuluma ngengculazi. Manje yisikhathi sokungafihli, nesokufundisa wonke umuntu ukuthi abantu abanesandulela-ngculazi nengculazi akudingeki bagwenywe – ngeke uthole ingculazi ngokuthinta umuntu onayo, futhi ngeke welaphe ingculazi ngokulala nentombi-nto!

HAMBA UYOHLOLWA

Lena yiyona ndlela KUPHELA yokwazi. Ukuyohlolwa kusho ukuthi uyazikhathaza ngempilo yakho futhi wenza okuthile ngalokho – uma usheshe ukwenze uzozibonga. Uma unalo igciwane, kungcono ukwazi ukuze uqikelele kakhudlwana ukuthi udlani nokuziphatha kwakho kwezocansi. Uma ungenalo igciwane, okungenani uzokwazi futhi ukusebenzela ukuthi ungalitholi.

Abantu abanesandulela-ngculazi noma ingculazi akufanele babandlululwe.

Banelungelo lokuthola imithi nokunakekelwa ngezinkonzo zempilo nezenhlalakahle.

Izingane ezinesandulela-ngculazi ziyavunyelwa ukufunda kunoma yisiphi isikole.

Akekho ongaxoshwa emsebenzini ngoba enesandulela-ngculazi.

Akekho ongaphoqwa ukuba ahlolelwe isandulela-ngculazi emsebenzini noma ngaphambi kokuthola umsebenzi.

Akekho omunye ongaboniswa imiphumela yokuhlolwa ngaphandle kwemvume.

Abantu besifazane abakhulelwe nabanesandulela-ngculazi banelungelo lokuzenzela isinqumo mayelana nokukhulelwa kwabo.

UMA UNEMIBUZO NGESANDULELA-NGCULAZI

NANGENGCULAZI UNGASHAYELA KULE

NOMBOLO YAMAHHALA ESEBENZA USUKU LONKE

KU-0800-012-322

Page 5: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

Ukushonelwa yingane kusho ukulahlekelwa yingxenye yekusasa lakho. Kuphela amathemba

namaphupho owawunawo ngayo. Ulahlekelwa yithuba nenjabulo yokuba nabazukulu. Kuba nesikhala ekuphileni kwakho esingasoze savaleka.

Izingane zethu kufanele zingcwabe thina bazali bazo, kodwa kuyadabukisa ukuthi ingculazi ikushintshile lokho, sekuyithina esesingcwaba izingane zethu.

UNkosi wayeyindodana yami yokutholwa. Ngahlangana naye ngo-1991 futhi ngo-1992 waba ‘yindodana’ yami lapho unina, uDaphne, enginika ilungelo lokumnakekela. Ngazi zisuka ukuthi uNkosi unegciwane, ngangazi futhi ukuthi lalizofika elingaliyo. Mhla eshona, kunengxenye kithi eyaya naye egodini.

Abantu babengawatholi ama-ARV ngo-2001 futhi sasingenayo imali yokuthenga lawo ayetholakala ngasese. Yingakho ngizibuza, manje sesinemishanguzo esindisa ukuphila, pho kungani kusenenqwaba yabantu ababulawa yingculazi? Kungani sisazikhohlisa, sisesaba ukwazi ukuthi sinaso yini lesi sifo kuyilapho sesiyisifo esingamahlalakhona

esilawulekayo? Kungani sisangcwaba izingane zethu?

Ngo-2010, ngesikhathi kuneNdebe Yomhlaba, abantu baseNingizimu Afrika babambana babonisa umhlaba wonke ukuthi ‘sinawo amandla okwenza ezibukwayo.’ Ngakho ngiyabuza, kungani ngo-2011 singabambani sibhekane nosizi oludalwa yilesi sifo esiwumshayabhuqe esibulala isizwe sethu?

Indaba yengculazi siphila nayo nsuku zonke kodwa kubonakala sengathi ‘sesicikekile’ yiyo, nokuthi asisayiboni iphuthuma, kodwa nsuku zonke izingane ziba yizintandane futhi nsuku zonke kunengane engcwatshwayo. Kungani abantu belinda kuze wumzuzu wokugcina

ukwazi ngesimo sabo, kungani sisalokhu sicasha ngesithupha sithi “akusoze kwenzeka kimi?”

Ama-ARV asiza umuntu aphile isikhathi eside ewumqemane, futhi lesi yisibopho esenziwa uHulumeni wethu eqinisekisa ukuthi isandulela-ngculazi nengculazi iba yisifo esingamahlalakhona kodwa elisawulekayo, kodwa lokho kukabili. Kudingeka sikuhloniphe lokho kuzibophezela ngokunakekela izimpilo zethu. Masisebenzisane nentsha yethu ethukuthele eyathola lesi sifo kubazali bayo, siqinisekise ukuthi ayiphumi endleleni, futhi siyibonise ukuthi uma iqhubeka idla imishanguzo esindisa ukuphila, ingafeza lukhulu ngezimpilo zayo.

UNkosi washona ngomhla ka-1 Juni 2001 -- ngoSuku Lwezingane Lomhlaba Wonke. UNkosi wayibeka induku ebandla futhi wenza okukhulu ekuphileni kwakhe okufushane ukudlula iningi lethu eliphile isikhathi eside. Wakhetha umhla ka-1 Juni ukuba aphonsele nabanye inselelo yokuphila. Masingalicekeli phansi igalelo lakhe – kumelwe siqale phansi sizimisele ukulwa nengculazi, sibambene.

