fundisa || nikeza ulwazi || nikeza amandla isiqephu 8 · izimpawu zokutheleleka, uzohlale engazi...
TRANSCRIPT
ISIQEPHU 8FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA
MAHALA
Agasti: Inyanga Yabesifazane – sibethulela
isigqoko abantu besifazane
Sithi CHA Obisini
Lwebhodlela, sithi YEBO
Ekunceliseni Ibele!
Ezempilo | Health Matters - Edition 8 1
AbezeMpilo kwaZulu Natal bafisa ukubonga bonke abasebenzi bezempilo
besifazane ngokuzimisela kwabo ekunikezeni abantu bakithi usizo
lwezempilo olusezingeni eliphezulu, naphezu kwazo zonke izinselelo
esibhekene nazo. Siyibonga kakhulu imizamo yenu.
Sifisela bonke abesifazane bakwaZulu Natal inyanga yabesimame
ejabulisayo – umoya wenu namandla enu kungumgogodla wesizwe sethu!
Malibongwe igama lamakhosikazi!
Wathint’ abafazi wathint’imbokodo!
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
KuNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu Natal UDkt. Sibongiseni Dhlomo
Kophethe UMnyango Wezempilo KwaZulu Natal UDkt Zungu
UDKT. MUSA GUMEDE, IPHINI LOMQONDISI WEDOLOBHA, KWEZEMPILO NAKWEZENHLALO IZINSIZAKALO, KUMASIPALA WASETHEKWINIKule nyanga yokukhumbula abesifazane besifundazwe sethu, uphiko lwezempilo kuMasipala
waseThekwini luthanda ukucela bonke abantu besilisa ukuba baqinisekise abesifazane ukuthi
bayabahlonipha futhi bayababonga. Ukushaya umuntu wesifazane akulona neze uphawu
lobudoda; kuwuphawu lobuthaka endodeni.
Ngempela abesifazane bawumgogodla wesizwe sethu, ikakhulu labo abasebenza
ngokuzikhandla emasimini, ogogo nalabo abangomama abangabodwa okuthi yize bebhekene
nezinselelo baqhubeke beyenza yonke imisebenzi yabo njengabondli bemindeni yabo nanjengabesifazane abasebenzayo.
Lo msebenzi awulula, futhi thina njengesifundazwe sazi kahle ukuthi kuningi okusadingeka kwenziwe ukuze kuthuthukiswe
izimpilo namathuba ezomnotho kubantu besifazane. Sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi abantu besimame bathola
ukuphathwa kahle okubafanele, ikakhulukazi omama nogogo.
Njengoba eThekwini kugujwa inyanga yabesifazane, siyabancoma labo besifazane abanesibindi abaqhubeka bezama ukuba
nempilo engcono naphezu kwezingqinamba. Sincoma bonke abantu besimame, kungakhathaliseki ukuthi bangomama
abasebenza edolobheni noma ogogo abasebenza emasimini… niyisikhuthazo kithi sonke. Siyazi ukuthi ukuthuthuka
kwezomnotho kwabantu besifazane kudingeka kusheshiswe ukuze babe nolwazi oluthe xaxa namandla lapho kwenziwa
izinqumo ekhaya, futhi sizimisele ukuqinisekisa ukuthi lokho kuyenzeka. Sithi niyijabulele inyanga yabesifazane!
Kophethe UMnyango Wezempilo KwaZulu Natal UDkt Sibongile ZunguNjengoba sigubha inyanga yaBesifazane, abeZempilo kwaZulu Natal bathanda ukuthatha
leli thuba bakhumbuze abesifazane ngezinto ezinkulu esiye sazenza eminyakeni edlule.
Njengezwe, sesenze lukhulu ekukhuphuleni abantu besimame babe seqhulwini, ngokubavulela
amathuba, nangokuqinisekisa ukuthi bayamelelwa kuyo yonke imikhakha kahulumeni kanye
nasemphakathini. Kodwa uhambo lwethu alukafiki esiphelweni, kusekuningi okufanele
kwenzelwe abesifazane ikakhulu ekutholeni izinkonzo zezempilo.
Siwumnyango sizimisele ukugxila kakhulu kubantu besifazane nasezinganeni, ekusindiseni
abesifazane abaningi lapho bebeletha, ekwenzeni kube lula ngabesifazane, ikakhulu ababuthaka, abagugile nabakhubazekile
ukuba bathole ukunakekelwa kwezempilo ezindaweni lapho izinto zokuhamba ziseyinkinga khona, ukunikeza izinkonzo
zezempilo ezigxile kakhulu kumama nasenganeni. Singathanda ukukhuthaza abesifazane bakwaZulu Natal ukuba bayithathe
le nselelo futhi babe nolwazi namandla ezinqumweni abazithathayo, ikakhulu ezindabeni zokukhulelwa kanye nezocansi.
Kuyilungelo lenu ukungavumi ukuya ocansini uma lingasetshenziswa ijazi likamkhwenyana, kanti futhi nani ninelungelo
lokukhetha ezindabeni zokuhlelwa komndeni.
Lude ukhalo esesiluhambile, kodwa luselude nakakhulu olusele ekuqinisekiseni ukuthi ukuzidela kwabesifazane abafela
inkululeko yethu akulona ize.
Kini nonke nina besifazane abaqhubekayo beba negalelo ekunakekelweni kwezimpilo esifundazweni – odokotela,
abahlengikazi, abanakekeli bempilo bomphakathi, ababelethisi, ogogo abanakekela abazukulu babo njengoba izingabe zabo
zisuke zingekho ziyofuna amadlelo aluhlazana kwezomnotho, nonke nina besifazane, sinethulela isigqoko futhi siyanibonga
ngemizamo yenu nangothando lwenu ekwenzeni ukuba kube nomahluko.
Mababongwe abantu besifazane, ngoba wathint’ abafazi wathint’ imbokodo!
Umlayezo ovela...
Ezempilo | Health Matters - Edition 82
Liyanda inani logogo eNingizimu Afrika abathatha indima yokuba umzali kubazukulu babo, ngesikhathi abazali babazukulu behamba beya emadolobheni beyofuna umsebenzi. Ngenxa yokungabi nazo izinto eziningi kuhlanganise nokuthi iminyaka isihambile, abaningi bakuthola kunzima kodwa bambalwa abakhonondayo. Phakathi no-Agasti, inyanga yabesifazane, kufanele sicabange ngomthwalo nobunzima iningi logogo abasemakhaya ababhekana nabo bekhulisa izingane zethu.
Izinkinga zempiloUSlindile Mbatha ungomunye wabo.
Ngokweminyaka yakhe bekufanele
ngabe usethatha umhlala phansi.
Kodwa njengoba eneminyaka engu-60,
usanakekela abazukulu bakhe abathathu
ngoba unina walezingane ongayedwa
usebenza ezindlini endaweni eqhele
ngamakhilomitha angu-200 ukusuka
lapha.
“Ngaqala ukubanakekela besebancane.
Ngibenzela konke abakudingayo
futhi lona omncane ucabanga ukuthi
ngingunina,” esho. “Usuku lwami luqala
ngehora lesihlanu ekuseni. Ngivuka
ekuseni ngilungiselele izingane ukuya
esikoleni, ngemva kokuba sebeye
esikoleni ngibamba amatoho, ngithatha
lona omncane uZanele ngihambe naye
ngoba ngeke ngikwazi ukukhokhela
izindleko zenkulisa,” kunezela uSlindile.
Ukuyisa lona omncane emtholampiloLona omncane uZanele sekuyisikhathi
egula futhi uSlindile useqala
ukukhathazeka. Unina walezingane
angakwazi ukuzovakasha kanye kuphela
ngenyanga, nakhona uma ekwazile.
