sazi isimo sakho segci-ukwenza ucansi noma ukwenza ucansi olungaphephile, njengozama owayeka...
TRANSCRIPT
mahhala
uZibandlela • 2014
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
SAZI ISIMO SAKHO SEGCI-WANE LENGCULAZI
Amalungelo eziguli Usizo oluphuthumayo
Kwenza umehluko!
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
SiSize Senze uguquko ngegciwane lengculazi nengculazi. SuSa ukubandlulula, Yazi amaqiniSo.
Nihlale nibusisekile!
Sekuyileso sikhathi sonyaka
futhi lapho KwaZulu-Natali
kuzokwamukelwa inqwaba yezivakashi
ngesikhathi samaholidi. Nakuba lokhu
kuwuthuthukisa umnotho wesifundazwe
kepha ukwanda kwezivakashi kusho ukwanda
kwezimoto emigwaqeni okwenza kugcine
sekwanda nezingozi emigwaqeni. Zonke lezi
zingozi zingagwemeka. Okumele sikwenze
ukuba siziphathe ngendlela efanele.
sekufike isikhathi sabasebenzisi
bemigwaqo sokuba baqaphele futhi
bathobele umthetho ngokwenza izinto
ezilula; ezinjengokungaphuzi bese ushayela,
nokuqikelela ukuthi izimoto azilayishile
ngokweqile futhi zisesimweni esamukelekile
emgwaqeni. Akufuneki ukushayela budedengu
ngoba kunomphumela omubi kwezempilo.
Ukuqeda nya ukungaziphathi kahle kuqala kuwe.
inyanga kaZibandlela inezinsuku
ezibalulekile kunsukuzonke wezempilo: Usuku
Lomhlaba Lengculazi, esilugubha mhla lu-1
kuZibandlela. Isikhathi sokubuka lapho siya
khona. Yisikhathi sokuba sihlangane bese
silwa negciwane lengculazi. Umgomo Wosuku
Lomhlaba Lengculazi ngalo nyaka wezi-2014
usenza sibone ukuthi lokhu singakuzuza.
Umgomo uthi: “Ngeke ngisishintshe
isimo sami segciwane lengculazi, kepha
ungashintsha ukwenza. Ukungacwaswa,
Ukungabandlululwa.”
kumele sibakhumbule labo ababulawe
yilolu bhubhane. Sonke simelwe ukuqwashisa
ngokugwema nokulawula igciwane lengculazi
nengculazi ngokukhulu ukushesha. Ukuze
sihambisane nomgomo, kumele siqinisekise
ukuthi wonke umuntu ikakhulukazi abantu
abasha bayazi ngengculazi kanye nomphumela
wayo. Kumele siqinisekise ukuthi wonke
umuntu uyazi ukuthi ingagwemeka kanjani
nokuthi akekho umuntu okumele abandlululwe
ngoba enegciwane lengculazi. Lokhu akumele
kwenzelwe Usuku Lomhlaba Lengculazi kuphela
kepha makwenziwe unyaka wonke.
ngifisa ukuthatha leli thuba ngibonge
bonke abasebenzi bezempilo abazinikele
ekuhlinzekeni ngezidingo zezempilo kubantu.
Ngifisa ukuveza ukuphatheka kabi kwami
ngomhlengikazi obulawe eMtholampilo
waKwaDabeka, obulawe ephuma emsebenzini.
Akumele kube nendawo yezigebengu
emiphakathini ezibulala abantu abasebenza
umsebenzi wokuhlenga abantu. Ngikhulekela
ukuba abenzi bobubi baboshwe. Ngifisa
ukubonga bonke abasebenzi bezempilo
abazobe besebenza ngamaholidi, ikakhulukazi
ngoKhisimusi nangoNyaka Omusha. Ukuzinikela
kwenu kuyancomeka. Siyanibonga kakhulu.
kubo bonke abantu baKwaZulu-Natali
ngibafisela unyaka omusha onezibusiso.
Khumbula ukuya esikhungweni sezempilo
esiseduzane uyohlolwa mahhala ngoba
kushibhile futhi kulula ukulawula noma ngabe
yisiphi isifo uma sitholakale kusenesikhathi
kunokuba sitholakale emuva kwendaba.
Ukhisimusi omuhle no-1015 Onenjabulo.
Akekho oyobAndlululwA ngobA enegciwAne lengculAzi
kAnye nengculAzi.
Banelungelo lokwelash-wa ezikhungweni zethu zezempilo nezenhlalakahle.
Izingane ezinegciwane lengculazi zivunyelwe ukufunda kunoma yisiphi isikole.