Dry Comfort ®Disposable Nappies

®

© Registered trademark of Kimberly-Clark WorldWide Inc. ® 2011 KCWW. 11251

NEW

LO

CK

DRY * SYST

EM

USUKU LWENGCULAZI LOMHLABA WONKE

Lapho umama eshonelwa yingane…UNkosi Johnson wayeneminyaka eyishumi kuphela lapho umzinjana wakhe obuthaka wehlulwa yingculazi, futhi eshona – okumangazayo ukuthi washona ngoSuku Lwezingane Lomhlaba Wonke. Waba yiqhawe maqondana nendaba yokulwa nengculazi. Manje, njengoba sekudlule iminyaka eyishumi ashona, nakhu okushiwo unina wokutholwa u-Gail Johnson lapha ngezansi ngokushona kwakhe.

“Izingane zethu kufanele zingcwabe thina bazali

bazo, kodwa kuyadabukisa ukuthi ingculazi

ikushintshile lokho, sekuyithina esesingcwaba

izingane zethu.”

U-Gail Johnson enoNkosi Johnson osasishiya.Isithombe sathwetshulwa ngu-Grant Erskine - Independent Newspapers.

Page 6: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …
Page 7: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

“Iqiniso liwukuthi eminyakeni engu-200 edlule sisebenzise cishe

wonke amalahle nowoyela namagesi angaphakathi kuyiplanethi ewumhlaba.

Maduze izizukulwane ezizayo ngeke zibe nalutho – futhi lelo yiqiniso.”

Impilo yethu incike

ekutheni imvelo

ibe sesimweni

esihle – Sinomhlaba

owodwa kuphela,

masiwuvikeleni,

singawucekeli phansi!

Ngabantu abahluphekayo

ababhekana nobunzima

obukhulu ngezinhlekelele

ezibangelwa yisimo sezulu

ezinjengezikhukhula nezomiso.

Abenzi bezinqumo nezifundiswa ezingaphezu kuka-40,000 ezivela emhlabeni wonkana zihlangane eThekwini kule nyanga, ukuze kuxoxwe ngokushintsha kwesimo sezulu nendlela okusithinta ngayo emhlabeni kulowo mhlangano obizwa ngokuthi iNgqungquthela Yamaqembu (Conference of Parties [COP17]). Kithina sonke esisebenzela ukuthola okuya ngasethunjini, lokhu kungase kubonakale kungabalulekile – futhi kuyinto esingazikhathazi nhlobo ngayo. Nokho, masizame ukuqonda ukuthi yini lena engaka ngale ndaba, ukuze siqonde indlela izenzo zethu ezithinta ngayo imvelo esisizayo ukuba siphile.

Ukuqonda indlela izenzo zethu ezithinta ngayo imvelo

Eminyakeni embalwa edlule, ezinye zezinhlekelele ezimbi kakhulu

ezibangelwa yisimo sezulu ziye zabulala izinkulungwane zabantu, zashiya izigidi zingenamakhaya, zalimaza imigwaqo nojantshi bezitimela – ngisho neziteshi zamanyukliya zamandla. ENingizimu Afrika izimvula ezinamandla nezikhukhula ziyaqhubeka zicekela phansi amasimu, izitshalo, imizi nemfuyo. Ngenxa

yalokhu, izinkulungwane zabantu abasebenza emasimini nasemapulazini zilahlekelwa umsebenzi futhi amanani okudla ayenyuka. Abadobi bezinhlanzi bathola izinhlanzi ezimbalwa ngenxa yokuthi kudotshwa ngokweqile, amanzi ayangcoliswa futhi amazinga okushisa olwandle ayashintsha. KwaZulu-Natal, izivunguvungu ezinkulu ziye zacekela phansi imiphakathi yasemaphandleni zashiya abaningi bengenamakhaya. Izitshalo zekhofi, izithelo nemifino

iyancipha e-Afrika yonke ngoba isimo sezulu esingajwayelekile senza abalimi bazithole bedidekile ukuthi batshale nini futhi kuphi.

Amalahle, uwoyela namagesi emvelo kusetshenziswa nsuku zonke. Kusisiza ukuba sikhanyise, sifudumale futhi

sipheke, kugcina izimboni zisebenza futhi kusinika uphethiloli nodisili wezimoto, amaloli, izindiza, izitimela nemikhumbi. Cishe wonke uwoyela esinawo siwuthenga kwamanye amazwe ngezimali ezishisiwe, kanti amalahle ethu asetshenziswa eziteshini ezikhiqiza amandla ukuze sithole ugesi.

Iqiniso liwukuthi eminyakeni engu-200 edlule sisebenzise cishe wonke amalahle nowoyela namagesi angaphakathi kuyiplanethi ewumhlaba. Maduze izizukulwane ezizayo ngeke zibe nalutho – futhi lelo yiqiniso.

Yini ebangela izikhukhula ezingaka?

