ubani lomelkisedeki nadownload.branham.org/pdf/zul/zul65-0221e who is this melchisedec vgr.pdf ·...

42
UBA NI L OM ELKISEDEKI N A? Asikhothamise amakhanda ethu ukuba sikhuleke. Baba waseZulwini Othandekayo, sizwa leliculo lika Kholwa Kuphela, lisenza sazi ukuthi yilokho kuphela esifanele sikwenze ukuba sidle ifa lanoma yiziphi zezethembiso zikaNkulunkulu, sizikholwe nje. Ngokuba kulotshiwe, “Konke kungenzeka kwabakholwayo.” Njengoba sikhala, njengendoda eyayinomntwana onesithuthwane, “Nkosi, ngiyakholwa! Siza Wena ukungakholwa kwami.” 2 Sibonga Wena ngamandla aKho amakhulu, isambulo saKho esikhulu esingesaKho kithi kulolu izinsuku zokugcina. Kwenza izinhliziyo zethu zijabule kakhulu futhi zibe nokwethaba, ukwazi ukuthi sifike saxhumana noNkulunkulu ophilayo; Okuqinisekisa akubuyise ngqo enyameni, izifakaziso eziphathekayo, njengoba Enza ezinsukwini ezedlula, futhi nanjengoba Ethembisele lolusuku. Sibonga kakhulu kuWe, Nkulunkulu wethu. Lolusuku olumnyama lapho kungekho namunye obonakala azi ukuthi uzohamba ngayiphi indlela, sijabula kakhulu ukuthi sithole indawo ephephile, inqaba. 3 Manje sibusise kulobubusuku, Nkosi, njengoba sikhuluma ngeZwi laKho. Nezethembiso esinikwe thina, sengathi singazondla ezinhliziyweni zethu, sizilondoloze ngokuzithoba, futhi sizilalele ngempatho eqinile ngempela yokumesaba uNkulunkulu. Ngokuba sikucela eGameni likaJesu. Ameni. 4 [Omunye ukhuluma noMfowethu Branham—Umhl.] Umnikelo wothando? Bebengafanele—bebengafanele ukwenza lokho. Ubani owenze lokho? Unecala? Bengibhekene nemenenja. Ithe ingithathele umnikelo wothando. Ibingafanele yenze lokho. Ngiyawubonga, uNkulunkulu uyakwazi lokho, kodwa a—angizeli neze lokho. Ngiyabonga. Sengathi iNkosi ingakubusisa. Ngizokwenza konke engingakwenza. Ngizowufaka ngqo ezimishini zangaphandle, ukuze ngazi ukuthi uyohambela uMbuso kaNkulunkulu. Futhi uma iNkosi ithanda, ngizowuthatha, qobo lwami, ngiwuwelisele emazweni, ukuletha leliVangeli elifanayo ebenilihlalele, nililalele kuleliviki, khona- ke ngiyazi uyokwenziwa ngendlela eniWukholwe ngayo. INkosi ingisize ukuba ngikwenze. 5 Ngibonga kakhulu ngokwethamela okukhulu kuleliviki, nangani nonke bantu oxhumile kulobubusuku futhi nge— ngezingcingo zikathelefoni. Futhi sinibonga kakhulu nonke lowo nalowo wenu. 6 UBilly uthe kimi kulokhukusa, uthe, “Baba, ukuba ubuze kanye nami kulokhukusa, ngaphambi kwesikhathi, nje emva kokusa, futhi ume lapha macala onke kulezizindawo futhi

Upload: others

Post on 19-Jan-2020

9 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA?

Asikhothamise amakhanda ethu ukuba sikhuleke.Baba waseZulwini Othandekayo, sizwa leliculo lika

Kholwa Kuphela, lisenza sazi ukuthi yilokho kuphela esifanelesikwenze ukuba sidle ifa lanoma yiziphi zezethembisozikaNkulunkulu, sizikholwe nje. Ngokuba kulotshiwe, “Konkekungenzeka kwabakholwayo.” Njengoba sikhala, njengendodaeyayinomntwana onesithuthwane, “Nkosi, ngiyakholwa! SizaWena ukungakholwa kwami.”2 Sibonga Wena ngamandla aKho amakhulu, isambulosaKho esikhulu esingesaKho kithi kulolu izinsuku zokugcina.Kwenza izinhliziyo zethu zijabule kakhulu futhi zibenokwethaba, ukwazi ukuthi sifike saxhumana noNkulunkuluophilayo; Okuqinisekisa akubuyise ngqo enyameni, izifakazisoeziphathekayo, njengoba Enza ezinsukwini ezedlula, futhinanjengoba Ethembisele lolusuku. Sibonga kakhulu kuWe,Nkulunkulu wethu. Lolusuku olumnyama lapho kungekhonamunye obonakala azi ukuthi uzohamba ngayiphi indlela,sijabula kakhulu ukuthi sithole indawo ephephile, inqaba.3 Manje sibusise kulobubusuku, Nkosi, njengoba sikhulumangeZwi laKho. Nezethembiso esinikwe thina, sengathisingazondla ezinhliziyweni zethu, sizilondoloze ngokuzithoba,futhi sizilalele ngempatho eqinile ngempela yokumesabauNkulunkulu. Ngokuba sikucela eGameni likaJesu. Ameni.4 [Omunye ukhuluma noMfowethu Branham—Umhl.]Umnikelo wothando? Bebengafanele—bebengafanele ukwenzalokho. Ubani owenze lokho? Unecala? Bengibhekene nemenenja.Ithe ingithathele umnikelo wothando. Ibingafanele yenzelokho. Ngiyawubonga, uNkulunkulu uyakwazi lokho,kodwa a—angizeli neze lokho. Ngiyabonga. SengathiiNkosi ingakubusisa. Ngizokwenza konke engingakwenza.Ngizowufaka ngqo ezimishini zangaphandle, ukuze ngazi ukuthiuyohambela uMbuso kaNkulunkulu. Futhi uma iNkosi ithanda,ngizowuthatha, qobo lwami, ngiwuwelisele emazweni, ukulethaleliVangeli elifanayo ebenilihlalele, nililalele kuleliviki, khona-ke ngiyazi uyokwenziwa ngendlela eniWukholwe ngayo. INkosiingisize ukuba ngikwenze.5 Ngibonga kakhulu ngokwethamela okukhulu kuleliviki,nangani nonke bantu oxhumile kulobubusuku futhi nge—ngezingcingo zikathelefoni. Futhi sinibonga kakhulu nonkelowo nalowo wenu.6 UBilly uthe kimi kulokhukusa, uthe, “Baba, ukuba ubuzekanye nami kulokhukusa, ngaphambi kwesikhathi, nje emvakokusa, futhi ume lapha macala onke kulezizindawo futhi

Page 2: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

uqaphele omama bepha izingane zabo ukudla emotweni,labobantu abazihluphekelayo behlezi kuleyomvula, belindeleiminyango ukuba ivulwe!” Niyabona ukuthi kuzenzisa kuniebengizoba yikho uma nginitshele noma yini kodwa akwangabayiQiniso na? Impela bengizoba ngumuntu omubi. Ngezinyeizikhathi ngidinga ngilimaze, kodwa akungoba ngifuna,yingoba…Akusimina engilimazayo. YiQiniso elilimazayo.Futhi ngi—ngi…Kodwa ngikholwa ukuthi yingalesosizathuniza, ngoba ngiqotho kakhulu kini, futhi ngenza konkeengingakwenza ukunisiza. INkosi inisize nonke lowo nalowowenu.7 Futhi manje ngifuna ukubonga abantu ngokubambisanakwabo okuhle, abantu bedolobha lapha, futhi, abasinikile,basivumela siqashe lendlu yesikole, lelihholo nejimu. Futhingifuna ukubonga izikhulu uma nikhona. Kanti futhingifuna ukubonga uHouston Colvin, ongumgcini lapha,ngokubambisana kwakhe okuhle ekusisizeni ukuba sitholelokhu futhi ngokuba nathi ubusuku ngabunye.8 Sibonga umbutho wamaphoyisa aseJeffersonvillengokwenyukela lapha futhi aqaphe, ngezindleko eziphansikabi. Ngicabanga ukuthi cishe amadola amabili ngehora,ukuthi amaphoyisa abekwa phezulu lapha ngomsebenzioyisipesheli, ukupaka izimoto, ukubona ukuthi bekungekho…lutho olwenzekile, futhi yonke into ihambe kahle. Siyabongakubantu ngalokho. Naku—ku, futhi, unjiniyela lapha e—ebhodini, ngimbhekisisile. Nakho konke okuxhumene nalokhu,impela siyanibonga.9 Nginibonga nonke yilowo nalowo ngezipho. UBillyusanda kungilethela, kulentambama, i—isipho, eziningana,namabhokisi, uswidi, njalonjalo. Futhi esinye sazo bekuyi—yimiBukiso emikhulu, nesithombe sikaKristu esisetshenzwekuwo—kuwo, iNtshumayelo eNtabeni. Futhi ngempela besisihle.Nginibonga ngempela. Futhi nezinto eziningi kakhulu, angaziukuthi nginganibonga kanjani ngakho. Kanti futhi-ke, futhi,ngo—ngokuxhasa kwenu, ukuxhasa ngemali umhlangano,impela siyakubonga, ngenhliziyo yethu yonke. INkosi inibusisenonke, kakhulu.10 UBilly uthe, bekukhona abantu abaningi, benicelakubonanwe ngezingxoxiswano zangasese ngesikhathi. Futhiabaningi bacelile futhi bebenezingane ezincane ukubazibusiswe. O, ngifuna kangakanani ukwenza lokho!