Akekho oyoxoshwa emse-benzini ngoba enegciwane lengculazi.
Akekho oyophoqwa ukuh-lolela igciwane lengculazi emsebenzini noma ngaph-ambi kokuthi aqashwe.
Imiphumela yokuhlolwa angeke ikhonjiswe noma ubani ngaphandle kwem-vume.
Abesifazane abakhulelwe banelungelo lokuzikhethela ngokukhulelwa kwabo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Umyalezo ovela kumec wezempilo e-kzn,
udkt Sibongiseni dhlomo
okuqukethweUZ
ibAn
dlel
A 201
4
eZeZimo eZiphUthUmAyo Okumele ukwenze nokumele umshayele
UsUkU lomhlAbA lengcUlAZi Ucabanga ukuthi awukho engcupheni? Cabanga ucabangisise.
inqUbomgomo entshA yAbAkhUlelwe benegciwAne lengcUlAZi “Ukwelashwa kwesikhathi eside kungakhathalekile nge-CD4 count yakho”
iZindAbA ZeZempilo e-kZn Ezakamuva ezivela emnyangweni wakho wezempilo
UmfAnekiso Okumele ukwenze uma unesifo socansi
UkUqwAshisA ngokUphilA nokUkhUbAZekA Ukuphila nokukhubazeka akuchazi ukuthi awukwazi kwenza lutho!
AmAlUngelo eZigUli Eza nokumele kwenziwe yiziguli!
iZinsUkU ZokUqwAshisA Izinsuku zezempilo ezibalulekile ngale nyanga
imishanguzo yengculazi
kwabakhulelweabezimo
eziphuthumayo
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
amalungelo eziguli
usuku lomhlaba lengculazi
bakwethu, ningabavumeli
abangane ukuthi baphuze bese
beshayela!
kuleli holide, hlala uphilile. ungaphuzi bese ushayela!
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUTHEMBA MNGOMEZULUsARA AULDDR GUGU MAZIBUKO
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
u-10177 umaHHala FuTHi angaSeTSHenziSwa noma kuPHi eningizimu aFRika.
qiniseka ukuthi abezimo eziphuthumayo bangakutholaKwejwayelekile ukwesaba nokushaywa uvalo ezimweni eziphuthumayo. Kepha kubalulekile ukungatatazeli, uvele unike abezimo eziphuthumayo imininingwane abayidingayo ngokushesha okukhulu. Uma ucela i-ambulensi kumele ubatshele lokhu:
ungubani Inombolo abangakuthinta kuyo (uma bedinga ukubuye bakushayele)
indawo okuYo – igama lomgwaqo, ledolobha noma isebhabhu. Banike izindawo ezigqamile eziseduzane njengesakhiwo, isikole noma yini enye eseduze nawe engabasiza ukuze basheshe bakuthole.
Thumela umuntu othile aye emgwaqeni ukuyohlangabeza i-ambulensi.
Abezimo zokuphepha ngoZibandlela
Lungela, yazi ukuthi ubani ongamthinta.
SHaY
ela ku-10177
ezim
w
eni eziPHuTHumaY
o
UMnyango Wezempilo lapha KwaZulu-Natali sewamukele inqwaba yezingcingo ezivela emphakathini zidinga ama-ambulensi nolunye usizo oluphuthumayo. Ukuze uqinisekise ukuthi uyazi kusebenza kanjani, gcina lezi ziqondiso bese uba nesiqinisekiso sokuthi wonke umuntu ekhaya uyazi okumele akwenze ezimweni eziphuthumayo:
ukunika abezimo eziphuthumayo ulwaziOwemukela ucingo uyokubuza imibuzo ngesigameko ukuze athole ukuthi hlobo luni lwesimo esiphuthumayo osidingayo. Ungalubeki phansi ucingo kepha kumele uphendule imibuzo kuze kusho bona ukuthi usungalubeka.
Yazi okumele umlindeleKuyothunyelwa oyedwa noma ababili abayoqala babheke isimo ngaphambi kokuba baxilonge isiguli. Bayofika nezinsizakusebenza ngakho banike indawo kepha ungayibuza imibuzo – khumbula ukuthi abosizo lokuqala badinga imvume yakho ngaphambi kokuba bajove ingane yakho.
ukuSHaYa ucingo ngomakHalekHukHwini
Uma unomakhalekhukhwini usudinga abezimo eziphuthumayo,
SHaYela ku-112
KhUMBUlA! Ucingo lwemukelwa
Kwabezimo Eziphuthumayo
Kuzwelonke (okuvame ukuba kube
seGoli). Lube selubuyiselwa kuleyo
ndawo lapho luqhamuka khona.