“Kunzima ngami ukuhamba yonke
lendlela ngiya emtholampilo, kodwa
kufanele ngiye. Ukube benginemali
yetekisi bekuzoba lula,” kusho
uGog’uSlindile. Ngeshwa, kufanele
ahambe ibanga elingu-10km ngenxa
kaZanele. Lo gogo oneminyaka engu-
60 uhlushwa umfutho ophezulu wegazi
futhi uzizwa ebuthakathaka lapho etheza
izinkuni zokubasa uma esebuyela
ekhaya. Ukuthwala imithwalo enzima
kwenza isimo sakho sibe sibi kakhulu,
kodwa akukho angakwenza. “Lena
indlela engiphila ngayo kusukela ngaqala
ukunakekela lezi zingane. Othile kufanele
akwenze lokhu, futhi lowo muntu yimina,”
uyanezela.
Ukubasiza ngezinto zesikoleLapho izingane zifika ekhaya zimphathele
izindaba ezimbi. USindi, umzukulu
omdala, ubelwa esikoleni. Kusasa
kufanele ahambe ugogo ayobonana
nothishanhloko. “Iyangikhathaza indlela
aziphatha ngayo. Uhlala elwa angikwazi
ngisho nokumkhuza. Sengimdala
ukuba ngingenza lokho.
Kungenzeka ukuthi lokhu
kubangwa ukuthi
ukhumbula unina
kakhulu,” esho.
Ngemva kokudla
u k u d l a n a
kwantambama
u y a b a s i z a
ngomsebenzi
w e s i k o l e .
“Angitholanga
i m f u n d o
etheni kodwa
angifuni ukuthi
bona ikusasa
labo lifane nelami. Ngizobasiza ngakho
konke engingakwazi ukubasiza ngakho.
Kufanele babe nemfundo engcono,”
kusho uSlindile okhathele.
Izinsuku ezinzima, nobusuku obubandayoNgemva kwehora leshumi ebusuku,
uSlindile uzilungiselela ukuyolala,
ekhathele futhi egula. Indlu yodaka
abahlala kuyo isibanda kakhulu.
Ngesikhathi semvula iyanetha kanti
akekho nomuntu wesilisa ongayilungisa.
“Ngizama kanzima ukusiza indodakazi
yami ngokunakekela lezingane. Oyise
abasisizi nhlobo. Uma ngingabanakekeli,
ngubani ozokwenza lokho? Mhlawumbe
ngolunye usuku bazongondla lapho
sebekhulile,” esho ngethemba.
Ungabathathi kancane abantu asebekhulile, ukuthula kwabo ngesikhathi sobunzima akusho ukuthi abakudingi
ukunakekelwa.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:
EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini
U-Zohra Mohamed Teke (Umhleli)U-Coliwe ZuluU-Themba MatsengarwodziU-Themba MngomezuluU-Nonhlanhla VeziU-Patricia McCrackenU-Dudley ViallU-Bianca Schmitz (Umthwebuli wezithombe - Cover Pic)
Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma [email protected] noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321.
ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.
OKUPHAKATHI • UKUGXILA ENYANGENI YABESIFAZANE - INDATSHANA KAGOGO
• U-AGASTI: INYANGA YABESIFAZANE - IMPILO YABESIFAZANE
INDABA YOMPHAKATHI
• U-AGASTI: INYANGA YOKUNIKELA NGAMALUNGU OMZIMBA
• UMNKANTSHA: KONKE ODINGA UKUKWAZI
• AGASTI 1-7: ISONTO LOMHLABA WONKE LOKUNCELISA IBELE
• AGASTI 1-7: IVIKI ELIQWASHISA NGOKUGOMA KUZWELONKE
• IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGO -AGASTI
• UKUBAMBA IQHAZA EMPHAKATHINI
• AKE SITHI NHLA
Ukugxila Enyangeni YabesifazaneIndatshana kagogo
“Indlela eshesha kunazo zonke yokushintsha umphakathi wukwenza abantu besifazane emhlabeni babe namandla okusebenza”
Ezempilo | Health Matters - Edition 8 5
Uma owesifazane enempilo uba nomfutho kanye namandla okuba ngumama, umondli futhi afeze izindima eziningi emphakathini wakhe nasemndenini. Kaningi abesifazane abazinaki izidingo zempilo yabo ngoba bematasatasa kakhulu benakekela izidingo zabanye.
Kulenyanga ka-Agasti, njengengxenye
yenyanga yabesifazane, kubalulekile
sizikhumbuze ukuthi abesifazane
bawumgogodla wesizwe – hhayi
ngokuba ogogo kuphela, kodwa
nomama nabondli. Impilo yowesifazane
indaba yomphakathi ngoba kaningi
yibona abesifazane abanakekela
izidingo zomkhaya, ngisho noma
esebenza ngaphandle kwekhaya. Kuba
ngabesifazane abagcina ngokunakekela
abasebancane ngesikhathi izingane
zoba zihamba ekhaya ziyofuna
umsebenzi emadolobheni. Kaningi,
impilo yowesifazane ayinakwa – ngisho
nabo abesifazane ngokwabo, kuze
kube yilapho bengasenakubekezela
noma sekwephuze kakhulu. Sidinga
ukushintsha lokhu, sikhuthaze bonke
abesifazane esibaziyo ukuba banakekele
impilo yabo ngoba owesifazane
onempilo wakha umphakathi onempilo.
Njengengxenye yenyanga yabesifazane,
ake sibheke ezinye zezinkinga zempilo
ezithinta abesifazane kakhulu:
UKUNGONDLEKI KAHLEUkungondleki kahle kuyinkinga evamile
futhi ethikameza impilo kubantu
besifazane. Njengomphakathi, kaningi
sibeka izaba zokuthi ‘abesilisa badla
kakhulu’ bese abesifazane banikela
ngokwabo ngenxa yabesilisa endlini.
Ukungadli kahle kumuntu wesifazane
kusho ukuthi lapho esemusha ukhula
kancane kakhulu, abe amathambo
angakhuli kahle futhi aqale ukuhlushwa
impilo ebuthakathaka, kuhlanganise
nokukhathala, ubuthakathaka kanye ne-
anemiya (iphrotheni esegazini). Uma
owesifazane onenkinga yokungondleki
kahle ekhulelwa, kungenzeka abenezimo
ezibucayi zenkinga yokubeletha,
njengokopha kakhulu okungaholela
ekufeni, ukutheleleka ngegciwane, noma
usana oluzalwa luluncane kakhulu.
AMAGCIWANE ATHATHELWANA NGOCANSI NENGCULAZA NEGCIWANE LAYOOwesifazane usengozini enkulu yokuthola
amagciwane athathelwana ngocansi
noma ingculaza negciwane layo ngoba
kaningi abanazwi empilweni yocansi
nempilo kanti abaningi abenqabi ukuya
ocansini ngaphandle kwekhondomu
besaba ukuphatha kabi owesilisa. Uma
isidoda sihlala emzimbeni wowesifazane
amagciwane okungenzeka siwathwele
angangena egazini lakhe, futhi njengoba
kaningi owesifazane engabi nazo
izimpawu zokutheleleka, uzohlale
engazi ukuthi usethelelekile futhi
angakutholi ukwelashwa. Ngaphandle
kokwelashwa, izifo ezithathelwana
ngocansi zingabangela uubuhlungu
obungakhubaza, nesifo esinzima
esiphathelene nonkimfi, ukungazali,
izinkinga ngesikhathi ekhulelwe,
ukukhula kwengozi yomdlavuza
wesibeletho ngisho nokufa.
Ngenxa yalesisizathu, kubalulekile ngowesifazane
ukuba alawule impilo yakhe yocansi – ukuthi cha
ngokuya ocansini ngaphandle kwekhondomu kuyilungelo
lakho, hhayi nje into yomtakabani!
UKUKHULELWA KWENTSHAAmantombazane asemasha angaphezu
kuka-17,000 e-KZN akhulelwa ngonyaka
odlule kuphela. Ezimweni eziningi
amantombazane asemasha ahehwa
izithembiso zemali azoyithola kobaba
abadala ‘o-sugar daddy’ uma eya nabo
ocansini ngaphandle kwekhondomu,
ngemva kwesikhathi bayawalahla uma
esekhulelwe. Umphumela kuba umama
osemncane okufanele anakekele ingane
ongenamfundo etheni nongenakhono
lokuzondla. Ngenxa yalesi sizathu,
uNgqongqoshe Wezempilo
e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo
uyakulahla ngempela ukukhulelwa
kwamantombazane asemasha.