Ososayensi bathi zibangelwa ukufudumala komhlaba (global warming)

– okusho ukuthi amazinga okushisa emhlabeni ayenyuka, okubangelwa kakhulu ukungcola komoya okudalwa ukushisa izinto ezifana namalahle nentuthu ephuma ezimotweni. Loku kukhiqiza amagesi (abizwa ngokuthi “ama-greenhouse gases”), akhuphukela esibhakabhakeni. Maningi kakhulu manje la magesi futhi akhuphula ukushisa komhlaba. Njengoba loku kushisa kuloku kunqwabelana, isimo sezulu siyashintsha. Izinkathi zonyaka ziba zinde noma zibe mfushane, izindawo eziseduze nolwandle zihlushwa yizikhukhula futhi kuba khona izimvula eziyingozi nemibani.

Isizathu esenza uhulumeni wethu ayisukumele indaba yokushintsha kwesimo sezulu – nokuthi kungani nathi kufanele siyisukumele!

Ukuze umhlaba wethu usinakekele kufanele siqinisekise ukuthi siyawuvikela ungacekeleki phansi. Yize iziteshi ezikhiqiza amandla nezimboni kungcolisa kakhulu umoya namanzi, abantu abaningi abahluphekayo basebenzisa amalahle ezinga eliphansi nashibhile ukuze babase futhi bagawula izihlahla ukuze bathole

izinkuni zokubasa nokupheka. Imifula namadamu ethu kuvame ukungcoliswa ukuthi kuwashelwa kuwo futhi abanye bazikhululela kuwo. Izimbuzi nokuqeda kwemfuyo utshani kwenza umhlabathi uguguleke okunezela enkingeni yaseNingizimu Afrika yokusweleka kwamanzi okuba nomthelela ezindaweni zokutshala.

Ngakho-ke kuwumsebenzi wohulumeni ukuthi imvelo yomhlaba iphathwa kahle futhi ayicekelwa phansi. Abanye abantu bakholelwa ukuthi umhlaba ngeke ukwazi ukondla abantu abengeziwe okuthiwa bayobe bephila ngo-2030 – cishe izigidigidi ezingu-9 zabantu – nokuthi abaningi bazobulawa yindlala.

Yini esingayenza ukuze sivimbele lokhu?

Sonke kudingeka sishintshe indlela esiphatha ngayo umhlaba wethu. Yize abaholi bomhlaba behlangana futhi basayine amaphepha, sonke sinomsebenzi wokuphatha kahle imvelo uma sifuna ukuba izizukulwane ezizayo zizuze kulokho esizishiyela kona – kungenjalo zizohlupheka ngenxa yezenzo

zethu. Nazi ezinye izinto ongazenza ukuze unciphise ukungcoliswa komhlaba, usebenzise imikhiqizo yamandla emincane – futhi wonge imali:

Nciphisa, Phinde Usebenzise Futhi Uvuselele

Thenga izinto ezingafakwa kakhulu emaphaketheni. Thenga izinto eziphinde zisebenziseke, hhayi ezilahlwayo. Thenga izithelo nemifino ekhona kuleyo nkathi yonyaka naleyo etshalwa eduze nawe (okuhle nakakhulu wukuthi uzitshalele wena eyakho imifino – akumbi eqolo futhi kunempilo kakhudlwana!). Nciphisa udoti futhi uvuselele iphepha, upulasitiki, amathini, amaphephandaba nezingilazi ezifayo. Phinde usebenzise amanzi asekhishini ngokunisela ngawo ingadi yakho yemifino.

Tshala isihlahla

Izihlahla nezinye izitshalo kukhiqiza umoya-mpilo othe xaxa. Aziseziningi izihlahla ezikhona emhlabeni ezizosisiza sonke ngakho masitshaleni izihlahla!

Fundisa abanye ngokuvikela imvelo! Kwenze kube wumsebenzi womphakathi!

Cobelelana nabangane, umndeni, osonta nabo nabanye emphakathini ngolwazi olumayelana nokuvuselela izinto nokonga imikhiqizo yamandla. Khuthaza amakhansela ezigceme nabanye ukuba kube nezinhlelo ezizovikela imvelo.

Sebenzisa amalambu onga ugesi.

Ahlala isikhathi eside futhi asebenzisa amandla amancane. Cisha amalambu uma ungekho kulelo kamelo.

UKUSHINTSHA KWESIMO SEZULU, UKUFUDUMALA KOMHLABA, KWENZENJANI NGEMPELA – UBANI ONENDABA NALOKHO?

Kufanele WENA ube nendaba!

Page 8: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

KZN HEALTHNEWS

KZN HEALTHNEWS

AbeZempilo kwaZulu Natal sebemi ngomumo ukubhekana nesikhathi sonyaka lapho abeZosizo Lwezimo Eziphuthumayo besebenza ngokukhulu ukuzikhandla, ngenxa yabantu abaphuzayo ngesikhathi samaholide, ukwenyuka kobudlova basekhaya nokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashela indawo yethu bevela kwezinye izifundazwe nakwamanye amazwe. Sesiphawule ukwanda kwezimoto emigwaqweni emikhulu kwaZulu Natal, ikakhulu imigwaqo kazwelonke emibili, u-N2 oqala emngceleni weMpumalanga Kapa ogudla ulwandle uyoshaya eMpumalanga kanye no-N3 osuka emngceleni we-Free State uze uyoshaya eThekwini. Ngenxa yesimo sezulu esihle, abantu bathutheleka esifundazweni sethu bevela ezindaweni ezihlukahlukene, ngakho-ke imigwaqo

yethu namabhishi avame ukuphithizela kulesi sikhathi sonyaka, okwenza abaphakeli bethu bezinsiza basebenze kakhulu.