Uma ushaya ku-10177
kumakhalekhukhwini, ucingo
luziyela ku-112 kwabemukela
izingcingo zezimo eziphuthumayo
ngaphambi kokuthi luye kwabezimo
eziphuthumayo abaseduzane nawe.
USUKU LOMHLABA LENGCULAZI
Awukho engcupheni yegciwane lengculazi? Cabangisisa.
Iningi labantu abasha abaneminyaka eyi-15 nangaphezulu bakholelwa ukuthi abekho engcupheni yokuthola igciwane lengculazi. Uthi bewazi nje ukuthi oyedwa kwabayishumi kubantu abasha usenegciwane lengculazi kodwa ebe engazi?Amathuba okuba sengcupheni yokuthola igciwane lengculazi kubantu abasha abangabesifazane aphindwe kane uma kuqhathaniswa nabesilisa – futhi bandisa ngama-40% ukutheleleka okusha ezweni. Ezinye zezizathu zibandakanya ukukhulelwa kwentsha kanye nokuthi abesifazane abancane bayesaba ukwenqaba ukwenza ucansi noma ukwenza ucansi olungaphephile, njengoZama owayeka ukufunda wabe eseba umama omncane.
ungalenzi iphutha elifanayo. ungaluvumi ucansi ngaphandle kwekhondomu!Sebenzisa lesi siqondiso esilandelayo ukuze wehlise ubungcuphe begciwane lengculazi:
“Ngangisewumfundi ngenkathi
ngihlangana nowesilisa omdala
esasigibela naye itekisi. Wayesebenza
edolobheni futhi egqoka kahle. Saqala
sathandana, emva kwenyanga
sithandene wafuna ukuba ngilale naye.
Ngenqaba kepha yena wangitshela
ukuthi ufuna ukungishada futhi uma
ngimthanda ngempela angilale naye.
Wathi njengoba sizoshada nje asikho
isidingo sokufaka ikhondomu. Angizange
ngibone inkinga kulokho futhi angizange
ngicabange ukuthi unezinye izintombi.
Senza ucansi olungaphephile. Ngakhulelwa
ngase ngithola ukuthi senginegciwane
lengculazi. Ngaphatheka kabuhlungu ngoba
nganele ngamtshela ukuthi ngikhulelwe
wavele wathi ngeke ashade nami, wabe
esengishiya. Ngabe sengiya emtholampilo
lapho banginakekela khona ukuze ingane
yami ingatheleleki. Ngethemba ukuthi
amanye amantombazane amancane
azofunda kulokhu. Ngifisa ukuthi kuwo
‘ungayeki izifundo zakho uzinikele
kumuntu wesilisa, linda uze ushade
bese uqinisekisa ukuthi akanabo abanye
abalingani. Zivikele ocansini. Yiyona
kuphela indlela yokuqikelela ukuthi
uvikelekile ekutholeni izifo zocansi,”
kuchaza uZama.
ucanSi olunobungcuPHeUbungcuphe bokuthola igciwane lengculazi ngokwenza ucansi buncike ohlobeni locansi. Sebenzisa lezi ziqondiso ezingezansi ukuzifundisa wena kanye nabangani bakho:
uCanSi lOmlOmO ubungCuphe bunCane Kepha buKhOna!Buncane ubungcuphe bokuthola igciwane lengculazi ngocansi lomlomo. Abesifazane baba sengcupheni enkulu uma bemunca isitho sowesilisa onegciwane lengculazi ngoba uketshezi noma isidoda sakhe esinegciwane singangena ngomlomo kowesifazane.
KhUMBUlA! Ukuncela isitho sangasese kungakubeka engcupheni yokuthola ezinye izifo zocansi ezinjenge-herpes.
uCanSi lweSithO SangaSeSe SOweSifaZane (isitho sowesilisa kowesifazane) ubungCuphe bupheZuluKubantu besifazane, igciwane lengculazi lingedlula othwethwesini olungaphakathi esithweni sabo sangasese. Ugqinsi olungaphandle oluvikele lungadabuka bese igciwane lengculazi lingena emzimbeni. Ubungcuphe buyenyuka uma wena noma umlingani wakho ninesinye isifo socansi.
ISU Ungabehlisa ubungcuphe bokuthola igciwane lengculazi noma ezinye izifo zocansi ngokuhlala njalo usebenzisa ikhondomu!
uCanSi lweZithO ZangaSeSe ubungCuphe bupheZuluMakhulu ngaphezu kwazo zonke izindlela zokwenza ucansi amathuba okuthola igciwane lengculazi uma nenza ucansi olungaphephile ngoba kulolu cansi, igciwane lengculazi lingena ngqo. Makhulu amathuba okuthola igciwane lengculazi kubantu abenza ucansi lwezitho zangasese kunalabo abenza olokumuncana izitho zangasese.