“Okokuqala, ukukhulelwa kwabantu
abasebasha kwandisa ingozi yengculaza
negciwane layo futhi kungaholela
nasekufeni kukamama kanye nengane,”
kusho uDkt Dhlomo.
UDLAMEUdlame olubhekiswe kubantu besifazane
inkinga yezempilo, hhayi nje inkinga
yomphakathi. Udlame olubhekiswe
kubantu besifazane lukhinyabeza
indlela acabanga ngayo, imizwa
nempilo yakhe. Abesifazane abaningi
basaphoqelelwa ukuba baye ocansini
noma bahlukunyezwe ophathini babo
uma benqaba. Ukudlwengulwa kaningi
akubikwa. Khuluma futhi ulawule impilo
yakho, ungathuli!
IZINGOZI EMSEBENZINIAbesifazane babhekana nengozi
yezempilo nsuku zonke emsebenzini
abawenzayo. Ekhaya, isifo samaphaphu
ngenxa yentuthu noma ukushiswa
lapho bepheka kuvamile, noma kunjalo
abesifazane bayaqhubeka bemukela
izingozi, ngoba bakhule ngalendlela
bajwayela ukusebenza ngaphansi
kwalezizimo. Ngokwesibonelo, izigidi
zabesifazane zisebenza ngaphandle
kwemizi yabo, kaningi amahora amade
futhi zisebenza kanzima ezindlini. Noma
kunjalo kaningi bayaqhubeka besebenza
kanzima uma befika ekhaya, okuholela
ekusebenzeni ngokuphindwe kabili.
Lokhu kuholela ekukhathaleni bese
kuphakama amathuba okugula.
Zisize futhi usize nabanye abesifazane
ngokulawula impilo yakho nokulalela
umzimba wakho — impilo yakho
ingamandla akho.
“Omama abanempilo bakhulisa izingane ezinempilo. Izingane
ezinempilo zikhula ziqine futhi zifunde kangcono zisize
ekwakheni imiphakathi ephumelelayo. Uhlelo
lwezempilo olunakekela omama nezingane luzonakekela
umphakathi wonke” UNgqongqoshe Wezempilo
uDhlomo
Impilo yabesifazane indaba yomphakathi
AMALUNGELO ABESIFAZANE EZEMPILO NGOKUSHO KWENCWADI YOMTHETHO YABESIFAZANE:
• Kumelwe kunikezwe izinkonzo zokunakekelwa kwempilo ezilinganayo, ezingambi eqolo, okulula ukuzithola nezifanele ezihlangabezana nezidingo zabesifazane, nezibaphatha ngenhlonipho. Abesimame kumelwe benziwe bawazi amalungelo abo maqondana nezinkonzo zezempilo. Izinkonzo zezempilo kumelwe zihlelwe ngendlela yokuthi zihlangabezane nezidingo zabesifazane zempilo kanye nezinto abazidinga kakhulu. Uhulumeni kumelwe anikeze bonke abantu izinkonzo ezisekela ukuphila eziyisisekelo, njengamanzi kanye nemithetho yenhlanzeko nempilo.
• Abesifazane banelungelo lokulawula imizimba yabo, kuhlanganise nelungelo lokunquma ezindabeni zokuzala.
• Abesifazane kufanele bathole ulwazi ukuze bakwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile ngemizimba yabo. Lolo lwazi luhlanganisa ulwazi mayelana nempilo ehambisana nokuzala, izifo ezithathelwana ngocansi, ingculazi, ukuvimbela inzalo, umdlavuza wesibeletho nomdlavuza wamabele, ukungabi nenzalo, ukunakekelwa kwempilo ngesikhathi ukhulelwe, ngesikhathi ubeletha nangemva kokubeletha.
• Abesilisa nabesifazane kumelwe baluthole mahhala ulwazi nemfundo mayelana nezinkonzo zokunakekelwa kwempilo ephathelene nokuzala.
• Wonke umuntu uyothola ukudla okwanele okunomsoco.
U-AGASTI: INYANGA YABESIFAZANE
“Umuntu wesifazane ufana nezinkambi zetiye, ngeke wazi ukuthi unamandla angakanani kuze kube yilapho umfaka emanzini ashisayo”
Ezempilo | Health Matters - Edition 8 7
Kungani kufanele ngisize?Minyaka yonke izinkulungwane zabantu
baseNingizimu Afrika abahlukahlukene
ngeminyaka nangobuhlanga batholakala
benezifo ezinjenge-Leukaemia noma
ezinye izifo ezihambisana negazi
ezisongela ukuphila. Abangu-75%
kulezi ziguli baneminyaka engaphansi
kuka-25. Okuwukuphela kwethemba
labo ukufakelwa i-stem cell yegazi evela
kumuntu onohlobo lwethishu olufana
lolwabo. Ngaphandle kwaloku kufakelwa,
bayokufa noma ikanjani. Konke
kuxhomeke kubantu abavamile abafana
name nawe abafisa ukunikela NGESIPHO
SOKUPHILA esimangalisayo. Amathuba
okuthola uhlobo olulodwa angu-1 ku-100
000 futhi kungaba nguwe! Kungenzeka
kube nguwe wedwa emhlabeni ongaba
nohlobo olufana nolomuntu odinga usizo
futhi usindise ukuphila kwakhe.
Ngubani onganikela?Noma imuphi umuntu onempilo
oneminyaka ephakathi kwengu-18
nengu-50 anganikela. Sonke sizalwa
“sinohlobo oluthile lwamathishu”
asetshenziselwa ukuhlobanisa
abanikelayo neziguli. Abantu besizwe
noma bohlanga olulodwa banamathuba
amaningi okuba nohlobo olulodwa,
yingakho kubalulekile ukuba wonke
umuntu ukuba azame ukunikela;
ngeke wazi ukuthi ukuphila kukabani
ongakusindisa!
Iyini I-South Africa Bone Marrow Registry?Yinhlangano ebhalisa abantu
abasethubeni lokunikela ngomnkantsha
futhi kakade isinabantu abayizigidi
ezingu-10,6 ababhalisile. Umanje
ungumnikeli, uzobhaliswa bese bezama
ukuhlobanisa ithishu yakho naleyo
eyeziguli ezingazuza.
Kungani abantu bedinga ukufakelwa umnkantsha?Unyaka ngamunye izinkulungwane
zabantu abanesifo esithinta igazi bafika
ezingeni lapho lokhu sekuwukuphela
kwethuba lokwelashwa noma lokusinda.
Ukufakelwa umnkantsha kukusindisa kanjani ukuphila?Umnkantsha wesiguli onesifo ubulawa
ngenhlanganisela yemithi nemisebe
ewushisayo. Kube sekufakelwa ovela
kumuntu onikelayo onempilo ngesirinji
bese ama-stem cell akha igazi aye
ezimbotsheni ezisemathanjeni amakhulu
lapho engena aqala ukukhiqiza igazi
elivamile.
Yini umnkantsha?Lena ithishu engafaniswa nemboni
yokukhiqiza amaseli abomvu athwala
i-oksijini, amaseli amhlophe alwisana
nezifo nama-platelet avimbela ukopha.
Lona onikelayo wenzani?Uma ufaneleka, kuzodingeka ukuba
kuthathwe isampula legazi elincane
elizoyiswa kumalabhorethri akhethekile
ukuze kuhlolwe inhlobo yethishu.
Imiphumela ibe isifakwa kwikhompyutha
yomhlaba wonke yale nhlangano, bese
beqala ukufuna ohlobana nethishu yakho
Ikhona yini imiphumela emibi?Ukufakelwa izitho kwezingane
zandawonye bekulokhu kwenzeka
eminyakeni engaphezu kwe-10;
imiphumela emibi yesikhashana kuba
izimpawu zomkhuhlane noma ubuhlungu
bamathambo obuncane.
U-Agasti: Inyanga Yokunikela Ngamalungu OmzimbaISibhedlela Esikhulu Inkosi Albert Luthuli siqopha umlando!