AbeZempilo kwaZulu Natal benza uhlelo

kusengaphambili ukuze babhekane

nesimo esicindezelayo phakathi nalesi

sikhathi futhi baqinisekise ukuthi usizo

lutholakala ngokushesha nangendlela

esebenzayo kuzo zonke izigameko

ezingase zenzeke esifundazweni

nangaphakathi emgceleni waso.

Yize sonke sisemoyeni wentokozo,

sicela nikhumbule ukuthi lesi sikhathi

singashintsha sibe wusizi emindenini

eminingi njengoba kuba nezingozi

emigwaqweni – ezingagwemeka.

Kudingeka sisebenze ngokubambisana

ukuze siqinisekise ukuthi silandela

imithetho yokuphepha emigwaqweni.

Abashayeli kumelwe baqiniseke ukuthi

baphumula kahle futhi badamane

bema ukuze bangakhathali noma

bozele ngesikhathi beshayela. Bophani

amabhande zikhathi zonke futhi

okubaluleke kakhulu, qinisekani ukuthi

izinsana nezingane ezincane ziboshelwa

ngendlela efanele ezihlalweni zazo.

Lapho nibhukuda olwandle, qinisekani

ukuthi kunabazali abagadile ngaso

sonke isikhathi nokuthi nibhukuda

ngamaqembu ezindaweni ezishiwo

abaqaphi abasebenza olwandle. Zilaleleni

njalo iziqondiso zabaqaphi abasebenza

olwandle; bazazi kahle izingozi

zokubhukuda olwandle futhi umsebenzi

wabo wukuvikela wena nomndeni wakho

kulezo zingozi.

Njengoba izwe lonke lizoqala ukugubha

nokujabulela lesi sikhathi sonyaka

esimnandi, abeZempilo kwaZulu Natal,

ikakhulu ama-EMRS, bayahloma ukuze

babhekane nalesi sikhathi esimatasa

nesinezinselelo.

ABAHLENGIKAZI BETHU BAYAHLOMULISWA!

NGESIKHATHI UDKT SIBONGISENI DHLOMO EVULA ISIKHUNGO SEZEMPILO SOMPHAKATHI WAKWAMASHU —ISITHOMBE SITHWETSHULWE NGUTHEMBA MNGOMEZULU

‘SESIMI NGOMUMO UKUBHEKANA NENKATHI YAMAHOLIDE’ KUSHO U-NKATEKO SITHOLE, OYIMENENJA: KWEZOSIZO LWEZIMO EZIPHUTHUMAYO KWAZULU NATAL

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Lesi sikhathi sasiyinjabulo enkulu kwaZulu Natal, futhi wathokoza kakhulu uMphathiswa Wezempilo uDkt Sibongiseni Dhlomo owayekhona ngesikhathi abasebenzi bezempilo kwaZulu Natal nezikhungo zakhona behlomuliswa ngomsebenzi osezingeni eliphezulu emgidini kazwelonke wokuthola iMiklomelo Ngomsebenzi Wezinga Eliphezulu Emnyangweni Wezempilo ngenyanga edlule.

“Ngokombono wesisebenzi sezempilo, lesi yisenzakalo esibaluleke kakhulu futhi ngithanda nokuhalalisela izinkulungwane zabasebenzi bezempilo abahlomulisiwe,” kusho uMphathiswa uDkt Dhlomo. The Cecilia Makiwane Award, which is the country’s highest order in the nursing profession, was awarded to Ms Sisana Cebekhulu from UMkhanyakude District (Ntshongwe clinic) to the applause of KZN Health at the function.

UMklomelo We-Cecilia Makiwane, osesigabeni esiphezulu kakhulu ezweni kwezobuhlengikazi, watholwa uNkosazana Sisana Cebekhulu waseSifundeni Sase-Mkhanyakude (emtholampilo waseNtshongwe) futhi

abezempilo kwaZulu Natal bamshayela ihlombe elikhulu kulowo mcimbi.

Ngonyanga odlule lo mklomelo watholwa esinye isisebenzi sezempilo sakwaZulu Natal – uNkosazana uJoyce Zitha, waseMzinto Fixed Clinic walandelwa uNkosazana NE Mngomezulu umhlengikazi wasesibhedlela saseBethesda. Umklomelo ka-Merilyn Lehana wanikezwa uNkosazana Ms Zanele Mthiyane ovela eMgungundlovu (e-Taylor’s Halt clinic).

IMiklomelo Yempilo Yezinga Eliphezulu yasungulwa cishe eminyakeni eyishumi edlule ukuze kubongwe futhi kuhlomuliswe abasebenzi bezempilo abazikhandla kuze kube ngale kwezimfuno zomsebenzi wabo nabanegalelo elikhulu emkhakheni wabo womsebenzi.

Maqondana nokunikwa kwabasebenzi bezempilo abazikhandlayo imiklomelo ezweni lonkana, oyiPhini LikaNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Gwendoline Ramokgopa, wathi; “Esinye isici esibalulekile emzamweni wethu wokuhlela kabusha ezempilo wukuyeka indlela yokwelapha ebizayo nengasebenzi noma izinhlelo ezisekelwe ezibhedlela bese sisebenzisa indlela yokwelapha

eqinisekisa ukuthi kunqandwa izifo futhi kuthuthukiswe impilo enhle. Lena yinqubo ye-NHI ewumgogodla ephakanyisiwe.”