KhUMBUlA! Igciwane lingatholakala egazini noma esidodeni, ukuthi umlingani wakho akhiphe isitho sakhe sangasese ngaphambi kokuthi achame akubehlisi ubungcuphe.
Sebenzisa amakhondomu – zikhathi zonke, ngendlela efanele!Amakhondomu asebenza ekugwemeni ukusabalala kwegciwane lengculazi. khumbula ukuthi awaliqedi igciwane kepha ehlisa ukusabalala kwalo, sebenzisa ikhondomu!
Hlolwa bese uyelashwa bese ukhuthaza nomlingani wakho ukuba enze okufanayoUma usulwenza ucansi, hlola okungenani kanye ngonyaka, uma umlingani wakho enegciwane lengculazi, mkhuthaze ukuba adle imishanguzo angayiyeki.
umlingani oyedwaIsibalo sabantu olala nabo sikubeka engcupheni yegciwane lengculazi. Uma unabalingani abaningi, maningi amathuba okuthola izifo zocansi. Uma umlingani wakho elala nabanye, sebenzisani ikhondomu bese niya njalo ukuyohlolela igciwane lengculazi.
ukusokaUkusoka kwehlisa ubungcuphe begciwane lengculazi kanye nezinye izifo zocansi. Kuphephile, kumahhala futhi kuyasebenza uma kwenziwe uchwepheshe oqeqeshiwe!
imishanguzo oyithola emva kokuba sengcupheniLena yimishanguzo enikezwa ezimweni ezithile kulabo bantu abebesengcupheni yegciwane lengculazi njengalabo abadlwenguliwe noma abasebenza ezindaweni ezibabeka engcupheni yokuthola igciwane. Uma uzithola ukuleso simo, khumbula:
Ukuya esibhedlela ngokushesha (emahoreni angama-72)
Ukuqinisekisa ukuthi uthola ukwelulekwa nokuhlolelwa igciwane
Uma utholakala ungenalo igciwane, uyonikezwa le mishanguzo izinsuku ezingama-28 bese uhlolwa emasontweni ayisi-6, 12 kanye nangama-24.
isuUMnyango Wezempilo
unesiKhungo Esisezingeni
Eliphezulu sokuqeqesha
abasebenzi bezempilo
kanye nabelaphi bendabuko
ngokusoka. Qinisekisa
ukuthi umuntu ozokusoka
uqeqeshelwe ukwenza
lokho.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UsUkU lomhlAbA lengcUlAZi
UZibAndlelA 1
SHeSHa uYe emTHolamPilo uma ukHulelwe ukuze uqiniSekiSe ukuTHi wena nengane YakHo
ninawo wonke amaTHuba okuPHila kade.
USIZO OLUSHA KOMAMA
ABAKHULELWE ABANEGCIWANE
LENGCULAZI
UNgqongqoshe Wezempilo Kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi umemezele ukuthi kusukela ngenyanga ezayo, wonke umuntu wesifazane okhulelwe onegciwane lengculazi uzothola ukwelashwa ngemishanguzo yengculazi kungakhathalekile i-CD4 count yakhe.
‘Ukwelashwa kwesikhathi eside kungakhathaleki i-CD4 count’ kusho uNgqongqoshe WezempiloAbantu
abaningi beph-ila isikhathi
eside kunanga-phambilini
OKumele uKwaZi
Okubaluleke kakhulu okumele ukwenze
uma uthola ukuthi usukhulelwe
ukuba uye esikhungweni sezempilo
esiseduzane. Lokhu kusho ukwazisa
umtholampilo wakho ngokuthi
usukhulelwe – ezinyangeni zokuqala
ezintathu ukhulelwe bese uya njalo
uyohlola ukuze uma unengciwane
lengculazi uthole imishanguzo yalo.
Ngaleyo ndlela izingane ziyothola
ithuba lokuzalwa zingenalo igciwane,”
kusho uNgqongqoshe Wezempilo
e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo.
Kusho ukuthini lokhu?Kuze kube manje, bonke abesifazane abakhulelwe abanegciwane lengculazi banikezwa imishanguzo uma nje besancelisa. Uma nje beyeka ukuncelisa ne-CD4 count yabo isiku-350 nangaphezulu, bayayekiswa imishanguzo. Ngokwenqubomgomo entsha ezoqala ngonyaka ozayo, bonke abesifazane abakhulelwe abanegciwane lengculazi bazonikwa imishanguzo yesikhathi eside – bavikeleke impilo yabo yonke!