NgoJuni kulo
nyaka, u-Akhona Xaba
oneminyaka engu-16 ubudala ube
ngowokuqala e-KZN ukuhlinzwa afakelwe
i-stem cell eSibhedlela Esikhulu Inkosi
Albert Luthuli eThekwini. U-Akhona uphethwe
yi-acute myeloid leukemia, okungumdlavuza
wamangqamuzana egazi amhlophe omzimba.
Lamangqamuzana akhiqizwa ingxenye yomzimba
ebizwa ngokuthi umnkantsha elwisana nezifo.
U-Akhona ubedinga othile onganikela
ngomnkantsha ukuze umzimba wakhe
ukhiqize amangqamuzana egazi
avamile. Ngaphandle kwalokho,
ubezofa.
Isimanga size ngodadewabo omncane,
uYoliswa, oye wanquma ngaphandle
kokungabaza, ukunikela ngowakhe
umnkantsha ku-Akhona ukuze
asindise ukuphila kwakhe. Uhlinzwe
ngokuphumelelayo kanti lokho kwenze
u-Akhona waqina wazimisela nakakhulu
ukuba asinde. “UYoliswa ungilethele
ithemba wasindisa ukuphila kwami.
Bengilokhu ngiphuma ngingena
ezibhhedlela lapho ngiqala ukugula ngo-
2008, futhi ubaba washona ngalowo
nyaka. Umama nawo wonke umndeni
wabhekana nosizi olukhulu kanti nami
kwadingeka ngiyeke isikole ngenxa
yokugula. Manje ngiyajabula ukuthi
nginethuba lokusinda,” kuchaza u-Akhona
osemusha. “Angibuzwanga
ubuhlungu. Obekubalulekile
nje ukuhlenga ukuphila
kukadadewethu ngaphezu
kwanoma yini enye,”
kwenezela udadewabo
omncane uYoliswa.
Kudingeka abansundu abengeziwe abazonikela
ngamalungu omzimbaU-Akhona ungomunye wedlanzana
elinenhlanhla. Bashoda kakhulu
abansundu abazonikela ngamalungu
omzimba kuleli zwe, yize bedingeka
kakhulu. Abanikelayo abawuhlanga
olulodwa bahambelana kahle nesidingo
sesiguli esiyilolo hlanga. INingizimu
Afrika idinga okungenani abansundu
abangu-100 000 abazonikela
ukuze kusindiswe ukuphila kwalabo
abahlushwa izifo ezihambisana negazi
njengo-Akhona.
I-sickle cell AnaemiaThatha isibonelo sikaSarah Matondo
Masamba oneminyaka engu-11 ubudala
owazalelwa eCongo ohlala eTranskei.
Kwatholakala ukuthi une-sickle cell
anaemia ngemva kwezinyanga
eziyisikhombisa ezelwe. Lokhu kusho
ukuthi igazi lakhe alithwali i-oksijini
eyanele. Sekuyiminyaka efuna umuntu
ozonikela ngomnkantsha ukuze aphile.
Odadewabo abathathu baye bahlolwa
bonke kodwa ngeshwa akekho onohlobo
olufana nolwakhe. Ithemba lakhe
lokugcina ukuba kuze abanikeli abasha.
Abanikeli basindisa ukuphilaMinyaka yonke izinkulungwane zabantu
baseNingizimu Afrika abahlukahlukene
ngeminyaka nangobuhlanga batholakala
benezimo ezisongela ukuphila.
Abangu-75% kulezi ziguli baneminyaka
engaphansi kuka-25 kanti okuwukuphela
kwethemba labo ukufakelwa i-stem
cell yegazi evela kumuntu onohlobo
lwethishu olufana lolwabo. Ngaphandle
kwaloku kufakelwa, kungenzeka bafe.
Ozonikela akudingeki akhokhe zindleko,
futhi khumbula njalo ukuthi akukho
emthethweni ukuthengisa nganoma iliphi
ilungu lomzimba wakho ngenxa yemali!
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokunikela ngelungu lomzimba i-Sunflower Fund kule Nombolo yamahhala 0800 12 10 82
UMNKANTSHA: Konke Odinga Ukukwazi
“Impilo yabesifazane ibonisa izinga lobulungisa kwezenhlalo kanye nesilinganiso sokuhlonishwa kwamalungelo abesifazane emphakathini obuswa ngentando yeningi.” – UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu Natal, u-Dkt Sibongiseni Dhlomo
Ezempilo | Health Matters - Edition 86
Ezempilo | Health Matters - Edition 88 Ezempilo | Health Matters - Edition 8 9
Ezempilo | Health Matters - Edition 810 Ezempilo | Health Matters - Edition 8 11
Kodwa isandulela-ngculazi nengculazi
yenza abantu bakhathazeka ngesikhathi
bethola okokuqala ukuthi leli gciwane
lingadluliswa ngobisi lwebele. Abanye
babona ukuthi mhlawumbe ubisi
lwebhodlela oluthengwayo luphephe
kakhudlwana futhi baluzama.
Kodwa imiphumela iye yabonisa
ukuthi ibhodlela liyingozi kakhulu.
Abantwana abanesandulela-ngculazi
basemathubeni aphindwe kabili
okushona uma benceliswa ibhodlela,
okungesinye sezizathu esenza
abezeMpilo kwaZulu Natal banquma
ukuyeka ukunikeza zonke izibhedlela
nemitholampilo ubisi lwebhodlela
kusukela enyangeni edlule.
Ekugcineni manje wonke umuntu
useyaqiniseka ukuthi ibele lingcono
kakhulu kungakhathaliseki ukuthi
unesandulela-ngculazi noma cha –
kodwa kumelwe uqikelele ukuthi uncelisa
kanjani uma unesandulela-ngculazi, futhi
ukuze sikusize uqonde, nazi ezinye
iziqondiso ezivela kochwepheshe:
1. Qiniseka ukuthi udla imishanguzo
ye-ARV noma ingane yakho idla
i-nevirapine (khuluma nesisebenzi
sezempilo sangakini ngalokhu).
2. Ezinyangeni eziyisithupha zokuqala,
ingane yakho kumelwe incele ubisi
lwebele – ubisi lwebele kuphela.
3. Ungalingeki ukunika ingane yakho
ijusi ngisho namanzi imbala uma
yomile – yinike ubisi lwebele kuphela
kuze kuphele izinyanga eziyisithupha.
Ubisi lwebele luqukethe amanzi anele
angaqeda ukoma kwengane yakho.
4. Yinike ukudla okuqinile ngemva
kwezinyanga eziyisithupha.
5. Uma ingane uyishiya nomzanyana,
faka ubisi lwakho lwebele ebhodleleni
ukuze umzanyana aluncelise ingane
yakho uma sekufanele incele.
Lungahlala ngaphandle kwefriji
amahora afinyelela kwayisithupha
futhi luphephe.
6. Uma othile ekubuza ukuthi wenzani,
mchazele izizathu ezenza ukuncelisa
ibele kube yindlela engcono kakhulu,
umtshele nokuthi bonke odokotela
nemitholampilo bayakusekela lokhu
kukodwa!
Amanga yinto abantu abayikhuluma
bengenabo ngempela ubufakazi
bokusekela lokho abakushoyo. Njengoba
kule nyanga sigxile obisini lwebele, ake
sibone amanye alawo manga.
AMANGA OKUQALA: “Ubisi lwebele
luyafana nje nobisi lwebhodlela
oluthengwayo – mane ukhethe lokho
okulula kuwe”
IQINISO: Ubisi lwebele luqukethe
izithako ezingaba yikhulu ezingafani nse
nezobisi lwebhodlela oluthengwayo, futhi
yingakho luvame ukubizwa ngokuthi
ukudla kwemvelo okuyisimangaliso.
Lunesithako esisiza umzimba wengane
yakho omncane ukwazi ukugaya
amafutha kanye neprotheni eyakha
umzimba okulula ngesisu sengane
yakho ukuyigaya.