Kodwa, niyabo, nxa ngifika ngalesisikhathi, kuphuthumakakhulu. Ngifanele ngihlale ngokuyikho, ngaso sonkeisikhathi, ekufundisiseni, leliZwi nomkhuleko, ngenxayokuletha leMilayezo. Niyabo, ayi…Iya—iyamangalisa kithi,ngoba kungukuthola intando kaNkulunkulu bese-ke kubaukukhuluma izinto. Futhi konke lokho kufanele kuhlangane

Page 3: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 3

ndawonye, futhi sicele uNkulunkulu ukuthi nje yimuphiozovulwa.11 Manje, iNkosi ithanda, sizobuye sibuye futhi masinyane,masinya nje singathola usuku. Ngenze i—isiphakamiso, noma—noma ngasho okuthize ngePhasika. Kungcono ngikuhloslisiselokho, ngoba ngicabanga ukuthi nginohlelo eCaliforniangakulesosikhathi. Ngakho lokho kungahle kube yiphutha.Nokho, uma sesibuya futhi etabernakele, sizonithumelelaikhadi, nebandla, futhi—futhi sininike u—usuku nesikhathi.Khona-ke ngizobe, mhlawumbe ngalesosikhathi, futhi…12 Angibekanga-sikhathi ukukhulekela abagulayo. Asibanganayo inkonzo eyodwa yokuba sikhuphule abantu futhisibakhulekele. Besibathumela ngaphandle. Futhi abazalwanebethu lapha ubeshumayela, uMfowethu Lee VaylenoMfowethu…Laba abanye abafowethu ubeshumayela, futhibekhulekela abagulayo, futhi benza nombhaphathizo wamanzi,bebhaphathiza, njalo, futhi bengidedela ngihlale ngedwa neZwi.Siyawabonga lamadoda. Enze umsebenzi wobuqhawe.13 Kukhona abangane abaningi kakhulu lapha engingathandaukuhlangana nabo. Ngibuka phansi futhi ngibonauJohn Earl. Futhi nango uDokotela Lee Vayle, omunyewezimenenja zomkhankaso. UMfowethu Roy Borders.Lawo indoda, anginakho ngisho…Angikabaxhawuli ngishoukubaxhawula. Angikaze ngibe nalo ithuba lokukwenza.Ngicabanga ngabangane bami abavela eKentucky, naphakathingapha, nabangane abangabefundisi, ngingathanda kabiukubaxhawula! UMfowethu Blair, ngimqaphelisisa laphangelinye ilanga. Namaningi alawomadoda e—engiwathandayo,futhi aseke abakhona emihlanganweni eminingana, futhiangikaze ngibaxhawule ngisho ukubaxhawula kodwa lokhu.Ngi—ngiyazama…Akungoba ngingafuni ukwenza lokho;yingoba anginaso isikhathi sokukwenza, futhi nje ngingojahile.14 Ukubusisa izingane, impela. Indodana yami uqobo,indodana yami engumzukulu ibifanele ibusiswe kulomhlangano.Angikaze ngibe naso isikhathi sokukwenza; uDavid omncane.Ngingumkhulu, kabili manje. Ngakho, uMnuz. May, uma ekhonalapha kulobubusuku, ongipha leyokheyini, kubukeka sengathingizodingeka ngiyisebenzise masinya impela.15 Ngakho, futhi ngamtshela uBilly, ngathi, “IBhayibheli lashoukuthi nande nigcwalise umhlaba, kodwa umthwalo wonkeawunikwanga wena.” Nalababazukulu abangamadodana bavelamasinya.

Futhi ngakho, khumbulani, umalokazana wakwamiwayeyinyumba, kusukela ekuqaleni. Wayengatholi’bantwana.Futhi ngelinye ilanga, ngisuka emhlanganweni, iNkosiyakhuluma nami futhi yathi, “Loyce, uzozala indodana. INkosi

Page 4: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

ikubusisile. Inkathazo yakho yabesifazane isihambile.” UPaulomncanewazalwa, emva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye.16 Ezinyangeni ezimbili ngaphambi kokuba lenganeifike enkundleni, ngangihlezi, ngidla ukudla kwasekuseningokunye ukusa, etafuleni, futhi uLoyce noBilly wayehlezingale kwetafula bebhekene nami. Futhi ngambona uLoyceefunza inganyana inebomvana…noma ingubo el’hlazaokwesibhakabhaka kusongwe ngayo. NoBilly wayehleziekhoneni, efunza uPaul omncane. Ngathi, “Billy, ngisandakubona umbono. ULoyce ubefunza ingane esongwe ngenguboel’hlaza okwesibhakabhaka.”

Wathi, “Nakho kuqhamuka uhambo lwami lokuyozingela.Lokho kuyizinyanga nje eziyisishiyagalolunye kusukelamanje.”

Emva kwezinyanga ezilishumi nanye, uDavid omncanewazalwa. Futhi bengingakakwazi ukumnikela eNkosini kuzekube yimanje, futhi ngeke siyoze sibuye futhi. Ngakho niyabonaukuthi kuyini.17 Ngibathanda kabi abantu nenhlanganyelo yabo! Kodwaabazalwane bethu ubekhulekela abagulayo, futhi ngiyazikuyimpumelelo. Ubusuku ngabunye sakhulekela abagulayo,omunye ebeka izandla zabo komunye, sonke ndawonye, okuthingaleyondlela kubambe indawo yonke. Kodwa mhlawumbe,uma uNKulunkulu ethanda…Ngizokumaka ekhadini, umasilithumela. Sengibuya, ngizothanda ukunikela cishe izinsukuezimbili noma ezintathu, futhi, ukukhulekela abagulayo njefuthi senze esingakwenza ngaleyondlela. Manje, futhi ngibongaabantu ngosizo lwabo, futhi.18 Manje ngifuna nje ukuphawula, umzuzwana nje, ngo—ngoMlayezo wasekuseni. Akukho-kungabaza, angiwuqedanganya, kodwa ngicabanga ukuthi niyaqonda. Futhi ngineqisoanizange…Soze nazi ukuthi lokho bekunjani kimi ukukwenza.19 Manje, kubukeka kulula kabi kini. Kodwa, niyazi,uyabona ukuthi wenzani na? Uthatha indawo kaNkulunkulu,ukuphumisela oKuthize. Futhi ngaphambi kokuba ngenzelokho, kwakufanele kuvele impendulo kuNkulunkulu. Futhikwafanele Ehle, futhi Wazikhombisa Yena ngokubonakalayo,futhi wanikeza iSambulo. Ngakho-ke, niyabo, lokhu kuqondeneneBandla. Futhi khumbulani, ngithe, “Lezi, lokhu engikushilo,bekuqondene neBandla kuphela.”20 Futhi ukuze nibe nethemba futhi nazi, lowobekunguNkulunkulu ofanayo owasho kimi phezulu laphookwakungekho-ngwejeje khona. “Khuluma, futhi usho ukuthizizoba kuphi.” Futhi izikhathi ezintathu eziqondile kwenzeka.Manje, uma Engakwazi ngalelozwi elifanayo adale okuthizeokungekho lapho, Lokhu kuyobambisisa kangakanani ngoSukulokwaHlulela! Niyabo? Abantu babelapho ukubona lezizinto,futhi bazi. Njengoba uPawulu asho, ezinsukwini ezedlulayo.