Izikhungo zomphakathi ezimbili zempilo kwaZulu Natal zathola imiklomelo yeZibhedlela Ezihlanzeke Kunazo Zonke ezweni futhi leyo miklomelo yatholwa iSibhedlela SaseShowe, kanti iSibhedlela i-RK Khan sathola umklomelo wokuba yisibhedlela esizedlula zonke ngokuba nesitokwe nemithi eyanele.

“Kuhle ukuphawula ukuthi sekukabili isifundazwe sithola lo mklomelo izikhathi zilandelana futhi sitholwa yisifunda esisodwa, uMkhanyakude. Sethemba ukuthi lokhu kuzophonsela nezinye izifunda esifundazweni inselelo kanye nabanye abahlengikazi ukuba basebenze ngokuzikhandla ukuze kuqhutshekwe kuthuthukiswa izinga lokusebenza. Sikholelwa nawukuthi lokhu kuyasikhuthaza kakhulu njengesifundazwe,” kusho uMphathiswa uDhlomo.

Halala sifundazwe sakwaZulu Natal – masizimisele ukuqopha umlando unyaka nonyaka!

Page 9: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

NEWSKZN HEALTH

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UKUVUSELELA IZIKHUNGO ZETHU ZEZEMPILO…UMPHATHISWA WEZEMPILO KWAZULU NATAL UDKT SIBONGISENI DHLOMO KANYE NOPHETHE EMNYANGWENI WEZEMPILO KWAZULU NATAL UDKT SIBONGILE ZUNGU NGESIKHATHI KUVULWA ISIKHUNGO SEZEMPILO SOMPHAKATHI WAKWAMASHU — IZITHOMBE ZITHWETSHULWE NGUTHEMBA MNGOMEZULU

Asingabazi. INingizimu Afrika iphokophele ohlelweni olusha lwezempilo oluzosiza bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ukuze siqinisekise ukuthi isifundazwe sethu simi ngomumo, abeZempilo kwaZulu Natal sebeqalile ukuvuselela nokwakha kabusha izikhungo zezempilo kulo lonke elakwaZulu Natal. Ngesikhathi ekhuluma nezintatheli ekanye noMphathiswa uDhlomo ngesikhathi kuvulwa iSikhungo Sezempilo Somphakathi KwaMashu, oYinhloko Emnyangweni Wezempilo KwaZulu Natal uDkt Sibongile Zulu uthe kuzotholakala odokotela abengeziwe, kuqeqeshwe abanye abahlengikazi, abanakekeli bempilo bomphakathi kanye nezinye izisebenzi zezempilo ukuze kuqinisekiswe ukuthi izikhungo zezempilo ziyakwazi ukwenza umsebenzi omkhulu okhona uma uHlelo Lwezempilo Lukazwelonke phecelezi i-National Health Insurance (NHI) luqala ukusebenza eminyakeni engu-14 ezayo.

“Sekuphothulwe imisebenzi cishe engu-550 kusukela ngo-2009, futhi sesiqalile uhlelo lokuvuselela zonke izikhungo zezempilo esifundazweni,” kusho uDkt Zungu. Nazi ezinye izikhungo ezintsha:

I-Dr PIxLEY KA SEME MEMOrIAL HOSPITAL

LESI SIBHEDLELA SIZOSHINTSHWA SIBE ISIBHEDLELA SESIFUNDA UKUZE SILEKELELE UMSEBENZI OMKHULU

OWENZIWA YI-MAHATMA GHANDI HOSPITAL.

I-KING EDWArD HOSPITAL

• Kuzothuthukiswa umtholampilo wama-ARV

• Kuzokwakhiwa iwodi lezingane

• Kuzolungiswa, kuvulwe ama-drain amanzi

• Ingxenye yokuhlinza izoshintshwa ibe yi-ICU

• Kuzolungiswa izakhiwo zokuhlala

zabaHlengikazi.

I-KING GEOrGE V HOSPITAL

• Iwodi Elisha le-TB, ukuncishiswa

kwezikhathi zokulinda kweziguli

• Ukwakhiwa kwesibhedlela esisha sesigaba

1 ukuze kulekelelwe ezinye izibhedlela

I-NGWELEZANA HOSPITAL

• Kwakhiwa iwodi elizoba nemibhede engu-72

• Seliqediwe iwodi le-Trauma ne-Casualty

• Kuthuthukiswa nendawo yokuhlinza

I-LOWEr UMFOLOZI

Sikhuluma nje kuyakhiwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi lesi sibhedlela esasingesabelungu kuphela, sisiza bonke abantu esifundeni, futhi sizogxila kakhulu ekunakekeleni abesifazane.

I-ST APPOLINArIS HOSPAL

Kwakhiwa izakhiwo ezintsha ezizohlala odokotela nabahlengikazi abaseben-za lapha, ukuze bakhuthazwe ukuba banakekele izidingo zezakhamuzi ezih-luphekayo ezihlala emaphandleni eziya kulesi sibhedlela.

IZIKHUNGO ZEMPILO ZOMPHAKATHI ZIQEDIWE:

UMtholampilo i-Sgweje, St Chad CHC (osiza kakhulu abantu abanesandulela-ngculazi esifundeni), uMtholampilo i-Mumbe (osiza kakhulu le ndawo ehlasel-we yi-MDR TB), KwaMashu CHC (Lesi sikhungo sizosiza kakhulu ekuthuthukise-ni izimpilo zomama nezingane kule nda-wo).