AMANGA ESIBILI: “Ubisi lwami
luwuketshezi kakhulu – kumelwe
ngincelise ingane yami ibhodlela”
IQINISO: Ukholwa noma ungakholwa,
lolo bisi oluwuketshezi kakhulu noma
olungazathi lunamanzi oluphuma
ezinsukwini ezimbalwa zokuqala
ngaphambi kokuba ibele lakho likhiphe
ubisi oluvamile luwubisi olunothe kakhulu
ngoba lunezinye izithako ezivikela
ingane yakho neziqinisa umzimba wayo
emasontweni nasezinyangeni zokuqala
izelwe. Ngakho, wuphawu oluhle lolo,
hhayi olubi, futhi lusho ukuthi kumelwe
uqhubeke. Uma uncelisa ingane yakho
ibele usuke uyisiza kakhulu ngoba
izokhula ibe nomzimba oqinile, iphile
kahle ngokomzwelo, imilise kahle,
ibe nezinsini nemihlathi ekhula kahle,
ivikeleke ezifweni, ubuchopho bukhule
kahle futhi ukuncelisa kwenza nina
nobabili nisondelane kakhulu, into
ongeke uyithole nganoma iyiphi enye
indlela.
AMANGA ESITHATHU: “Ukuncelisa
kunzima kakhulu”
IQINISO: Abanye omama bayesaba
ukuncelisa ngoba bakholelwa ukuthi
kumelwe kuzenzakalele kalula nje futhi
bafuna izinto zivele zihambe kahle
zisuka nje. Kodwa, njengezinto eziningi
ekuphileni, ukuncela nokuncelisa yinto
umama nengane okufanele bayijwayele.
Kubalulekile ukuhlala ukhululeke futhi
wenze ingane yakho ukuba ilibambe
kahle ibele ngomlomo (ingxenye
enkulu yebele emnyama kufanele ibe
semlonyeni wengane) ngoba ukudonsa
kwayo ubisi kusiza umzimba wakho
ukuba wenze olunye ubisi. Uma wesaba
futhi uyibambela kude ingane, izomunca
ingono yakho. Lokho kungakuzwisa
ubuhlungu, kukulimaze futhi kwenze
ingono isikeke. Kusho nokuthi ngeke
wenze ubisi olwanele, ngakho ingane
yakho izolamba futhi ingajabuli. Cela
umngane emphakathini noma othile
esontweni noma emtholampilo ukuba
akusize, luningi usizo, mane ulucele,
awuwedwa.
AMANGA ESINE: “Anginaso isikhathi
sokuncelisa”
IQINISO: Ake ume kancane ucabange
ngesikhathi (nangemali) osichitha
uthenga ubisi lwebhodlela, izitsha
zakhona, usteralayza amabhodlela,
wenza ibhodlela uze ngisho uhlole
ukuthi ukushisa noma ukubanda
kusesilinganisweni esifanele yini ngemva
kokulugcina efrijini. Ubisi lwebele luhlale
lunesilinganiso sokushisa esifanele futhi
ngeke kuthiwe lwenziwe kabi noma
lunamagciwane – ngoba lunazo zonke
izithako ezifanele futhi alunamagciwane,
okuyisizathu esikhulu nakakhulu sokuba
lubizwe ngokuthi yisipho semvelo.
AMANGA 5: “Ngeke ngikhulelwe uma
ngincelisa!”
IQINISO: Abesifazane abaningi
baye bawakholelwa la manga futhi
bazithola sebekhulelwe! Ungalokothi
uzifake kuleso simo ¬– kunalokho
hlela uma ufuna izingane, ucabangele
zona uzicabangele nawe. Khuluma
nesisebenzi sezempilo emtholampilo
wangakini mayelana nokuhlela umndeni
kanye nezindlela zokuvimbela inzalo
ngemva kokubeletha.
IBELE LINGCONO KAKHULU; UNGAVUMELI MUNTU AKUTSHELE
OKUNYE.Agasti 1-7: Isonto lomhlaba wonke lokuncelisa ibele
UBISI LWEBELE: Bhekana Namaqiniso
Kungani kufanele uyeke ubisi lwebhodlela
Ngemva kokukhuthaza ubisi lwebhodlela iminyaka eminingi, manje ochwepheshe sebevumelana
ngokuthi ukunika ingane yakho ubisi lwebhodlela oluthengwayo kubeka impilo yayo engozini.
Ubisi lwebele luqinisa umzimba wengane yakho ukuba ukwazi ukulwa nezifo ngendlela ubisi
lwebhodlela olungasoze lwawuqinisa ngayo. Yingakho izifo ezithathelanayo (njengesifo sohudo
nezifo zesifuba) zibulala izikhathi eziphindwe kayishumi izingane ezincela ibhodlela ukudlula
izingane ezincela ibele – futhi yingakho ochwepheshe bethi ukuncelisa ingane yakho ibele
kuyinto enhle kakhulu ongayenzela ingane yakho esanda kuzalwa.
Nazi izizathu ezine ezinkulu zokuthi kungani kumelwe ucabange ngokuvikela ingane yakho
ngokuyincelisa ibele:
1. ENingizimu Afrika, isifo sohudo sibulala izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu
ezingaba ngu-10 000 ngonyaka – lokho kusho ukuthi kufa izingane ezingu-25 ngosuku. Eziningi
zazo zazincela amabhodlela ayengenziwa ngokuphepha noma engagcinwa ngokuphepha.
2. Kuyinhlolovo eyenziwa emitholampilo yaseNingizimu Afrika yezingane ezisanda kuzalwa,
isilinganiso samabhodlela amabili kwamathathu ayencelwa yizingane atholakala ukuthi
anamagciwane abangela uhudo – nangabulala umntwana.
3. Amafriji, ngisho nawasezibhedlela, awabandi ngokwanele ngaso sonke isikhathi. Ngakho,
amagciwane ayingozi ayakheka obisini lwebhodlela ngisho nangaphambi kokuba luncelwe
yingane.
4. Ukuncelisa ibele kuyimvelo, akubizi mali futhi kunempilo kakhulu. Ubisi lwebhodlela luyabiza,
okuyisizathu esenza umama oyedwa kwabathathu asebenzise ubisi oluncane kodwa lokho
kuyingozi empilweni yengane nasekukhuleni kwayo. Izingane ezincela ubisi lwebele futhi
ezinceliswa kahle zikhula zibe zinde, zibe nempilo, zibe namandla, zihlakaniphe kakhudlwana,
futhi zithole inzuzo enkudlwana uma sezingabantu abadala.
Ungancelisa yini ibele uma unesandulela-ngculazi?SELOKHU kwathi nhlo, ogogo, abahlengikazi nodokotela bebevumelana ngento eyodwa – ukuncelisa ingane ibele kuyinika isiqalo esihle kakhulu ekuphileni. Lokho kungenxa yokuthi wubisi lwebele kuphela olunezithako ezikahle kakhulu ezisiza ingane yakho ukuba ikhule kahle, futhi luqukethe nezinye izithako ezikhethekile ezivikela umzimba wayo omncane.
Ezempilo | Health Matters - Edition 812
U-HOD WEZEMPILO E-KZN UDKT SIBONGILE ZUNGUUDkt Zungu usuka ngaphansi kwesisekelo esiqinile ekunakekelweni kwezempilo futhi wakhethwa njengo-HOD ngo-Agasti 2009. Esikhathini esidlule wayesebenza emazingeni ahlukene, kuhlanganise nokuba iBamba leNhloko YoMnyango Wezempilo Nezenhlalakahle eMpumalanga, nePhini loMqondisi-Jikelele, eMnyangweni Wezempilo Nezenhlalakahle eMpumalanga, uMphathi-Jikelele Omkhulu – woPhiko Lwezinsizakalo Zezempilo, kweZempilo e-KZN, uMqondisi Omkhulu, we-Institutional Support Services Centre, Kwezempilo e-KZN. Useke wasebenza nangu-CEO, eSibhedlela saseGa-Rankuwa, waba uNsumpa Omkhulu Kwezokwelapha eSibhedlela saseSebokeng, noNsumpa Kwezokwelapha esibhedlela iCatherine Booth, uMphathi Wesikhashana Kwezokwelapha e-University of Zululand Campus Clinic kanye noMphathi Omkhulu Kwezokwelapha eSibhedlela saseNgwelezane.