Page 5: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 5

Kukhona indoda eyayinaye, e—eyawuzwa umhlaba uzamazama;futhi ayilizwanga iphimbo, kodwa a—ayibona i—iNsika yoMlilo.21 Kungenzele okuhle, nokho, emva kokuba sekwedlule;ukubona amadoda namakhosikazi, engibaziyo ukuthibangamaKristu angokoqobo, begonana futhi bekhala.22 Futhi lalelani, bangane, uNkulunkulu uqinisa iZwi laKhengezibonakaliso neziqinisekiso, ukufakazisa ukuthi Liqinisile,iZwi elikhulunyiweyo. Manje khumbulani, lokho kuKhanyaokwakukuleloFu, okwanikeza iSambulo. Ngangi…

Intombazanyana yami ibingitshela, uSara lapha, ukuthingenkathi be…Lesosikole lapho eArizona sasibuka phezululapho esibhakabhakeni esingenamafu, futhi bebona leliFungokuyinkinga kuleyontaba, lehla lenyuka, noMlilo onombalaophuzi usha kuLo. Uthisha wawakhipha amakilasi nesikole,futhi wabakhiphela ngaphambili, wayesethi, “Senake nayibonanoma yini into enjengaleya na? Bukani ngendlela okuyiyolokho lapho.”

Khumbulani, lokho yilokho kuKhanya okufanayookunombala ophuzi okusedwaleni. Ngakho nguNkulunkuluofanayo, iSambulo esifanayo, wathi, “Batshele ukuba benzelokhu.” Yilokho enginitshele khona kulokhukusa, ngakhoNakho.23 Uma kwenzeka ukuthi umngane wami olungileyo,uMfowethu Roy Roberson, ulalele eTucson. Roy, uyakhumbula,ngelinye ilanga, umbono owawuwubonile ngenkathi siphumilesimi phezu kwentaba na? Wenyukela kimi, naleloFu laliphezukwesicongo na? Weza wehla, uyazi ukuthi Wakutshela ini; futhingakutshela kuleyondlu, ngelinye ilanga na? Yilokho-ke, Roy.Ungabe usaphinde ukhathazeke, ndodana. Sekwedlule.24 Awazi nje ukuthi lokho kuchaza ukuthini! Ngumusa.Uyakuthanda. Nawe Mthande, ngokuzithoba uMsebenzeleuMkhonze zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Jabula, qhubekauphile njengoba unjalo. Uma ujabule, qhubeka ngaleyondlela.Ungalokothi wenze noma yini eyiphutha futhi, enjengaleyo.Qhubeka nje. Ngumusa kaNkulunkulu.25 Manje ngifuna ukukhuleka futhi ngaphambi kokubasingene eZwini. Bangaki abazongikhulekela na? Nje ngisukaemhlanganweni ngiye emhlanganweni. Nizokhuleka na?

Niyazi, ngithanda ukuniculela iculo elincane, sonke kanyekanye, ngaphambi kokuba siye eZwini. Nje ukuba…ukuzesazi uNkulunkulu…Ukuzinikela okuncane nje. Senake nalizwaleliculo elincane, UyaKuNakekela? “Ekukhanyeni kwelanganasekudabukeni, Uyakunakekela.”26 Inenekazi elincane likhuphukela opiyaneni. Awusho,ngifuna ukubonga lelinenekazi elincane, futhi. Bengingalazinokuthi lingubani. Ngenye yamadodakazi omdikoni lapha.

Page 6: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

Impela ngi…Intombazanyana kaMfowethu Wheeler. Isikhulilemanje. Yayiseyintwanyana eyayihlala edolweni lami, esikhathiniesingeside esedlule, futhi manje isingowesifazane osemncane.Ngakho ngiyayibonga ngempela ukuthi isebenzise italente layoemculweni, futhi manje idlala kamnandi kabi. Ungasinikaindlela, dade na? Sonke kanyekanye manje.

Uyakunakekela,Uyakunakekela;Ekukhanyeni kwelanga noma ethunzini,Uyakunakekela.

Niyalithanda lelo na? Asilicule futhi, kanyekanye.Uyakunakekela,Uyakunakekela;Ekukhanyeni noma ethunzini,Uyakunakekela.

Mfowethu Dauch, Uyakwenzela, nawe, mfowethu.AniMthandi na? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.]

Asikhothamise amakhanda ethu manje.27 Nkulunkulu Onomusa othandekayo, nalelinothi elincanelapha lezinto ezimbalwa engizozisho kubantu, nasemuvafuthi ukuthathisela kulokhukusa, ngokuba yilokho abantuabazela ukuzokuzwa. Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, ukuthiUzobenza babone abantu ukuthi uNkulunkulu uyathanda futhiuyanakekela. Futhi bekungesimina enginikeza Lokho, Nkosi,kuqinisekisiwe ukuthi bekuyiQiniso. Ngakho ngiyakhuleka,Nkulunkulu Othandekayo, ukuthi uthando lwaKho luyohlalanjalo luhlezi phakathi kwabantu. Kulobubusuku, ukubanokwehlukanisa emva kwalomhlangano futhi siye emakhayaethu ahlukene, ku—kuthi nje ukusidonsa, abanye, ekujuleni,Nkosi. Ngikhulekela ukuthi Uzobusisa lababantu.28 Manje njengoba sisondela eZwini, ngomkhuleko, futhisisondela eZwini elilotshiwe, sicela ukuthi Uzothatha leliZwielilotshiwe futhi uLenze liphile kithi kulobubusuku. Futhiuma sesisuka kulendlu kulobubusuku ukwehlukana ukubasiye emakhaya ethu ehlukene, sengathi singasho njengalaboababevela e-Emawuse, ababekade behamba naYe usukulonke futhi belokhu bengaMazi; kodwa lapho Esebangenisangaphakathi ekamelweni ngalobobusuku, neminyango yonkeivaliwe, Wenza okuthize njengalokhu Enza nje ngaphambikokubethelwa kwaKhe. Ngalokho, bazi ukuthi Wayesevukilefuthi.

Kwenze futhi kulobubusuku, Nkosi. Siphe khona, iminyangoisavaliwe, neqembu laKho elincane lapha lihlezi, lilindile. Futhi,Baba, nxa sesiya emakhaya ethu, sizosho njengoba benza,“Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu laphoEkhuluma kithi endleleni!” Sizinikela qobo lwethu, nakho

Page 7: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 7

konke, ezandleni zaKho, Nkosi. Yenza kithi njengoba Ubonakufanele. EGameni likaJesu. Ameni.29 Manje asingene enkonzweni ngqo manje, masinya. Nivulemanje kanye nami, uma nithanda, eNcwadini yamaHeberu,nesinye isambulo eMlayezweni. Sizokhuluma imizuzwanaembalwa nje kulobubusuku, iNkosi ithanda. Bese-ke ngisafundaamavesi amathathu okuqala amaHeberu 7:1 kuya kwele 3,bese-ke ngiphawula ngalokhu. Futhi asazi ukuthi iNkosiizokwenzani; asazi. Into kuphela esiyenzayo ngukukholwanje, siqaphele, sikhuleke. Kunjalo na? Futhi sikholwe ukuthi“Uyokwenza konke kusebenzelane kube ngokuhle kulaboabaMthandayo,” ngobaWakwethembisa.

Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema,umpristi kaNkulunkulu ophezu konke, owahlangabezauAbrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;

UAbrahama wamabela okweshumi kukho konke;yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwaloiNkosi yokulunga, besekuba-yiNkosi yaseSalema,okungukuthi, iNkosi yokuthula;

Asifunde sithi ukuqhubeka kancane.

Engenayise, engenanina, engenaluzalo,…nakuqalakwezinsuku, kumbe nakuphela kokuphila; kephaefaniswe neNdodana kaNkulunkulu; uhlala engumpristinjalonjalo.