Kuzokuthinta kanjani lokhu?Selokhu uhulumeni aqala uhlelo lokuhlinzeka ngemishanguzo yengculazi kubantu besifazane abakhulelwe, sehlile isibalo sabesifazane abashonayo, nezingane ezizalwa zesuleleke ngegciwane sezingaphansi kwama-3%. Ngokwelashwa kwesikhathi eside sizokwazi ukuphephisa impilo yomama neyezingane bese kuba nomphakathi ongenangculazi! Kusho ukuthi siyokwazi njengezwe ukuhlangabezana nemiGomo Yentuthuko Yekhulunyaka (MDG) yokuhlinzeka ngokufanayo bonke abanegciwane lengculazi ezweni lethu. I-MDG iwuhlelo lemigomo eyisishiyagalombili ebekelwe izikhathi ezithile eyasayinwa abaholi bamazwe ayi-189 okubandakanya neNingizimu Afrika ngowezi-2000 ukuphucula impilo yabantu abahluphekayo emhlabeni.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
kusanda kwethulwa isibhedlela esingumahambanendlwana esisez-ingeni eliphezulu esihlinzeka ngezem-pilo eziyisisekelo – kuletha injabulo nethemba, sibonga uMnyango Wezem-pilo ngokusebenzisana nomkhakha ozimele.
Isibhedlela esidingeka kakhulu esingumahambanendlwana – esan-dulela ezinye eziseza, sizoba seMolweni amasonto amathathu, ngaleso sikhathi kuyobe kuhlolelwa i-TB ne-HIV, isifo si-kashukela, ukuthatha izithombe, unak-ekelo lwamazinyo kanye nezinye izidin-go iziguli ebezizozihambela amabanga amade ukuze zizithole ezikhungweni zezempilo.
Lesi sibhedlela sizohlinzeka imi-phakathi yaseMolweni, kwaNogxaza naseMadumeni kanti sifika nabasebenzi abaqeqeshiwe kanye nezindlu ezintathu okubonelwa kuzo iziguli ngasese. Uk-wengeza, kunelinye iloli eliseceleni eli-nezindlu ezine ezinomshini iDiathermy kanye nezinye izinsiza zokusokwa kwa-besilisa.
abantu abangenamilenZe nazingalo ngeke besalinda isikhathi esingaphezu konyaka ngaphambi kokuthola izingalo noma imilenze yokufakelwa. Sibonga uhlelo olusha lokuqeqe-sha olubandakanya uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal neDurban University of Tech-nology (DUT), i-KZN isizokwazi ukukhiqiza och-wepheshe abaningi abazokwenza lezi zinsiza.
“Lezi zinsiza zibuyisa isithunzi, ukuzenzela, ukuzimela kanye nokuzisebenzela kubantu abadingayo. Ngalokhu kubambisana sin-gasho singahlonizi ukuthi ukwesweleka koch-wepheshe kulo mkhakha sekuyinto yesikhathi esedlule,” kusho uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Dhlomo.
Uhlelo lweminyaka emine esiBhedlela
iWentworth sekuwuhlelo lwesibili ezweni lulandela iTshwane University of Technol-ogy enezifundo zochwepheshe bokufakelwa kwezingalo nemilenze.
UMnyango Wezempilo e-KZN uzohlinzeka ngemifundaze engama-30 minyaka yonke kubafundi abaqokelwe ukuyofundela iziqu ze Science in Medical Orthotics and Prosthetics.
UHLELO OLUSHA OLUBUYISA ITHEMBA KWABANEZINGALO
NEMILENZE YOKUFAKELWA
isibhedlela esingumaham-banendlwana sifinyelela
ezindaweni ezisemakhaya
Abayofundela ubu-dokotela beya ecuba
abaZali nabafundi babe nomzuzu ongxube ngenyanga eyedlule ngesikha-thi abafundi bevalelisa iNingizimu Afrika sebeyofundela ezobudokotela eCuba, sibonga uhlelo lwezempilo lokuse-benzisana kweNingizimu Afrika kanye neCuba.
Evalelisa abafundi abangama-96 abe-behamba, uNgqongqoshe uDhlomo wa-batshela ukuba basebenze ngokuzikhan-dla, baziphathe kahle bese bemela izwe laseNingizimu Afrika.