Umama U-Prash Padayachee, Oyimenenja-Jikelele: Kuyi- Corporate Governance (Ekulawuleni)
UMama u-Padayachee unolwazi lweminyaka
engaphezu kwengu-36 ekulawuleni nasemisebenzini yobumenenja. Ukholelwa kakhulu ekulawuleni okuhle kanye nasemithethweni ye-Batho Pele. UMama u-Padayachee une-diploma kuyi-Public Administration, isitifiketi kuyi-Public Sector Governance, isitifiketi kuyi-Mentoring nakuyi-Coaching futhi uye walwenza ngokuphelele uhlelo olubizwa ngokuthi yi-Presidential Strategic Leadership and Development Programme.
ULenore Spies, oyiMenenja: Kwezokudla
UNksz. U-Spies wafundela ukuba yi-Dietician (udokotela wezokudla) futhi
usebenza kakhulu ngempilo yomphakathi maqondana noKudla. Wayeyilungu lekomidi elasungulwa ngo-1995 ukuze kube noHlelo Lukazwelonke Lokudla LwaseNingizimu Afrika futhi kamuva lolo hlelo lwamukelwa njengomthetho kaZwelonke ngo-1997. Uyi-Oliver Tambo Fellow futhi unezinye iziqu ekulawulweni kwezinkonzo zempilo.
UMama u-Linda Vorster, oyiMenenja: kwa-Departmental Investigation Services.
UMama u-Vorster wajoy-ina ezeMpilo kwaZulu Natal ngo-1988 futhi
kamuva washintsha umsebenzi wakhe esuka ekubeni umhlengikazi wangena kwa-Labour Relations eHhovisi Elikhulu ngo-1998. Ube nezikhundla eziningana eMnyangweni kusukela kuyi-Transport Investigations, kuyi-Inspectorate, kuyi-Forensic Pathology Services kanye ne-Hospital Policy and Systems Development. Ukholelwa ukuthi amathuba emisebenzi uwathola uma usebenza ngokuzikhandla, uma unamaphupho, uma uzimisele ukush-intsha futhi uvumelana nezimo.
U-Sam Foulkes: Oyibambela Likamenenja, Ehhovisi Lophethe Umnyango
UNksz. uFoul-kes waqala ukuseben-zela iHho-visi Lophethe
UMnyango eneminyaka engu-22.” Ku-sukela ngaleso sikhathi, uye wazikhandla futhi wakhuphukela esikhundleni akuso manje njengoBambele IMenenja eHhovisi Lophethe UMnyango. Ubonga ozakwabo asebenza nabo ngokumkhuthaza ukuba afunde engxenye ukuze athole iziqu ze-Business Management. “Nsuku zonke ngithola ithuba lokufunda futhi ngezinga elincane nami ngibe negalelo ekunakekel-weni kwempilo kangcono emiphakathini yakwaZulu Natal.”
UMama u-Nozi-pho Mthembu, iMenenja: kuyi- Human Resource Strat-egy & Planning (Ukusebenz-elana Nabantu Nokuhlela)
UMama uMthembu
wajoyina uMnyango njengesisebenzi esisekelayo kwezokuphatha, kamuva ngo-1996 wangena kwezokuphatha njen-goMqondisi kanye noyiNhloko eHhovisi likaNgqongqoshe. Uneziqu ze-BA kwezo-kuphatha, iziqu ze-Honours kuyi-Public Administration & Financial Administration, iziqu ze-Masters kuyi-Administration kanye nesitifiketi kuyi-Strategic Management. Njalo nje ubamba iqhaza kumaphrojekthi omphakathi angaphansi kweHhovisi LikaN-dunankulu lapho kusuke kusizwa khona imiphakathi ehluphekayo.
UDk. Thokosani Mhlongo, oyiMenenja: eZinkonzweni Zasesibhedlela
UDkt. Thoko-sani Mhlongo ungudokotela wesifazane osemusha, onomdlandla,
ohlakaniphile nonogqozi, futhi unothando olukhethekile ekuphathweni kwezempilo kanye nolwazi olunzulu ekuLawulweni Kwezinkonzo Zasesibhedlela, ukwakhiwa kwemithetho, ukuqinisekisa ukuthi iyenzi-wa nokubhekelela umsebenzi osezingeni eliphezulu.
IHHOVISI ELIKHULU LEZEMPILO KWAZULU NATAL...Ake wazi abesifazane abathile abasebenza ngokuzikhandla!
U-GT SHAMASE: OPHETHE ESIBHEDLELA I-BENEDICTINE
Nanku umyalezo kaMama uShamame oya kubo bonke abasebenzi basesiBhedlela
i-Benedictine, “ngamunye wenu unendima ebalulekile ekuqinisekiseni impilo yezinga
eliphezulu kubantu bakwaNongoma.”
U-BUYISILE NGESI, OPHETHE ESIBHEDLELA I- MURCHISON
Ngiyajabula ngokuba yingxenye yeQembu Elinqobayo, lelo qembu yisiBhedlela i-Murchison futhi mina nethimba lami
sizosenza sivelele isiBhedlela i-Murchi-son!
U-TINY OLGA KHANYILE, OPHETHE ESIBHEDLELA I-DON MCKENZIE
U-NTOKOZO C MKHIZE: OPHETHE ESIBHEDELA I-DUNSTAN FARRELL
U-SIBONGILE NYAWO, OPHETHE ESIBHEDLELA I-G C CROOKES
UMama uNyawo waqopha umlando ngokuba ngowesifazane wokuqala
ongum-Afrika ukuphatha isibhedlela i-G.J Crookes kusukela ngo-2002!
UMAMA UZUMA: OPHETHE ESIBHEDLELA I-APPELBOSCH
UMAMA U-NTOMBIFIKILE C THEKISO: OPHETHE ESIBHEDLELA I-EAST GRIQUA &
USHER MEMORIAL
U-ZANELE NDWANDWE: OPHETHE ESIBHEDLELA SASE- EDENDALE
U-DAWN LILLIAN LINDA ZUNGU: OPHETHE ISIBHEDLELA I-HLABISA
U-MBALI SIMELANE, OPHETHE ESIBHEDLELA I-ITSHELEJUBA
Waqokwa waba ngokwesifazane wokuqala ongum-Afrika kulesi sibhedlela!
U-BUSISIWE S MDLALOSE, OPHETHE ESIBHEDLELA SAKWADABEKA CHC
Uzichaza ngokuthi ungumuntu onge-buthaka neze nongawamukeli umsebenzi wezinga eliphansi kubasebenzi bakhe
UMAMA U-N P NGCOBO, OPHETHE ESIBHEDLELA I-KOMBE
Sihalalisa Abafazi
“Uma ufundisa umuntu wesifazane usuke ufundisa isizwe … uma ufundisa indoda, usuke ufundisa umuntu oyedwa”
Ezempilo | Health Matters - Edition 814 Ezempilo | Health Matters - Edition 8 15
Ulinde izinyanga eziyisishiyagalolunye ulindele usana lakho. Manje isikhathi sokuqinisekisa ukuthi wenza konke ukuze lukhule lunempilo – nokuqinisekisa ukuthi uyalugoma ukuze lumelane namagciwane ayingozi. Imigomo isindisa ukuphila kwezingane eziyizigidigidi emhlabeni kabanzi, kanti kumahhala lapha eNingizimu Afrika kunoma yimuphi umtholampilo, ungaphuthelwa!
Kufuneka ngiyoyigoma nini ingane yami?Lapho izalwa, emavikini ayisi-6, emavikini
ayi-10, emaviki ayi-14, ezinyangeni
eziyisi-9, ezinyangeni eziyi-18,
eminyakeni eyisi-6, eminyakeni eyi-12.