30 Cabanga ngaloMuntu omkhulu, ukuthi leNdoda kufaneleukuthi yayinkulu kangakanani! Futhi manje, umbuzo uthi,“Ubani leNdoda na?” Osiyazi bezenkolo ubenemibonoeyehlukeneyo. Kepha selokhu kubesekuvulweni kweziMpawueziyisiKhombisa, incwadi eyimfihlakalo ebiyimfihlakalokithi…NgokweZambulo 10:1 kuya kwele 7, zonke izimfihlakaloelotshwe kuleNcwadi, ebifihlakele kusukela phansi onyakeniwabaguquli, ifanele ikhishelwe obala yingelosi yonyakawebandla wokugcina. Bangaki owaziyo ukuthi lokho kunjalona? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.] Kunjalo, efanele ivezwe.Zonke izimfihlakalo zeNcwadi eyimfihlakalo izovulwaesithunyweni saseLawodikeya salowonyaka.31 Ngokubona ukuthi kuningi ukuphikisana ngaloMuntunalendaba, ngicabanga ukuthi kusifanele ukuyibhoboza,ukuthola ukuthi Ubani lo. Manje, kuneminingana imiqondoefanayo ngaYe.

Esinye sezikole yilezi, okushiwoyo, “Uyinganekwane nje.Wayengesuye umuntu eqinisweni.”

Nabanye uthi, ukuthi, “Kwakungubupristi, lobokwakungubupristi bukaMelkisedeki.” Yilokho impelaokungenzeka ukuthi yikho, lokho kubambelela kangcono

Page 8: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

kulelocala kunoma benza kokunye, yingoba bathikwakungubupristi.

Kungeke kwaba yilokho, ngoba evesini 4 LithiWayenguMuntu, u “Muntu.” Ngakho, ukuze abe uMuntu,Ufanele abe ubuntu, u “Muntu.” Hhayi ngokokuma; kodwauMuntu! Ngakho Wayengesikho nje okungokokuma kobupristi,kanjalo futhiWayengesiyo inganekwane.WayenguMuntu.32 NoMuntu uPhakade. Uma ubhekisisa, “Wayengenayise.Wayengenanina. Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. FuthiWayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma wake wabanguBani usaphila nakulobubusuku, ngoba iBhayibheli lasholapha, ukuthi, “Wayengenayise, nanina, ukuqala kwezinsuku,noma ukuphela kokuphila. Ngakho Kwakufanele kube uMuntuoPhakade. Ngabe kunjalo na? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.]UMuntu oPhakade! Ngakho kwakungaba nguMuntu oyedwa,lowo nguNkulunkulu, ngoba Nguye Yedwa oPhakade.UNkulunkulu!33 Manje, kuThimothewu wokuQala 6:15 ne 16, uma uthandaukukufunda lokho ngesinye isikhathi, ngingathanda nikufunde.

Manje, into engiyilwelayo eyokuthi, ukuthi,WayenguNkulunkulu, ngoba Unguyena-Muntu kuphela ongabanokungafi. Futhi manje, uNkulunkulu eziguqula Yena ebanguMuntu; yilokho Ayeyikho, “Kungekho yise, kungekho nina,kungekho kuqala kokuphila, kungekho kuphela kwezinsuku.”34 Manje siyathola emBhalweni ukuthi abantu abaningiufundisa ukuthi, “ubuntu obuthathu ebuNkulunkulwini.”Ngakho, ungeke waba nobuntu ungesuye umuntu. Kuthathaumuntu ukwenza ubuntu.

Umfundisi oyiBaptisti, emavikini ambalwa edlule,wakhuphuka, futhi kuyo indlu yami, futhi wathi, “Ngizothandaukukuqondisa ngobuNkulunkulu ngesinye isikhathi umausuthole isikhathi.”Wangibizela enhla, njalo.35 Ngathi, “Nginaso isikhathi njengamanje, ngoba ngifunaukuqonda, futhi sibeka eceleni yonke enye into, ukubasikwenze.”

Futhi wenyuka, wathi, “Mfowethu Branham, ufundisaukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa nje.”

Ngathi, “Yebo, mnumzane.”Wathi, “Kuhle,” wathi, “Ngiyakholwa ukuthi kukhona

uNkulunkulu oyedwa, kodwa uNkulunkulu oyedwa kuBantuabathathu.”

Ngathi, “Banumzane, awukuphinde lokho futhi.”Wathi, “UNkulunkulu oyedwa, kuBantu abathathu.”

36 Ngathi, “Waya kusiphi isikole na?” Niyabo?Futhi wangitshela i—ikholiji leBhayibheli. Ngathi,

Page 9: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 9

“Bengingakukholwa lokho. Ungeke waba ngumuntungaphandle kokuba wubuntu. Futhi uma ungubuntu,ungubuntu obubodwa kuwena siqu sakho. Ungohlukile, umuntuongayedwa.”

Wayesethi, “Awu, osiyazi bezenkolo ngeke bakuchaza ngisholokho.”

Ngathi, “Kungesambulo.”

Wayesethi, “Ngeke ngasemukela isambulo.”37 Ngathi, “Ayikho-ke indlela kuNkulunkulu ukuba akeafinyelele kuwe, ngoba, ‘Kufihliwe emehlweni abahlakaniphilenabanokuqonda, futhi kwembulelwa izingane,’ kwembulwa,isambulo, ‘kwembulelwa izingane zona eziyokwemukela,zifunde.’” Futhi ngathi, “Bekungebekho-ndlela kuNkulunkuluukuba afinyelele kuwe; uzivalela wena kuYe.”

Lonke iBhayibheli liyisambulo sikaNkulunkulu. LonkeiBandla lakhelwe phezu kwesambulo sikaNkulunkulu. Ayikhoenye indlela yokwazi uNkulunkulu, kuphela ngesambulo.“Kulowo iNdodana eyomembulela Yena.” ISambulo; yonkeinto yisambulo. Ngakho, ukwemu-…Ukungemukeli isambulo,khona-ke ungusiyazi nje wezenkolo obandayo, futhi akukho-themba ngawe.38 Manje, manje, sithola ukuthi loMuntu “wayengenayise,engenanina, engenakuqala kwezinsuku noma ukuphelakokuphila.” KwakunguNkulunkulu, u enmorphe.

Manje, izwe, igama liyavela, igama lesiGreki, lichaza,“ukuguquka,” lalisetshenziswa. Eziguqula Yena, en morphe,ukusuka kumuntu oyedwa kuya…Umuntu oyedwa; igamalesiGreki lapho, en morphe, lichaza…Lalithathelwaemdlalweni wasesiteji, ukuthi umuntu oyedwa uguqulaisifihlabuso sakhe, ukumenza abe ngesinye esithize isimilo.39 Njengase—sesikoleni, maduze nje, ngiyakholwa, uRebekah,ngaphambi nje kokuba athole iziqu, babenomunye womdlalokaShakespeare. Futhi insizwa eyodwa yayishintsha izingubozayo izikhathi eziningana, ngoba yadlala izingxenye ezimbilinoma ezintathu ezehlukene; kodwa, kunguye lowomuntu.Aphume, ngesinye isikhathi, abe yishinga; futhi uma ephumangokulandelayo, wayesengesinye isimilo. Futhi manje igamalesiGreki, en morphe, kuchaza ukuthi “waguqula isifihlabusosakhe.”40 Futhi yilokho uNkulunkulu akwenzayo. NguNkulunkuluofanayo ngasosonke isikhathi. UNkulunkulu esimwenisikaBaba, u—uMoya, iNsika yoMlilo. UNkulunkulu ofanayowenziwa inyama wakha phakathi kwethu, en morphe,wakukhipha ukuze Abonwe. Futhi manje lowoNkulunkuluofanayo unguMoya oNgcwele. UYise, iNdodana, oNgcwele…

Page 10: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

hhayi oNkulunkulu abathathu; izikhundla ezintathu, izenzoezintathu zikaNkulunkulu oyedwa.41 IBhayibheli lathi, “Munye uNkulunkulu,” ababathathu.Kodwa kukanjalo ukuthi abakwazanga…Ungeke ukutholelokhu kuqondisiwe futhi ube noNkulunkulu abathathu.Ubungasoze wakuthengisela iJuda lokho. Ngizokutshelalokho. Lona elazi kangcono, liyazi ukuthi munye kuphelauNkulunkulu.42 Bhekisisani, njengomfanekiso oqoshiwe, uyafihla, ngesi—sifihlabuso awumboze ngaso. Yilokho uNkulunkulu akwenzilekulonyaka. Bekufihliwe. Zonke lezizinto bekufihliwe, futhikufanele kwembulwe kulonyaka. Manje, iBhayibheli lithiziyokwembulwa ngezikhathi zokugcina. Kunjengomqophiwemifanekiso egcina isinqamu sakhe—sakhe somsebenziombozwe wonke kuze kube isikhathi asusa ngaso isifihlabusokuwo futhi nanko-ke.