Laba bafundi bazofunda iminyaka emithathu eCuba bese bebuya sebengo-dokotela abazosebenza emiphakathini yangakubo. “Liyingqayizivele leli thuba eninikwe lona nina ngabodwana. Baningi abafisa ukuba yinina. Kumele nibekezele eminyakeni yokuqala emithathu ngoba muningi umsebenzi. Kufana nokuthi nisemjahweni ngakho kumele nibe nemiqondo ebukhali, uzitshele ukuthi noseceleni kwakho ukhathele kepha uy-abekezela,” kusho uDhlomo.
lokho ongakwenza uma unesifo esithathelwana ngocansi
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
IZIBONELELO
Khumbula! uKuphila noKuKhubazeKa aKuchazi uKuthi ngeKe wazenza izinto ezenziwa abanye abantu –
Kuchaza uKuthi wenza ngendlela eyehluKile!
UPhindi oneminyaka engama-22, uhlala nomama wakhe endaweni esemakhaya. Waba nokukhubazeka ngenxa yesifo esamphatha esemn-
cane ngakho akakwazi ukuhamba kahle. Iningi lomndeni wakhe nabangani bayam-shalazela ngoba bengafuni ukubonakala naye, uchitha isikhathi esiningi eyedwa. Iningi labantu abaphila nokukhubazeka lix-oxa indaba efanayo ezweni lethu.
ukuphila nokukhubaze-ka akusho ukuthi awuk-wazi kwenza lutho!UPhindi useqedile esikoleni kanti useyak-wazi ukufunda nokubhala. Usefunde nezifundo zekhompyutha ngoba efisa ukuyokwenza umsebenzi wasehhovisi emadolobheni. “Ukukhubazeka kwami kwenza ngihudule unyawo uma ngihamba kepha abantu baye bangibuke sengathi ngiyisilima. Iningi labantu liye libuze ukuthi kungani ngingahlali esibhedlela, ngisho sengifaka izicelo zomsebenzi ngisho ukuthi nginenkinga yemilenze kepha ngiyakwazi ukuhamba, bavele bathi ngeke bangiqashe ngoba ngiphila nokukhubazeka. Akulungile lokho, kepha akukho engingakwenza,” echaza.
ukuqeda ukwahlulelwaNgale nyanga yisikhathi somunye nomunye sokuba sizibheke ukuthi ngabe sibaphatha kanjani abantu abaphila nokukhubazeka. Yilokho sonke esikubonayo? Iqiniso ukuthi umuntu ophila nokukhubazeka angakwazi ukuphila impilo ejwayelekile asebenze njengabanye. Kungaba sesikoleni, emse-
benzini noma ekhaya, yisikhathi sokuba sibambisane ekuyekeni ukwahlulela abantu abaphila nokukhubazeka. Khuthaza um-phakathi wakho ukuba ubabandakanye abantu abaphila nokukhubazeka emi-buthanweni nasemicimbini yomphakathi. Yenza ingxenye yakho nawe ukuqeda imigoqo esahlukanisayo bese ukhumbula ukuthi abantu abaphila nokukhubazeka banala malungelo:
Ilungelo lokungabandlululwa Ilungelo lokuzimela Ilungelo lezempilo nokuhlunyeleliswa Ilungelo lezemfundo Ilungelo kwezezindlu Ilungelo kwezokuthutha
UkUqwAshisA ngokUphilA nokUkhUbAZekA
Ukuvikela ama- lungelo abantu abaphila nokukhubazeka
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Basondela ezigidini ezi-3 abantu base-
Ningizimu Afrika abaphila
nokukhub- azeka.
Nsuku zonke kuza izigidi zabantu ezikhungweni zethu zezempilo nakuba kunezinsiza ezinganele, UMnyango Wezempilo uzama ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaluthola unakekelo kwezempilo.
USUKU LOMHLABA LOKUPHEPHA KWEZIGULI9
UZibAndlelA
Unamaphi amalungelo njengesiguli?
Njengezwe eliziqhenya ngenkululeko kanye namalungelo akumthethosisekelo, kumele sizibuze ukuthi yikuphi okumele sikwenze ngalawo malungelo? Ngabe iziguli zinelungelo lokufuna ukunakwa ngokushesha kube kusanakwe ogula kakhulu? Ngabe abasebenzi bezempilo banelungelo lokukhakhabisa iziguli abazisizayo? Ukuqonda kalula lokhu uMnyango Wezempilo wakhe iCharter Yamalungelo Eziguli ukuze umsebenzi wezempilo kanye nesiguli bezokuqonda kahle lokho okulindeleke kubo.
njengomuntu waseningizimu afrika unelungelo lalokhu:
UKUZIKhEthElA EZEMpIloWonke umuntu unelungelo lokuzikhethela umuntu ozomelapha noma isikhungo sokwelashwa uma nje lokho kuhambisana neziqondiso ezimisiwe zokuhlinzekwa kwezidingo.