NAZI EZINYE IZINDABA EZIMNANDI!

Muva nje uMphathiswa uDkt Dhlomo umemezele ukuthi ekugcineni uzoqala umsebenzi omkhulu wokwakha e-KZN Children’s Hospital (kudala esasibizwa ngokuthi yi-Addington Children’s Hospital).

“UMnyango Wezempilo KwaZulu Natal uzoqala ukwakha kabusha isibhedlela ngenyanga ezayo futhi lokhu kuzokwen-za ukuthi lesi sibhedlela sezingane sibe esisezingeni eliphezulu ezweni. Sizogx-ila ekusizeni izingane zalesi sifundazwe ukuba zithole ukwelashwa okukhethekile okungatholakali ezibhedlela eziningi” – Dkt Dhlomo.

ISIKHATHI samaholidi yisikhathi senjabulo. Kodwa kwabaningi kuba yisikhathi sezinkinga ezinkulu kunokuba kube esenjabulo. Lesi yisikhathi sonyaka lapho kuba nabantu abaningi abazibulalayo, abashonayo futhi ubudlova basekhaya buyanda. Kaningi lokhu kubangelwa ukuphuza utshwala ngokweqile. Siye sizitshele ukuthi asihlulwa utshwala, kanti isimo sesisibi kakhulu – njengoba kwenzeka kuSbali.

“Ngakhulela emndenini wamaKrestu ohlonipha amasiko nenkolo, kodwa sasivunyelwe ukuphuza uma kunamaphathi noma imisebenzi. Ngabunambitha lapho utshwala okokuqala ngqa. Kunale nkolelo esikweni lethu lokuthi uma abafana benambitha utshwala besebancane ngeke bakhule babe yizidakwa. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukuphuza kakhulu kwaze kwaba seqophelweni lokudakwa futhi ngangingakwazi ukuzibamba. Ngangiphasa kahle kakhulu esikoleni kodwa kwaqala ukubheda futhi angikwazanga ukufeza iphupho lami lokufundela ubudokotela”

Ukuphuza kunomthelela ekwandeni kobudlova ekhaya, kodwa futhi abesifazane abaningi badlwengulwa amadoda abawaziyo nabawethembayo, ngesikhathi samaholidi. Kubalulekile ukuya emaphoyiseni aseduze noma esibhedlela endaweni ngokushesha okukhulu uma kwenzeka lokho.

Ubudlova, ukuphuza ngokweqile nokushayela budedengu kukhinyabeza izinsiza zethu ikakhulu kulesi sikhathi sonyaka, futhi kufanele sikhumbule ukuthi eziningi zalezi zinto zingagwenywa! Sikhuluma nje ezeZinkonzo Zegazi ENingizimu Afrika zibhekene nokuntuleka okukhulu kwegazi – kusele igazi elingasetshenziswa isikhathi esingaphansi kwezinsuku

ezimbili. Masikhuleni emqondweni, sifike siphilile lapho siya khona, sizigcine siphephile emakhaya nasemigwaqweni.

Sinawo amandla okwenza izwe lethu libe ungqa phambili, masikwenzeni lokho!

SEKUYISIKHATHI SAMAHOLIDI!

MASIGCINENI ISIFUNDAZWE

SETHU SIPHEPHILE!

Page 10: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

UNontobeko Shezi waba novendle ngesikhathi eyingane wakhubazeka

ngoba akazange agonyelwe lesi sifo esikushiya ugogekile. Namuhla umndeni wakubo umkhipha inyumbazane ngenxa yesimo sakhe futhi uthi uphoqeleka ukusebenzisa isikhathi sakhe esiningi ecela emigwaqweni ukuze aphile. Uthi: “Anginayo enye indlela engingaziphilisa ngayo ngoba angiwutholi umsebenzi futhi anginayo imali yokuthenga isihlalo sabakhubazekile. Yize ngaya esikoleni futhi ngikwazi ukufunda nokubhala, abantu abafuni ukungiqasha ngoba bacabanga ukuthi angihlakaniphile ngenxa nje yokuthi angikwazi ukuhamba.” Uyanezela: “Ngifisa sengathi umphakathi ubungamukela ukukhubazeka njengengxenye yokuphila futhi wazi ukuthi nathi singabantu sinemizwa. Nathi sidinga amalungelo afanayo ukuze sizenzele izinto singalokhu sidatshukelwa umphakathi futhi sikhangezela usizo.”

Baningi abantu abakhubazekile ezweni lethu, futhi nabo bazizwa sengathi umphakathi ubakhohliwe. Iqiniso liwukuthi

umuntu okhubazekile angaphila ukuphila okuhle okuvamile, futhi angaba negalelo emsebenzini. Nokho, bayaludinga usizo lwethu nokuthi siqonde ezinye izinselelo abangase babhekane nazo nsuku zonke. Ukukhubazeka akusho ukuthi ngeke ukwazi ukwenza izinto ezenziwa umuntu ongakhubazekile – kumane nje kusho ukuthi uzenza ngokuhlukile.