Futhi yilokho iBhayibheli ebeliyikho. BekungumsebenzikaNkulunkulu obuwemboziwe. Futhi Ubufihliwe selokhukwasekelwa umhlaba, futhi imfihlakalo yaWo ekasikhombisa.Futhi uNkulunkulu wethembisa kulolusuku, onyakeniwalelibandla laseLawodikeya, Wayezosusa isifihlabusokuyoyonke into futhi sikwazi ukuYibona. Into enhle kangakapho!43 UNkulunkulu, u en morphe, ezifihle ubuso eNsikeniyoMlilo. UNkulunkulu u en morphe, eNdodeni ebizwa ngoJesu.UNkulunkulu, u en morphe, eBandleni laKhe. UNkulunkuluphezu kwethu, uNkulunkulu enathi, uNkulunkulu ekithi;ukuzehlisa kukaNkulunkulu.

Phezulu Lapho, ongcwele, akekho owayengaMthinta,Wahlala phezu kwentaba; futhi ngisho uma isilwane sithinteintaba, sasifa.

Useyehla-ke uNkulunkulu futhi waguqula itende laKhe,futhi ehla futhi wahlala nathi, uba ngomunye wethu. “FuthisaMbamba,” kwasho iBhayibheli. UThimothewu wokuQala3:16, “Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza;ngokuba uNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, waphathwangezandla.” UNkulunkulu udla inyama. UNkulunkulu waphuzaamanzi. UNkulunkulu walala. UNkulunkulu wakhala.Wayengomunyewethu. Kuhle, kufanekiswe eBhayibhelini!

Lowo kwakunguNkulunkulu phezu kwethu; uNkulunkuluenathi; manje nguNkulunkulu kithi, uMoya oNgcwele. HhayiuMuntu wesithathu; uMuntu ofanayo!44 UNkulunkulu wehla waba yinyama, futhi wafa ukufa,kuKristu; ukuze Ahlanze iBandla, ukuze angene kulo, ukubaahlanganyele. UNkulunkulu uyayithanda inhlanganyelo.Yilokho Akwenzela umuntu ekuqaleni, kwakungukubaahlanganyele; uNkulunkulu uhlala yedwa, namaKherubi.

Page 11: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 11

45 Futhi bhekisisa manje, Wenza umuntu, nomuntu wawa.Ngakho Wehla futhi wamhlenga umuntu, ngoba uNkulunkuluuyakuthanda ukukhonzwa. Lona impela igama elithinkulunkulu lichaza “into ekhonzwayo.”

Nalokhu okufika phakathi kwethu, njengeNsika yoMlilo,njengento eguqula izinhliziyo zethu, lowo nguNkulunkuluofanayo owathi, “Makube-khona ukukhanya,” kwaba-khonaukukhanya. Unguye izolo, namuhla, naphakade.46 Manje, ekuqaleni uNkulunkulu wayehlala yedwa,nezingxenye zaKhe, njengoba ngikhulumile ngakhokulokhukusa. Lokho yimicabango yaKhe. Kwakungekho lutho,kunguNkulunkulu yedwa nje, kodwaWayenemicabango.

Njengesazi esikhulu sokwakha izindlu nje singahlala phansi,emqondweni waso, futhi sikudwebe esikucabangayo ukuthisizo—sizokwakha. Sidale, manje, singeke sadala. Singathathaokuthize osekudaliwe futhi sikwenze ngesinye isimo esehlukile;ngoba uNkulunkulu yiyonandlela kuphela…kuphela Munyeongadala. Kodwa ukuthola emqondweni wakhe azokwenza,futhi lokho yimicabango yakhe, lokho yizifiso zakhe. Manjengumcabango, bese-ke eyawukhuluma, futhi kuba yizwi-kengaleyonkathi. Futhi i—izwi yi…47 Umcabango, uma usuzwakaliswa, uba yizwi. Umcabangoozwakalisiwe yizwi, kodwa lifanele libe ngumcabango kuqala.Ngakho, yizingxenye zikaNkulunkulu; bese iba ngumcabango,bese iba yizwi.48 Bhekisisa. Labo abanakho, kulobubusuku, ukuPhilaokuPhakade, wayenaYe futhi ekuYe, ekucabangeni kwaKhe,ngaphambi kokuba kubekhona iNgelosi, inkanyezi, iKherubi,noma yini okunye. Lokho ngokuPhakade. Futhi uma unokuPhilaokuPhakade, wawulokhu ukhona. Hhayi ukubakhona kwakholapha, kodwa ukubumbeka nesimo ukuthi uNkulunkuluongenasiphelo…49 Futhi uma Engesuye ongenasiphelo, Akasuye uNkulunkulu.UNkulunkulu ufanele abe ngongenasiphelo. Thina singaba-nesiphelo; Yena ungongenasiphelo. Futhi Wayengosezindawenizonke, owazi konke, nonamandla onke. Uma Engenjalo,khona-ke Angebe uNkulunkulu. Wazi izinto zonke, izindawozonke, ngenxa yokuba sezindaweni zonke kwaKhe. Ukubangowazi konke kuMenza osezindaweni zonke. UnguBukhona;Akafani nomoya ovunguzayo. UnguBukhona; Uhlala endlini.Kodwa ngokuba ngowazi konke, azi izinto zonke, kuMenzaosezindaweni zonke, ngobaWazi konke okwenzekayo.

Kungebebikho-zeze elicwayiza amehlo alo Angalazanga.Futhi walazi izwe lingakabibikho, ukuthi liyocwayiza kangakingamehlo alo, nokuthi lalinonwali olungakanani, ngaphambikokuba kuze kubekhona izwe. Lokho ukungabi nasiphelo.

Page 12: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

Asikwazi ukukubamba ezingqondweni zethu, kodwa lowonguNkulunkulu. UNkulunkulu, ongenasiphelo!50 Futhi khumbula, wena, amehlo akho, isithombe sakho,noma ngabe wawuyini, wawusekucabangeni kwaKhe ekuqaleni.Futhi into kuphela oyiyo ngukuvezwa, izwi. Emva kokubaEsekucabangile, Wakukhuluma, futhi nakhu ukhona. Umakungenjalo, uma wawungekho ekucabangeni kwaKhe, ayikhonhlobo indlela ngawe yokuba uke ubelapho, ngokuba nguYeopha ukuPhila okuPhakade.51 Niyakhumbula ukuthi siyifunde kanjani imiBhalo na?“Akuyi ngotandayo, noma ngogijimayo, kodwa uNkulunkulu!”Nokuthi ukumisela kwaKhe ngaphambili kume kuqinisile,Wayengakhetha, ngaphambi kwanoma yisiphi isikhathi,ukuthi ubani. UNkulunkulu uyazibusa ekukhetheni kwaKhe.Benikwazi lokho na? UNkulunkulu uyazibusa.

Ubani owayesemuva lapho ukuba aMtshele indlela engconoyokwenza umhlaba na? Ubani owayengalokotha aMtsheleukuthi ibhizinisi laKheWayeliphethe kabi na?

Ngisho lona impela—iZwi impela, qobo lwaLo, lizibusakakhulu. Ngisho nesambulo siyazibusa. “Wembula kulowoAthanda ukumembulela.” Sona impela isambulo, qobo lwaso,siyazibusa kuNkulunkulu. Bazishayisa kanjalo-ke abantuezintweni, futhi bagxumele ezintweni, futhi bashayekeezintweni, bengazi ukuthi benzani. UNkulunkulu uyazibusaemisebenzini yaKhe.52 Manje siMthola ekuqaleni, izingxenye zaKhe. Futhi, manje,wawunaYe-ke ngaleyonkathi. Ngaleyonkathi kungenkathiiNcwadi yokuPhila ibonakala.