Qiniseka ukuthi ingane yakho igoma
ngesikhathi ukuze imelane nalezifo
eziyisishiyagalombili (umsebenzi
wezempilo wangakini uzokweluleka
ngalokhu): i-TB, uPokisi, i-Diphtheria,
kanye noGonqogonqo, i-Tetanus,
i-Hepatitis B, iSimungumungwane,
i-Rotavirus Gastroenteritis kanye
negciwane le-Pneumococcal
Kungani ingane yami kufanele igome ngesikhathi?Umzimba wengane yakho uya umelana
nezinto ezithile njengoba amasosha
omzimba ekhula. Ngakho-ke uma ingane
yakho isheshe yagonywa, kungenzeka
ingasabeli ngokugcwele njengoba
umzimba wayo usadinga ukukhula.
Qinisekisa ukuthi isuke isithole yonke
imigomo ebalulekile lapho inezinyanga
eziyisi-9, khuluma nomtholampilo wakho
ngalokhu.
Kwenzakani uma ingane yami yeqiwa eminye imigomo? Kuya ngeminyaka yayo nokuthi
yeqiwe yimiphi imigomo. Uma uhlelo
lokugoma lungaqalwanga ngesikhathi
okwakufanele luqalwe ngaso, imigomo
ingaqalwa ngokushesha njengendlela
evamile. Kodwa ngeke igonywe ngeminye
imigomo uma kungasadingeki noma
uma kungenzeka ukuthi ayiphephile
enganeni esikhulile, umtholampilo
wakho uzokweluleka ngalokhu.
Kugonywa kanjani?Kufakwa amaconsi emlonyeni noma
ngomjovo.
Ngazi kanjani ukuthi yikuphi okunikezwayo?Kufanele unikezwe ekhadi elithi
Road-to-Health lengane yakho,
lelo elizosetshenziswa umsebenzi
wezempilo ukuze abhale yonke inhlobo
yomgomo okugonywe ngawo ingane
yakho kanye nosuku. Leli khadi elithi
Road-to-Health yilona rekhodi lokugoma
elisemthethweni elidingekayo lapho
uya emtholampilo, ezibhedlela kanye
nasesikoleni.
Ingabe ukugoma kuphephile?Yebo, akuvamile ukuba nezinkinga
eziyingozi ngenxa yokugoma. Kuvamile
ukuba nemfiva engatheni kanye
nobuhlungu, ikakhulukazi emahoreni
ayisi-6 kuya kwayi-12 ngemva
kwemigomo ethile, kanti eminye
enjengomgomo weSimungumungwane
noma i-MMR ingase ibangele
ukuqubuka kancane. Lena imiphumela
emibi engatheni futhi ingelashwa nge-
Panado uma kudingeka.
Kuthiwani uma ingane yami igula?Uma inomkhuhlane ongatheni,
ukukhwehlela noma imfiva engaphansi
kuka-38 °C, kusafanele iqhubeke igome.
Uma igula kakhulu, thintana nomsebenzi
wezempilo wangakini okunguye
ozonquma. Ngokuvamile izingane
ezigula kancane noma ezingondlekile
kahle kufanele zigonywe ukuze zivikelwe
ezifweni.
Ngine-HIV; ingabe ingane yami kufanele igonywe?Yebo, noma ikanjani ngoba isengozini
enkulu yokutheleleka ngamagciwane
uma ngemva kwesikhathi iba
nengculaza.
Ukugoma kuletha ithemba ezinkulungwaneni zezinsana, izingane kanye nabantu abasha abasindisa ukuphila kwabo ngenxa yokugoma futhi bagweme ukusabalala kokuhlupheka, ukugula kanye nokuphazamiseka okuhambisana nezenhlalo nezomnotho,” – Ungqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Dhlomo.
U-MARTHA VUKILE, OPHETHE ESIBHEDLELA SASE-NEWCASTLE
UMAMA U-THOLAKELE R ZULU, OPHETHE ESIKHUNGWENI SEZIMPILO SOMPHAKATHI
E-PHOENIX
U-THANDAZILE NTLEKO, OYIMENENJA ESIBHEDLELA I-ST ANDREWS
DR. S.B. KADER, CEO WENTWORTH HOSPITAL
UNKSZ. M.P.THEMBA, OYIMENENJA EHHOVISI LESIFUNDA SEZEMPILO E-MKHANYAKUDE
U-BONGI MTSHALI, OPHETHE ESIBHEDLELA SASE-HILLCREST
“Engiye ngakufeza kube wumphumela wezinselelo nokusebenza nethimba elinamalungu akahle. Ngiyathanda
nokukhuthaza nokufaka abanye ugqozi ukuba nabo bafinyelele imigomo
yabo kanye nemigomo emaqondana nomnyango.”
UMAMA U-DAPHNE MEMELA, IMENENJA YESIFUNDA SAKWAZULU
UMAMA U-N.M. ZUMA – MKHONZA, OYIMENENJA ESIFUNDENI SEZEMPILO
SASEMGUNGUDLOVU
U-NOXOLISA STELLA (GCINA) RADEBE, OYIMENENJA ESIFUNDENI SEZEMPILO
E-SISONKE
U-SIBONGILE DOROTHY DUBE, IMENENJA YESIFUNDA, EHHOVISI LEZEMPILO
LESIFUNDA E-ILEMBE
Agasti 1-7: Iviki Eliqwashisa
Ngokugoma
Kuzwelonke
“Uma nje abantu besifazane besakhungethwe ububha futhi uma nje besabukelwa phansi, amalungelo abantu ngeke abe nesisindo. Uma nje izindlela zokucabanga eziyisidala zisavimbela abesifazane ukuba babe negalelo emphakathini, ingqubekela-phambili izohamba kancane. Uma nje isizwe sisenqaba ukuvumela abantu baso abangaphezu kwesigamu ukuba babe nezindima ezilinganayo, siyohluleka nakanjani” – u-Nelson Mandela
Ezempilo | Health Matters - Edition 8 17
UDkt. Musa Gumede wezeMpilo eThekwini esebenza kanzima engadini!
Ngicela ukuqondisa isikhafu sakho nGqongqoshe!
UNgqogqoshe enikeza izingane ezifunda u-Grade 1 eKhulakahle Primary School ama-track suit angaphezu kwangu-210
UNgqongqoshe efike engalindelwe esiBhedlela saseMadadeni
Inyanga Kazwelonke YabesifazaneWathint’ abafazi wathint’imbokodo!
Mhla ka-9 Agasti 1956, abesifazane
abangu-20 000 bamashela ePitoli
Ezindlini Zombuso bephikisana
nemithetho yobandlululo eyayiphoqelela
abesifazane ukuba baphathe “ipasi”.
Ngemva kokunikezela ngesicelo
sezimfuno zabo, baqala ukucula ingoma
ethi ‘wathint’abafazi, wathint’imbokodo’
osekuyingoma emelela isibindi
namandla abesifazane baseNingizimu
Afrika ekuletheni ushintsho
olunamandla. Ngenxa yalokho, unyaka
ngamunye uSuku Lwabesifazane
lugujwa mhla ka-9 Agasti kukhunjulwa
indima eyadlalwa ngabesifazane
ekulwenisaneni nombuso wobandlululo.
Inyanga Yokunikela Ngamalungu omzimbaAbantu abazonikela ngamalungu
omzimba bayadingeka kakhulu ukuze
kusindiswe ukuphila kwabantu abaningi
abahlushwa izifo ezisongela ukuphila.
Nokho, uhulumeni useqaphelise
abantu ukuba bangakhohliswa ukuba
bathengise ngezitho zabo zomzimba
ngenxa yemali – akukho emthethweni
lokhu. Ukusindisa ukuphila akudingeki
kwenziwe ngendlela engekho
emthethweni, ungawenza umehluko
kulabo abadinga usizo lwakho, khuluma
nomsebenzi wezempilo wangakini
ngokunikela ngelungu lomzimba.