Phakathi nale nyanga, abantu emhlabeni wonke baqwashiswa ngokukhubazeka

futhi eNingizimu Afrika amalungelo abo, njengabo bonke abantu, avikelwe ngumthetho. Nanka amanye alawo malungelo:

• Ilungelo lokungacwaswa

• Ilungelo lokuzikhulumela

• Ukuthola usizo lwezempilo nokusekelwa

• Ukuthola imfundo

• Ukuthola izindlu

• Ukuthola ezokuthutha

• Ukuthola indawo ekahle

Abantu abakhubazekile bangathola usizo ezikhungweni zokwelapha njengabanye abantu futhi bangathola imixhaso yokukhubazeka. Le mixhaso isiza ezidingweni eziyisisekelo

zabakhubazekile abangaphezu kweminyaka engu-18 abangakwazi ukusebenza ngenxa y o k u k h u b a z e k a emqondweni noma emzimbeni.

Umxhaso ngowabantu a b a n g a k w a z i ukusebenza futhi a b a n g e n q a b i

ukwelashwa. Udokotela kufanele kube nguyena oqinisayo ukuthi umuntu ukhubazekile ngokubhala umbiko phansi asho nokuthi lokho kukhubazeka okwesikhashana noma wukukhubazeka unomphela. Labo abachazwa lapha bangaya ezikhungweni zezenhlalo noma bakhulume nabasemtholampilo oseduze ukuze bathole usizo.

Ukukhubazeka akusho ukuthi awuyena umuntu ovamile.

INYANGA YOKUQWASHISA

NGOKUKHUBAZEKA:

“Anginayo enye indlela engingaziphilisa ngayo ngoba angiwutholi umsebenzi futhi anginayo imali yokuthenga isihlalo sabakhubazekile. Yize ngaya esikoleni futhi ngikwazi ukufunda nokubhala, abantu abafuni ukungiqasha ngoba bacabanga ukuthi angihlakaniphile

ngenxa nje yokuthi angikwazi ukuhamba.”

Inyanga Yokugwema Izingozi Zokulimala

Bewazi yini ukuthi isilinganiso sokuLimala kwabantu ngokusha siphindwe kane eNingizimu Afrika ukudlula noma yiliphi izwe elinezimboni emhlabeni?

Nakuba kule nyanga sigxila ekutheni singazigwema kanjani izingozi, kufanele futhi sazi ukuthi izingozi zokusha zimbi kangakanani. Amaphesenti angaphezu kwangu-80 ezingozi zabantu abasha kabi kakhulu zenzeka kakhulu emijondolo futhi singakushintsha lokhu, ngokuzigwema. Lokhu kuhlanganisa ukuqiniseka ukuthi izingane azisondeli esitofini esishisayo noma ekhandleleni elikhanyayo.

Kushona kakhulu izingane ngenxa yokusha eziphakathi kuka-0 kuya ku-14 ubudala, kanti abantu abalimala kakhulu abaneminyaka engaphezu kuka-55. Khuluma nabasemtholampilo oseduze noma nekhansela mayelana nezindlela zokupheka eziphephe kakhudlwana futhi bazokweluleka ngezindlela zokunciphisa amathuba omlilo ekhaya. Fundisa nabanye emphakathini sisindise izimpilo eziningana!

1: Usuku Lwengculazi Lomhlaba Wonke

Isihlangene iminyaka eyishumi kwashona umfanyana uNkosi Johnson, ngaleso sikhathi owayeyingane eyaphila isikhathi eside eyazalwa negciwane lengculazi. Seziningi izingane eziye zasinda kusukela ngaleso sikhathi, futhi kule nyanga yokuqwashisa ngengculazi, sikhumbula labo ababulawa yilesi sifo nalabo abasaqhubeka bephila naso. Siyisizukulwane esisha esinethemba, futhi singakhulisa isizukulwane esisha esingenalo igciwane lengculazi. Imfundo nolwazi yithuluzi elinamandla esingalisebenzisa ukuze sishintshe umhlaba, ngakho masiqaleni ngezwe lethu.

3: Usuku Lwamazwe Ngamazwe Lwabantu Abakhubazekile

Lolu suku luhloselwe ukuqwashisa ngamalungelo abantu abakhubazekile. Ngokuvamile umphakathi ubakhipha inyumbazane ngakho namuhla sikhumbuza abantu ukuthi baneqhaza negalelo futhi bafuna nje ukuthola ithuba lokubonisa ukuthi bangaziphilisa – bangaphili ngokuphiwa.

5: Usuku Lwamavolontiya Lomhlaba Wonke

Lolu suku lubhekwa emhlabeni wonke njengosuku lwalabo abanikela ngesikhathi

sabo, amakhono futhi banakekele abanye ngaphandle kokukhokhelwa. Cabanga nje ukuthi kungaba njani ukube sonke besingenza lokho emiphakathini yethu? Ukusiza abadinga usizo, ukwabelana ngalokho esinako nokupha mahhala. Abahlala emazweni aseNtshonalanga babiza lokhu ngokuthi ukuvolontiya… thina sikubiza ngokuthi Ubuntu - masibubuyiseni!

9: Usuku Lomhlaba Wonke Lokuphepha Kweziguli

INhlangano Yezempilo Yomhlaba Wonke yasungula lolu suku lwaminyaka yonke ukuze iqinisekise ukuthi abantu bayawazi amalungelo abo okunakekelwa ngendlela ephephile ezibhedlela yonke indawo. Njengesiguli amalungelo akho avikelwe umthetho-sisekelo kanye ne-Patient Health Charter. Kudingeka futhi sikhumbule ukuthi iziguli nazo kufanele ziyinake impilo yazo, nokuthi kufanele ziziphathe kanjani izisebenzi zezempilo – kuyabanjiswana.