Manje, siyafunda ngapha eZambulweni isahluko 13, ivesi8, ukuthi, “Isilo esifika phezu komhlaba,” ngalezizinsukuzokugcina, “siyodukisa bonke labobantu emhlabeni abamagamaabo engalotshwanga eNcwadini yokuPhila yeWundlungaphambi kokusekelwa kwezwe.”53 Kucabange! Ngaphambi kokuba uJesu aze azalwe,iminyaka eyizinkulungwane ezine ngaphambi kokuba Afikeemhlabeni; futhi iminyaka eyizinkulungwane ezininganangaphambi kokuba ufike emhlabeni; uJesu, emqondwenikaNkulunkulu, wafela izono zezwe, neNcwadi yokuPhilayenziwa, negama lakho lalotshwa kuleyoNcwadi yokuPhilangaphambi kokusekelwa kwezwe. Lelo yiQiniso leBhayibheli.Niyabo, igama lakho lamiswa nguNkulunkulu futhi labekwaeNcwadini yokuPhila ngaphambi kokusekelwa kwezwe.54 Wawulapho ezingxenyeni zaKhe. Awusakukhumbuli,qha, ngoba nje uyingxenye yokuPhila kwaKhe. UyingxenyekaNkulunkulu uma uba yindodana noma indodakazikaNkulunkulu.

Page 13: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 13

Njengoba nje uyingxenye kayihlo wasemhlabeni! Kunjalo.Uyiyo. Isilisa sithwala okuveza umbala obomvu ezinhlayiyenizegazi, igazi. Futhi uma lokho sekuhambe kwangena e—eqandeni, khona-ke uba yingxenye kayihlo; nonyoko uyingxenyekayihlo, futhi; ngakho nonke niyingxenye kayihlo.

Udumo! Lokho kukhiphela ngaphandle ihlelo, nya. Ehhe.Impela kuyalikhipha! UNkulunkulu, kukho konke, indawokuphela.55 Bhekisisa manje ingxenye yaKhe. Ngakho-ke ingxenyeyayikhona, kuqala, uNkulunkulu; umcabango, ingxenye qobolwayo, konke koYedwa, ngaphandle kokuzwakaliswa. Kwathi-ke lapho Ezwakalisa, ngokuvela kamuva, Waba yiZwi-kengaleyonkathi. “Kwase kuthi-ke iZwi laba-yinyama lakhaphakathi kwethu.”56 UJohane oNgcwele isahluko 1 nevesi 1, bhekisisa,lokhu kuse, “Ekuqaleni.” Kodwa, ngaphambi, kokuPhakade!Bhekisisa, “Ekuqaleni wayekhona uLizwi.” Ngenkathi kuqalaisikhathi, kwakuyiZwi. Kodwa ngaphambi kokuba kubeyiZwi, kwakuyingxenye, umcabango. Wase-ke uzwakaliswa,“Ekuqaleni wayekhona,” ukuzwakalisa, “uLizwi.”

Manje siya lapho uMelkisedeki ekhona. Lowo yiloMuntuoyimfihlakalo. “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwiwayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.” “Wase-keuLizwi waba-yinyama wakha phakathi kwethu.” Kubambelapho lokho manje, bhekisisa.57 Ubukhona baKhe—baKhe kuqala kwakunguMoya,uNkulunkulu, ongesuye owemvelo yalomhlaba, kulungile,omkhulu oPhakade. Okwesibili, Uqala ukuZibumbelaenyameni, emzimbeni womoya obonakalayo, ubizwa nge “Zwi;umzimba.” Lokhu-ke yisimo Ayekuso ngenkathi EhlangabezananoAbrahama, wayebizwa ngoMelkisedeki. Wayesesimwenisomzimba womoya obonakalayo. Manje sizofika kulokho futhisikufakazise emizuzwini embalwa, iNkosi ithanda.WayeyiZwi.58 Umzimbawomoya obonakalayo yinto owawungekewakwaziukuyibona. Wawungabakhona lapha manje, nokho ungakwaziukuwubona.

Kufana nje, yebo, njengetelevishini. Lelo ngelinye izinga.Itelevishini; abantu bayanyakaza kuyo lendlwana manje,bayacula; kukhona imibala, futhi. Kodwa iso kuphelalingaphansi kwemizwa emihlanu…Bonke ubuwena kuphelabungaphansi kwemizwa emihlanu, njalo. Futhi ungaphansikuphela kwalokho ukubona okunqunyelwe ukukubona. Kodwakukhona elinye izinga elingabonwangesiguqulo, ngetelevishini.59 Manje, itelevishini ayisenzi isithombe. Itelevishini kuphelaisihambisa ngomgudu singene kugesi, bese kuthi-ke isibukosetelevishini sisicoshe. Kodwa isithombe sikhona lapho, kuqala.Itelevishini yayilapha ngenkathi uAdamu elapha. Itelevishini

Page 14: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

yayilapha ngenkathi uElija ehlezi entabeni iKameli. Itelevishiniyayilapha ngenkathi uJesu waseNazaretha ehamba ezingwinizaseGalile. Kodwa nikuthola manje nje. Babengeke bakukholweemuva lapho. Wawuyobe uyahlanya ukuba usho into enjengayo.Kodwamanje sekuyinto ekhona impela.

Futhi kunjalo, ukuthi uKristu ulapha, iziNgelosizikaNkulunkulu zilapha. Futhi ngeliny’ilanga, esikhathiniseminyaka eyiNkulungwane esikhulu esizayo, kuyoba nje yintoyangempela kakhulu kunetelevishini kumbe noma yini okunye,ngoba zilapha.60 Uyazembula uqobo lwaKhe esimweni saKhe esikhulusalokho Akushoyo, njengoba Yena u en morphes qobo lwaKhephakathi ezincekwini zaKhe futhi Uyazifakazela.61 Manje, lapha Usesimweni sikaMoya. Bese-ke Eza esimwenisika…sika en morphe. Manje, Wabonakala kuAbrahama, u enmorphe. Ngenkathi uAbrahama ebuya ekubulaleni amakhosi,nakhu kufika uMelkisedeki, wakhuluma naYe.62 Ngeliny’ilanga ephepheni laseTucson, ngangifundaindatshana ukuthi lapho okwakukhona o—owesifazane eshayelaehla ngomgwaqo, ngikholwa ukuthi cishe amashumi amane,amamayela angamashumi amahlanu ngehora, futhi washayisaikhehla ligqoke ijazi. Wakhala wamisa imoto yakhe. Yaliphoselaphezulu emoyeni. Khona impela ogwadule olusobala! Futhiwagijimela emuva ukuyolibheka, futhi lalingekho lapho.Pho wenzenjani na? Abanye abantu emva kwakhe bakubonakwenzeka, balibona ikhehla lindizela emoyeni, nejazi laloliphenduka. Ngakho bagijimela emuva ukuyobona. Abazangebayithole ndawo indoda. Babiza umbutho wezamaphoyisa.Amaphoyisa aphuma ukuzohlola indawo; kwakungekho-muntulapho.63 Yebo, yilowo nalowo wabo wafakaza, “Imoto iqhumile,yayishayisa indoda. Yaya phezulu emoyeni, futhi wonke umuntuukubonile.” Ofakazi, futhi amabili noma amathathu amalodiezimoto zabo, bakubona kwenzeka. Kwatholakala ukuthi,eminyakeni emihlanu eyedlula, kwakukhona ikhehla elaligqokeijazi, lashayiswa lafa kuyo leyondawo.

Uma ushiya lapha, awufile. Ufanele ubuye, ngisho nomangabe uyisoni, futhi wahlulelwe ngokwezenzo ezenziwaemzimbeni. “Uma lelidokodo lasemhlabeni lidilizwa, sinaloelilindile.” Enmorphe, yilelogama.64 Manje, uNkulunkulu, kulesisigaba so…Yilesisigabasokudaliweyo kwaKhe, kamuva okwabunjwa kwaba yinyama,uJesu. Kusukela kukuphi na? Kusukela ekuqaleni okukhulu,uMoya, wase wehla ukuba ube yiZwi, Uzikhipha wona. IZwialikaZenzi, lisakhulunyiwe nje, en morphe, kamuva Uba-yinyama, uJesu, ofayo, ukuzwa ukufa ngenxa yethu sonke thina-zoni.