1-5: Iviki le-Rheumatic FeverI-rheumatic fever isifo esiyingozi
kakhulu esivame ukuhlasela izingane
nabantu abasha. Sihlasela izindawo
ezihlukahlukene emzimbeni,
kuhlanganise namajoyinti, inhliziyo,
isikhumba, isimiso sezinzwa kanye
nobuchopho. Ingavela ngemva
kokutheleleka okubi kakhulu nge-strep
throat (uhlobo oluthile lomphimbo
obuhlungu). Alikho ikhambi langempela
lokuyelapha kodwa imithi ingazidambisa
izinhlungu. Ukuze uthole iseluleko
esingcono khuluma nomsebenzi
wezempilo noma thinta abeZempilo
eKZN ku 0800 005133.
1-7: Iviki Likazwelonke LokuncelisaNgemva kweminyaka eminingi ogogo
belokhu beluleka wonke umuntu ukuthi
ubisi lwebele yilona oludl’ubhedu,
ochwepheshe manje bayavumelana
nalokhu! Kuleli viki, ezempilo emhlabeni
wonke zigxile ekukhuthazeni omama
ukuba bancelise abantwana babo
abasanda kuzalwa, ngoba ubisi lwebele
yilona oludl’ubhedu. Lunakho konke
okudingwa usana ukuze luluvikele
ezifweni, kungani kufanele ushintshe
lokho okusebenzayo?
1-7: Iviki Likazwelonke Eliqwashisa NgokugomaImigomo inikeza isivikelo ezifweni eziningi
eziyingozi, futhi eminingi itholakala
mahhala ezibhedlela zikahulumeni
nasemitholampilo. Njengomzali,
kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi ugoma
ingane yakho ngoba lokhu kungavimbela
izifo ezisongela ukuphila njengopokisi
kanye nesimungumungwane.
22-28: Iviki Lemithi Yesintu yase-AfrikaUkuthi sifunda okuthile ngemithi
yesimanjemanje akusho ukuthi
akufanele siwazise amasiko nezindlela
zesintu zokwelapha abantu. Leli viki
lihloselwe ukuqwashisa ngokubaluleka
kwendima yabelaphi bendabuko. Nokho
kubalulekile ukukhumbula ukuthi uye
kubelaphi bendabuko abaqashelwa
nguMnyango Wezempilo.
12: Usuku LwabashaUsuku Lwabasha Emhlabeni
lwasungulwa yinhlangano yeZizwe
Ezihlangene mhla ka-12 Agasti 2000.
Inhloso yalolu suku ukuqwashisa ngosuku
lwabasha emhlabeni wonke, indima yabo
nezidingo zabo emphakathini. Luphinde
lusetshenziselwe nokuqokomisa izimo
ezingekho esimweni esihle abasha
abaningi abasebenza ngaphansi kwazo
ngenxa yeminyaka yabo. Emazweni
amaningi, abasha bayaphoqelelwa
ukuba basebenze amahora amaningi
bethola imali encane ukuze bondle
imindeni yabo.
UNgqongqoshe enikeza imishini yesayensi eSekusile High School
UNgqongqoshe uDhlomo enikeza umhlaba wokwakha umtholampilo eZimvwini, eMkhambathini
IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGO -AGASTI
UKUBAMBA IQHAZA Emphakathini
AKE SITHI NHLA:
INhloko YoMnyango:
UDkt Sibongile Zungu
“Ukube umhlaba ububuswa abantu besifazane bezingeke zibe khona izimpi… bekuyoba nezizwe ezimbalwa nje ezingakhulumisani”
Abantu abaningi bazomazi uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo. Uhlala ele nale, ematasa futhi esemphakathini, kaningi abezindaba bemlandela befuna ukubika ngokuvakasha kwakhe ngakunye ezibhedlela noma emtholampilo. Nokho, iNhloko yoMnyango wakhe (HOD), uDkt Sibongile Zungu, ungumuntu ozithulele, okuchaza khona ukuthi kungani besebenzisana ngokuthula kanje bobabili. Kodwa ungubani
uDkt Zungu, inhloko yomnyango?
Isikhonzi sabantu esizithobile Akasiyo i-HOD ongacabanga ukuthi
uyiyo. Akazikhukhumezi noma azibeke
phezulu, akekho ongathi uyabukisa.
Ulula nje, ngumuntu ozigqokela kahle
ngendlela evamile, kungenzeka
uhlangane naye ezitolo, ngaphandle
kokuba umbukwane. Umane azihlekele,
labo abasebenza eduze naye bayavuma
ukuthi uyisikhuthazo futhi unomoya
omuhle ehhovisi. Nokho uDkt Zungu
uyavuma ukuthi unamahloni okuba
kwabezindaba. Kodwa naphezu kwesimo
sakhe esiphansi, ngumuntu onamandla
emsebenzini – phela wakhethwa
nguNgqongqoshe mathupha, njengoba
ayekade esesikhundleni sokuba iBamba
leNhloko yoMnyango Wezempilo
Nezenhlalakahle eMpumalanga
wayesezoba iNhloko yoMnyango e-KZN.
Owesifazane wesimanjeNjengoba engumama
ongayedwa, uDkt Zungu
akathandi ukukhuluma ngaye,
naphezu kokuba kukhulunywa
ngohambo lakhe aze afike
ezingeni akulo. “Ngifuna ukwahlulelwa
ngokuya ngomsebenzi engiwenzayo,
hhayi ukuthi ngisukaphi noma ngenzeni
ukuze ngifike lapho ngikhona,” esho
ngokuzithoba nangokumomotheka,
ethemba ukuthi akaphoxi muntu.
Umsebenzi wakhe ngeke uhlale
ungaqashelwa. Uye waqashelwa
ngezindondo ezimbalwa – nakuba
ingekho neyodwa kuzo ongayithola
odongeni lwasehhovisi lakhe, olunye
uphawu lwakhe lokuzigcina egxilile futhi
ephansi.
Ungudokotela oqeqeshiweNjengoba engudokotela oqeqeshiwe,
unochungechunge lweziqu eziningi,
kuhlanganise ne-Post Graduate
Diploma eZinhlakeni Zokuphatha
Izinsizakalo Zezempilo kanye ne-
contemporary governance structures,
uDkt Zungu wathola uMklomelo
Wokuthula ka-Martin Luther King
Junior, waba ngumfundi ophuma
phambili onyaka wesibili ezifundweni
ze-Commerce and Administration,
wathola umklomelo wokuba kuBaholi
Abanethonya Abangu-20 embonini
yezempilo eNingizimu Afrika ngo-
2007 futhi ngawo lowo nyaka,
wathola umklomelo wokuqashelwa
njengomunye wabesifazane abaholayo
ekuthuthukisweni Kwesimo sabesifazane
KwaZulu Natal ngeHhovisi lesimo
sabesifazane. Uthole ukuqeqeshwa
nakwamanye amazwe. Lokhu
kuhlanganisa izifundo ngoKuqeqeshwa
nge-HIV/AIDS, ukuthuthukiswa
kwesimo sempilo, ukuphatha izimali
ngendlela esimeme – konke wakuthola
emayunivesithi aseNingizimu Afrika
nawakwamanye amazwe, kuhlanganise
ne-Harvard kanye namaYunivesithi ase-
Australia naseNew Zealand.
Izinselele ZokusebenzaUkuphatha abasebenzi abaningi
akuyona into encane, futhi u-HOD
uvame ukusala ehhovisi ngemva kokuba
abasebenzi sekukade behambile.
Izimpelasonto kaningi uzichitha le
ezindaweni zasemakhaya, esiza labo
abadinga usizo, noma ekhuluma
nabesifazane emiphakathini ngezindaba
zezempilo nezinkinga zomphakathi. Naye
okwamanje uhileleke kumaphrojekthi
okukhulisa umphakathi ezindaweni
eziningana, kuhlanganise nemizi
ephethwe yizingane njengengxenye
yomnikelo wakhe ekuthuthukisweni
izimpilo zabanye.
Naphezu kwakho konke aye wakufinyelela, uhlala ezithobile, into emenza ahluke, futhi mhlawumbe kumenza akwazi ukuhlala egxile kulokho okubaluleke kakhulu – ukuletha insizakalo zezempilo kubobonke e-KZN okuyinto enikeza ithemba, ethuthukisa ukuphila futhi ilwisane nobubha. Owesifazane wesimanje.