10: Usuku Lwamazwe Ngamazwe Lwamalungelo Abantu

Lolu suku lwamazwe ngamazwe olokuhlonipha iSimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu, phecelezi i-Universal Declaration of Human Rights. ENingizimu Afrika uSuku Lwamalungelo Abantu lugujwa ngomhla ka-21 Mashi kukhunjulwa abantu abaningi ababulawa e-Sharpeville. Kufanele uzinike imizuzu embalwa ukhulume nezingane zakho ngokubaluleka kwalolu suku, nokuthi yini ezingayenza ukuze zihloniphe amalungelo azo nenkululeko abantu abaningi baseNingizimu Afrika abayilwela – futhi bayifela.

IZINSUKU ZOKUQWASHISWA

KWABANTU: DISEMBA

Page 11: MAHALA FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA …

Ake Sithi Nhla:

‘Abahlengikazi akufanele bangene kulo msebenzi ngoba befuna imali – umgomo wethu lapha ukunakekela abagulayo’.

La mazwi

aphusile ashiwo uThisha

Wabahlengikazi oneminyaka

engu-60 u-Joyce Vezi osebenza e-St

Mary’s KwaMagwaza Hospital e-Zululand.

Ababaningi abantu abathi bathola ugqozi

ezibhedlela okungezona ezikahulumeni ngoba

bengaphathwanga kahle kuzo. Phela ngokuvamile

sitshelwa ukuthi impatho yasezibhedlela

ezingezona ezikahulumeni yinhle kakhulu.

Kodwa, nazo zinawo amaphutha, futhi

kuyahlekisa ukuthi yilokho kanye

okwafaka u-Joice ugqozi.

Uthi: “Ngangisebenza usuku lonke kuze kushaye ihora lika-9 ebusuku bese ngiya esikoleni ngemva komsebenzi. Ukuphila kwakunzima kodwa

ngangizimisele ukufukula umndeni wakithi.”

Uthi: “Ngemva kokugula nokungena esibhedlela okungesona esikahulumeni, ngahlala ewodini izinsuku eziningi ngingakwazi nokwenzani futhi abasebenzi bakhona babenganginaki. Phakathi naleso sikhathi ngazibuza ukuthi kazi iziguli zethu zizizwa kanjani uma zifika esibhedlela sethu futhi zingaphathwa kahle. Ngazibuza ukuthi yiyo yini indlela lena okufanele siphathe ngayo abantu abagulayo nabasebunzimeni emphakathini wethu?”

U-Joyce uqhubeka athi leso sigameko samenza wabona ukuthi kudingeka bathuthukise endabeni yokunakekela abagulayo esibhedlela, ngakho ngemva kokuba umhlengikazi iminyaka engaphezu kwengu-20, manje usebenza

njengeMenenja Yobuhlengikazi ukuze kukhunjuzwe abahlengikazi ukuthi kudingeka bawuthande kakhulu umsebenzi wabo, bangangeni nje kuwo ngoba befuna imali.

Lo mama ozikhandlayo onezingane ezine wazalelwa emndenini ozihluphekelayo, uyise ekhanda

izicathulo. Lapho eseneminyaka engu-17 wayeka isikole ngoba

abazali bakhe babengenawo amandla okumqhubekisa nesikole ngakho waqala ukusebenza emakhishini njengonina esebenzela isikole samantombazane. Yize ayehola ubala, u-Joyce wakhokhela izifundo zakhe zobuhlengikazi ngoba wayefuna ukuzifukula ebe enza umsebenzi osiza nabanye abantu –

ikakhulu abagulayo nabasebunzimeni.

Uthi: “Ngangisebenza usuku lonke kuze kushaye ihora lika-9 ebusuku bese ngiya

esikoleni ngemva komsebenzi. Ukuphila kwakunzima kodwa ngangizimisele ukufukula umndeni wakithi.”

Ngesikhathi esemusha futhi enezingane ezimbili wafundela ubuhlengikazi esibhedlela saseCeza futhi ngo-1978 wabhalisela ukuthola i-Diploma Yokubelethisa esibhedlela i-McCord lapho asebenza khona iminyaka engu-11 ngesikhathi esifanayo efundela iziqu zobuhlengikazi ngaphambi kokuthuthela KwaMagwaza ngo-1994 ukuze enze umsebenzi awenzayo manje. Ukuzikhandla kwakhe kwaba nezithelo – usebe yibambela likaMenenja Wasesibhedlela, hhayi kanye, kodwa kabili.

Ukuphila kwakhe okube yisimangaliso nokuba ngumuntu oyikholwa kuye kwaba negalelo elikhulu ezinganeni zakhe ezimbili ukuba nazo zibe abahlengikazi, kanti futhi unomzukulu wentombazane ofundela ubudokotela.

Ufaka ugqozi kuwo wonke umuntu, futhi ufakazela ukuthi ungenza noma yini uma uzinikela futhi uzimisela – siyabonga Joyce ngokubamba iqhaza kwezobuhlengikazi!

IMenenja Yezobuhlengikazi,

u-Joyce Vezi