Page 15: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 15

65 Ngenkathi uAbrahama ehlangabezana naYe,WayenguMelkisedeki. Uyasombulula lapha ukuthi zonkeizingxenye ziyokwenzani ekupheleni kokugcina, yonkeindodana kaAbrahama. Yonke indodana yokuKholwangokoqobo iyokwenza into efanayo. Kodwa ngifuna ukuqaphelaukuthi sifanele sifike kanjani.66 Futhi, siyaMbona Embulwa lapha kuRuth no—noBowazi,njengoMhlengi onguMhlobo, ukuthi Wayefike kanjani wabayinyama.67 Manje sibona ingxenye, amadodana oMoya waKhe,awakangeni emzimbeni oyisimo-Zwi. Kodwa, umzimba womoyaobonakalayo; lomzimba ungaphansi kweZwi nesibambiso,ulindele isibambiso, ukuguqulwa komzimba.68 Manje, ukwehluka phakathi kwaKhe nawe, njengendodana.Niyabo, Wayekhona, ekuqaleni, iZwi, umzimba oyi enmorphe. Wangena futhi wahlala kulokho, kuMuntukaMelkisedeki. Kwase kuthi, kamuva, asiphindange sibuyesizwe ngoMelkisedeki, ngoba Waba nguJesu Kristu.UMelkisedeki wayengumPristi, kodwa Waba nguJesu Kristu.Manje, wena wakwedlula lokho. Ngoba, kulesosimo, Wayaziizinto zonke, futhiwena awukaze ukwazi ukwazi lokho nokho.

Ufika njengoAdamu, njengami, wabakhona usukaengxenyeni waya enyameni, ukuba ulingwe. Kodwa umalokhukuphila sekuphelile lapha, “Uma lelidokodo lasemhlabenilidilizwa, sinalo eselivele lilindile.” Yilapho esiya khona;lelo yiZwi. Khona-ke singabheka emuva futhi sibone ukuthisenzeni. Manje asikuqondi. Asikaze sibe yiZwi; sivele nje sabangumuntu-nyama, hhayi iZwi.69 Kodwa, futhi buka, ngokucacile kukwenza kucace, sozewaba yiZwi ngaphandle uma wawungumcabango ekuqaleni.Lokho kufakazela ukumisela ngaphambili kukaNkulunkulu.Niyabo? Ungeke waba yiZwi ngaphandle uma ungumcabango.Wafanele ube sekucabangeni, kuqala.

Kodwa, niyabo, ukuze ukwazi ukumela isilingo, wafaneleuwedlule umzimba womoya obonakalayo. Wafanele wehlelelapha ungene enyameni, ukuba ulingwe yisono. Bese kuthi-ke, uma uma, “Konke uBaba aNgiphe khona kuyoza kiMi,futhi Ngiyakumvusa ngezinsuku zokugcina.” Uyabo, wafaneleubenjalo kuqala.70 Bese-ke, uyabo, Wehla ngqo, umugqa ovamileyo, ukusukaengxenyeni kuya…Ngaphambi kokusekelwa kwezwe, igamalakhe libhalwa eNcwadini yokuPhila yeWundlu. Bese,kusukela kulokho, Uba yiZwi, umzimba womoya obonakalayo,ongabonakala, unyamalale. Useba-yinyama-ke futhi wabuyelaemuva futhi, wavusa lowomzimba ofanayo usesimweniesikhazimulisiweyo.

Page 16: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kodwa wena wawedlula umzimba womoya obonakalayofuthi waba ngumuntu-nyama, ukuba alingwe yisono. Bese-ke, “Uma lelidokodo lasemhlabeni lidilizwa, sinalo eselivelelilindele.” Asikabinayo imizimba.71 Kodwa, bukani! Nxa lomzimba wemukela uMoyakaNkulunkulu, ukuPhila okungenakufa ngaphakathi kuwe,kuphosa lomzimba ekubeni uthobele uNkulunkulu. Haleluya!“Ozelwe nguNkulunkulu akoni; angeke one.” AmaRoma 8:1,“Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu; abahambingokwenyama, bahamba ngokoMoya.” Nakho lapho okhona.Niyabo, lokho kuphosa umzimbawakho uthobe.

Awudingi ukuba uthi, “O, uma nje ngingahle ngiyekeukuphuza! Uma nje ngingahle…” Ngena kuKristu nje,futhi konke sekuhambile, uyabo, uyabo, ngoba umzimbawakho uthobela uMoya. Awusazithobeli izinto zezwe; zifile.Zifile; izono zakho zimbelwe embhaphathizweni, futhiusungokudaliweyo okusha kuKristu. Futhi umzimba wakho,uthobela uMoya, uzama ukuphila uhlobo oluyilo lwempilo.72 Njengani besifazane enizisho ukuba ninoMoya oNgcwele,futhi niphume lapha futhi nigqoke izikhindi nezinto,beningakwenza kanjani na? Ubungakwenza kanjani uMoyakaNkulunkulu phakathi kuwe uke ukuvumele wenze into enjalona? Nje kungeke kwaba njalo. Impela, kungeke. Akasuye umoyaongcolileyo; UnguMoya oNgcwele.73 Bese kuthi-ke nxa usuthobela lowoMoya, kuphosabonke ubuwena ekuthobeleni lowoMoya. Futhi lowoMoyaawulutho ezweni kuphela uyileliZwi Mbewu elibonakalisiweyo,noma eliphilisiweyo, haleluya, lenziwa laphila. Futhingenkathi iBhayibheli lithi, “Ungakwenzi lokhu,” lowomzimbangokushesha uphendukela kuWo. Akukho-mbuzo.

Futhi kuyini na? Kuyisibambiso sokuvuka. Lomzimbauyovuswa futhi, ngoba usuvele uqalile. Wake wathobela isono,futhi uwudaka nokonakala, kodwa manje usunesibambiso;usuphendulwe ngokweZulu. Manje, yilesosibambiso ozongenangaso oHlwithweni. Yisibambiso.74 Umuntu ogulayo elele, efa, kungasasele lutho kuphelaukufa; yilokho kuphela okungenzeka. Sengike ngawabonaamathunzi abantu, sebedliwe ngumdlavuza nesifo sofuba;futhi ngababona labobantu, isikhashana emva kwalokho,bephile futhi beqine saka ngokuphelele. Uma kungekhoukuphulukisa kukaNkulunkulu, khona-ke akukho-kuvuka,ngoba ukuphulukisa kukaNkulunkulu kuyisibambiso sokuvuka.Ameni!75 Niyazi ukuthi imali eyisibambiso yini, anazi na? Iyidiphozi.“Yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu; ngemivimbo yaYosiphilisiwe thina.” Bhekisisa ukuthi kumangalisa kanjani!SiyaMthanda.

Page 17: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 17

76 Manje, lomzimba uthobela uMoya. Asikangeni nokhoesimweni seZwi, kodwa sisesesimweni senyama, kodwasithobela iZwi. Ukufa enyameni kuyosiyisa lapho.77 Into efanayo nje, cabanga ngengane encane. Ungathathaowesifazane, akunandaba ukuthi mubi kangakanani, umaekhulelwe futhi elungela ukuba ngumama. Qaphela, ngaphambikokuba leyongane izalwe, angikhathali ukuthi owesifazaneunonya kangakanani, uba nomusa ngempela. Kukhona okuthizengokuzwakala kwakhe…okubonakala kungukumesabauNkulunkulu, ukubona umama omncane elungela ukubangumama, ngengane. Kungani na? Lowomzinjana, manje,usuke ungakaphili nokho, niyabo, okuyiyona-nto oyiyoyinyama nje nemisipha. Lokho kugxuma okuncane, lokhoyimisipha nje edlukuzekayo. Kodwa uma sekuphuma esizalweni,uNkulunkulu uphefumulela umoya wokuphila kukho, bese-ke ikhala kakhulu. Niyabo, njengoba nje—njengoba impelakukhona umzimba wemvelo obumbekayo, kukhona umzimbawomoya ozowemukela ngokushesha nje uma ufika lapha.78 Bese, uma umuntu ezalwa ngokusha, ngokwaseZulwini, ubayingane engumoya kuKristu.

Futhi, manje-ke, uma lengubo yenyama isiwa, kukhonaumzimba wemvelo, umzimba womoya obonakalayo, umzimbaongenziwanga ngezandla, awuzalwa nangowesifazane, esiyakuwo.

Bese lowomzimba ubuy’ubuye bese uthatha umzimbaokhazimulisiweyo.