UKWElAShWA UMUNtU olIBoNAyo IgAMA lAKhEWonke umuntu unelungelo lokumazi umuntu omhlinzeka ngezidingo zezempilo futhi kumele abhekelelwe umuntu ogama lakhe lisobala.
UKWENQABA UKWElAShWAUmuntu engenqaba ukwelashwa kepha lokho akusho ngomlomo noma akubhale phansi, uma nje kungeke kubeke engcupheni impilo yabanye.
UBUMfIhloUlwazi mayelana nempilo yomuntu, kubandakanya nokwelashwa, kungaziswa ngemvume kuphela, ngaphandle uma kudingwa umthetho noma inkantolo.
UKUQhUBEKA KoKUNAKEKElWAAkekho umuntu okumele anganakwa umsebenzi wezempilo noma isikhungo sezempilo ebesimnakekela.
IMvUMEWonke umuntu unelungelo lokunikezwa ulwazi oluphelele noluqondile mayelana nokugula kwakhe, indlela yokuhlolwa, ukwelashwa okuhlongozwayo nezindleko zakhona ukuze athathe isinqumo eqonda konke.
UKWEDlUlISElWA EKUtholENI UMBoNo WESIBIlIWonke umuntu unelungelo lokuthola umbono wesibili uma ecele ukuthola umbono womhlinzeki wezempilo azikhethele yena.
UKUfAKA ISIKhAlo NgoKUhlINZEKWA KWEZEMpIloWonke umuntu unelungelo lokufaka isikhalo ngokuhlinzekwa kwezempilo nokuthi leso sikhalo sakhe siphenywe bese aziswa ngomphumela wophenyo.
Wonke umuntu
unelungelo lendawo enempilo
nephephile ezobenza bahlale
bephilile
sazise abezempilo ngesifisa kwenzeke uma sishona. sithobele ukwelashwa esikutholayo nokwelulanyiswa. sibuze ngokwelashwa okukhokhelwayo nokuhlelela ukukhokha
uma kudingekile. sinakekele amarekhodi aso ezempilo, angakuso. sinakekele sibuye sivikele isimo sendawo. sihloniphe amalungelo ezinye iziguli nabahlinzeki bezempilo. singaxhaphazi uhlelo lonakekelo lwezempilo. sazi izikhungo zezempilo ezisendaweni yangakubo nokuthi
zihlinzeka ngani. sihlinzeke abezempilo ngolwazi oluqondile mayelana nempilo
yaso ukuze sikwazi ukuhlolwa, ukwelashwa, ukwelulanyiswa nokwelulekwa okufanele.
….la malungelo ahambisana nalokho okumele kwenziwe yisiguli:leso naleso siguli kumele:
Wonke umuntu unelun-gelo lokunikwa ulwazi oluphelele
noluqondile ngokugula
kwakhe
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
INDAWo ENEMpIlo NEphEphIlEWonke umuntu unelungelo lendawo ephephile nenempilo eyokwenza baphile kahle, lokhu kubandakanya amanzi enele, ukulahlwa kokungcolileyo kanye nokuvikeleka kuzo zonke izingozi ezinjengokunukubezeka kwemvelo, ukugula.
UKUBAMBA IQhAZA EKUthAthWENI KWEZINQUMoSonke isakhamuzi sinelungelo lokubamba iqhaza ekwenziweni kwezinqubomgomo zezempilo kanti futhi wonke umuntu unelungelo lokubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo ezithinta impilo yakhe.
UKUfINyElElEKA KWEZEMpIloWonke umuntu unelungelo lokuthola izidingo zezempilo ezibandakanya:
Ukuthola ngesikhathi unakekelo olushe- shayo kunoma yisiphi isikhungo sezempilo esivuliwe kungakhath- alekile noma uyakwazi yini ukukhokha;
Ukwelashwa nokuhlunyeleliswa okumele isiguli saziswe ngakho futhi sikuqonde kanye nemiphu- mela yakho;
Ukuhlinzekwa kwezidingo ezikhethekile ezinsaneni, izingane, abesifazane abakhulelwe, asebekhulile, abaphila nokukhubazeka, iziguli ezisezinhlungwini, abaphila negciwane lengculazi noma iziguli zengculazi;
Ukwelulekwa ngaphandle kokucwaswa, ukuphoqwa noma udlame ezintweni ezinjengokuhlelwa komndeni, umdlavuza noma igciwane lengculazi nengculazi;
Ukudambiswa kwezinhlungu okungambi eqolo nokusebenzayo kulezo zifo ezingelapheki;
Ukuzethula ngendlela enonakekelo, inhlonipho, ukubekezela nozwelo kwabasebenzi bezempilo;
Ulwazi ngezempilo olubandakanya ukuba khona kwezempilo nokuthi zingasetshenziswa kanjani lezo dingo kwedluliswa ngolimi oluqondwa yisiguli.
uZibandlela
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
inyanga yokugwema izingoziBewazi ukuthi izingozi ezidalwa ukusha ziningi
ngokuphindwe kane eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa
namanye amazwe athuthukile emhlabeni jikelele.
Nakuba sigxile emgomweni wokugwema izingozi ngale nyanga kepha kumele
sazi ngomphumela wokusha. Ukusha okungaphezu kwama-80% kwenzeka
emijondolo kanti lokhu kungagwenywa kalula. Lokho kubandakanya
ukuqinisekisa ukuthi izingane azisondeli esitofini esivuthayo, emlilweni
noma ekhandleleni. Kusha kakhulu izingane ezineminyaka e: 0-14 kanti
abantu abalimala kakhulu abaneminyaka engaphezu kwama-55. Khuluma
nabasemtholampilo oseduzane mayelana nezindlela eziphephile zokupheka.
Bayokweluleka ngokuthi ungabehlisa kanjani ubungozi bomlilo ekhaya.
Fundisa nabanye endaweni ukuze kuphephe abaningi!
Usuku lomhlaba labantu Abaphila nokukhubazekaLolu suku olokuqwashisa ngamalunge-
lo abantu abaphila nokukhubazeka. Ba-
jwayele ukubandlululwa emphakathini,
ngakho lolu suku olokukhumbuzisa
ukuthi baneqhaza abangalibamba em-
phakathini ngakho badinga ukunikwa
ithuba lokukhombisa ukuthi nabo ban-
genza okuthile emphakathini.
Usuku lomhlaba lamavolontiyaLolu suku lwaziswa emhlabeni jikelele
njengolokukhumbula labo abachitha
isikhathi sabo besebenzisa namakhono
abo ekunakekeleni abanye mahhala. Ake
ucabange nje uma sonke singenza njalo
emiphakathini yethu? Ukusiza abadinga
usizo, ukwabelana nokunika mahhala
lokho esinakho. Abasentshonalanga bathi
ukuvolontiya kepha thina sithi Ubuntu –
ake sibubuyise!
Usuku lomhlaba lamalungelo Abantu Lolu usuku
lomhlaba lokuhlonipha UkuMenyezelwa
Emhlabeni Kwamalungelo Abantu. ENin-
gizimu Afrika lolu suku lugujwa zinga-
ma-21 kuNdasa ukukhumbula ababulawa
eSharpeville. Sebenzisa imizuzwana ukhu-
lume nezingane zakho ngokubaluleka
kwalolu suku nokuthi kumele zilwazise
lolu suku ngoba baningi abalulwela
nabalufela lapha eNingizimu Afrika.
Usuku lomhlaba lokuphepha kweziguli Inhlan-
gayo Yomhlaba Yezempilo yethula lolu
suku ukuqinisekisa ukuthi abantu bay-
awaqonda amalungelo abo okuphepha
ezibhedlela. Njengesiguli amalungelo
akho avikeleke kumthethosisekelo kanye
nakuCharter Yempilo Yeziguli. Kumele
sibuye sikhumbule nokuthi neziguli nazo
zimelwe ukunakekela impilo yazo nendle-
la eziphatha ngayo abasebenzi bezempilo
– ukubekezelelana, ukuhloniphana kanye
namalungelo omuntu ngayedwana noma
bebaningi nokumele bakwenze.
1UZibAndlelA 3
UZibAndlelA
9UZibAndlelA
5UZibAndlelA
10UZibAndlelA
Usuku lomhlaba lengculazi: Ukuvala igebaUkuvala Igeba yiwona mgomo wale nyanga woSuku Lomhlaba Lengculazi. Lokho kuchaza ukufundisa, ukunika ulwazi kanye nokukhuthaza bonke abantu emphakathini ukuba bathole izidingo abazidingayo. Ngokuvala igeba, izigidi zabantu abangazazi noma banalo yini igciwane lengculazi bayothola ukwesekwa nokwelashwa abakudingayo. Ukuvala igeba kuchaza umgomo wokuthi kuqambe kufika unyaka wezi-2030 ingculazi ibe isiphele nya!