Yingalesosizathu uJesu aya esihogweni ngenkathi Efa,futhi washumayela emiphefumulweni eyayisekuboshweni;wabuya wangena kulowomzimba womoya obonakalayo. O,kuyamangalisa! Akabongwe uNkulunkulu!79 AbaseKorinte besiBili 5:1, “Uma lomzimba wasemhlabeniudilizwa, lelidokodo lasemhlabeni, sinelinye.” Niyabo,siledlulile lelo, ukuba sivele kuNkulunkulu ngqo, ingxenye;ukuba sibe yinyama, ukuba silingwe futhi sivivinywe ngesono,njengoba kwenza uAdamu. Kodwa lapho ukuvivinya kweZwilaKhe sekwedlule, khona-ke sikhushulelwa kulomzimbaowalungiselelwa thina ngaphambi kokusekelwa kwezwe. YiZwilapho esaleqayo, ukuba sifike ngokuzungeza ngqo, phansi laphaukuba silingwe futhi sivivinywe. Ukuba sasifike ngokwedlulakulokho, kwakungebebikho-silingo; sasiyokwazi zonke izinto.Yingalesosizathu uJesu wayazi izinto zonke, ngoba WayeyiZwingaphambi kokubaAbe yinyama. Bese siba yiZwi-ke.80 Lapha sibunjelwe emfanekisweni weZwi, ukuba sibengumhlanganyeli weZwi, sizondle ngeZwi, ngokumiselwangaphambili selokhu kwaba sekuqaleni; uyayibonaleyonhlansana yokuPhila owawunayo kuwe kusukelaekuqaleni, ngenkathi uqala uhambo lwakho. Abaningi benu

Page 18: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

bangakukhumbula. Wajoyina lelibandla futhi wajoyinalelobandla, wawuzama leli nalelo; akukho okwenelisayo.Kunjalo. Kodwa ngeliny’ilanga wavele nje waKuqonda.Kunjalo.81 Ngobunye ubusuku ngangifundisa ndawo ndawo,ngicabanga ukuthi kwakungaphandle eCalifornia nomaeArizona, mayelana…Ngikholwa ukuthi sengake ngayixoxaindatshana lapha, mayelana nendoda ibeka isikhukhukazifuthi sasineqanda lokhozi phansi kwaso. Futhi laphololokhozi seluchanyuselwe, lwaluyinyoni ebukeka iyinqabakabi lawomachwane asake ayibona. Kodwa, lwahambahamba.Lwalu—lwalulubi phakathi kwawo, ngoba nje lwalungaqondiukuthi lesosikhukhukazi sasizokukuza kanjani futhi siphandekuleyonqwaba yomquba futhi ludle. Lwalungayitholiinhloso. Sasithi, “Woza ngapha uzitike, s’thandwa!” Kodwa,lwaluwukhozi; nje lwalungadli kanjalo. Kwakungesikho ukudlakwalo.82 Ngakho sasibamba izintethe nokunye, uyazi, futhisibize amachwane amancane. Futhi onke lawomachwaneamancane ahambe nawo, ahamb’ekukuza, futhi adle. Kodwaukhozi oluncane nje lwalungakwazi ukukwenza. Kwakunga—kwakungabukeki kukahle kulo.

Ngakho ngeliny’ilanga uninawafika eluzingela.83 Futhi lwalusizwa lesosikhakhukazi sikukuza. Lwaluzamangamandla alo onke ukukukuza, kodwa alukwazangaukukwenza. Lwazama ukutshiyoza njengechwane, kodwaalukwazanga ukukwenza. Niyabo, lwaluwukhozi. Lona,ukuqala nje, lwaluwukhozi. Lwachanyuselwa nje phansikwesikhukhukazi.

Lokho kufana namalunga amanye amabandla. Onke…Lokho akube ngalendlela okuyiyo;mayelana nokunye kokubeka,kunjalo.84 Kodwa ngeliny’ilanga unina wandiza ngaphezulu, futhiwamemeza kakhulu. Lwakuqonda. Lokho kwezwakala kahle.Ngani na? Lwaluwukhozi, kwasekuqaleni.

Kungaleyondlela nangeVangeli, noma iZwi, noma AmandlakaJesu Kristu. Nxa umuntu emiselwe ngaphambili ekuPhileniokuPhakade, uyakuzwa lokho kukhala kwensimbi, ukumemezakakhlu kukaNkulunkulu, akukho okungamvimbela kuKho.

Ibandla lingahle lithi, “Izinsuku zezimangaliso selwedlule,”kuku, kuku, kuku. “Mana lapha udle lokhu, futhi mana laphaudle lokho.”85 Leyonto yehhokwe ngeke isalwenzela lutho, futhi.Seluhambile! “Konke kungenzeka!” Luyasuka emhlabathini.

Yingakho, indaba ngamaKristu amaningi kangakanamhlanje, awakwazi ukususa izinyawo zawo emhlabathini.

Page 19: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 19

Umama omdala wathi, “Ndodana, gxuma! Uwukhozi.Yenyukela lapha engikhona.”

Lwathi, “Ma’, angikaze ngigxume, empilweni yami.”86 Wathi, “Awu, gxuma! Uwukhozi, kwasekuqaleni. Awusiloichwane.” Ngakho lwenza ukugxuma kwalo kokuqala lwaselubhakuzisa amaphiko alo; alwangenza kahle kangako, kodwalwasuka emhlabathini.

Yileyondlela esenza ngayo. Semukela uNkulunkulungokukholwa, ngeZwi elilotshiwe. Kukhona okuphakathi lapho;yilokho-kuPhila okuPhakade.Wamiselwa ngaphambili kukho.87 Umkhulu walo nogogo walo babeyizinkozi. Lwaluwukhozi,kusukela le emuva. Ukhozi aluzihlanganisi nezinye izinto.Alusikho okuzalwa yizinto ezingafani ngohlobo; qhabo.Luwukhozi.88 Bese, emva kokuba usuliqondile lona impela iZwilikaNkulunkulu ukuthi laliwuKudla koKhozi, khona-kewayishiya enye into. Manje-ke usubunjelwe emfanekisweniophilayo kaNkulunkulu ophilayo. Wezwa emzimbeni womoyaobonakalayo wakho. “Uma lomzimba wasemhlabeni udilizwa,sinawo olindile.”

Wena uthi, “Ngabe kunjalo,Mfowethu Branhamna?”

Kulungile, ake sithathe izinkozi ezingathi zimbili futhisizibuke imizuzu embalwa. Kwakukhona igama, indoda egamalinguMose. Wonke umuntu uyazi ukuthi umprofethi ubizwangokhozi, eBhayibhelini.89 Kwakukhona umprofethi ogama linguMose. Futhingeliny’ilanga uNkulunkulu wambiza, futhi akangamvumelaawelele ezweni, futhi wa—wafela edwaleni. IziNgelosizamthatha zahamba naye zammbela.

Kwakukhona enye indoda, ukhozi, ayidingekanga ngishonokuthi ize ife. Yavele nje yahamba yawela iJordani,noNkulunkulu wathumela inqola phansi; futhi lenguboyenyama yayiwisa, futhi yaya phezulu yabamba umklomelowangunaphakade.

Emakhulwini ayisishiyagalombili eminyaka kamuva,emakhulwini ayisishiyagalombili eminyaka kamuva, eNtabeniyokuGuqulwa isimo, nakhu kumi lawomadoda amabili.Umzimba kaMose wase wabola amakhulu eminyaka, kodwalapha wayesesimweni esingangokuthi kwaze kwathi ngishonoPetru, uJakobe, noJohane bamqonda. Ameni! “Umalelidokodo lasemhlabeni lidilizwa,” uma uyingxenye yokuvezwenguNkulunkulu lapha emhlabeni, “unomzimba olindile emvakokushiya lelizwe.” Babelapho, bemi eNtabeni yokuGuqulwaisimo, emzimbeni womoya obonakalayo wabo. Ngokuba,babengabaprofethi eleza kubo iZwi.

Page 20: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

90 Futhi ake sibhekisise omunye umprofethi, ngesinyeisikhathi, ogama linguSamuweli. Wayeyindoda enkulu.Wayefundise uIsrayeli; wabatshela ukuthi abafanele kubababenenkosi. Wathi, “Sengake ngayisho yini into eyodwa kinieGameni leNkosi ayangafezeka na?”

Bathi, “Qhabo. Konke obuhlale ukusho eGameni leNkosikuyafezeka.”

Wayengumprofethi, futhi wafa.91 Cishe eminyakeni emithathu noma emine kamuva, inkosiyangena enkathazweni; lokho kwakungaphambi kweGazilikaJesu Kristu ukuba lize lichithwe. Wayeseparadesi. Futhiumlumbikazi wase Endori wabiza omunye ukuba afike, futhiaduduze uSawulu. Futhi ngenkathi umlumbikazi embona emile,wathi, “Ngibona unkulunkulu evuka emhlabathini.”92 Futhi emva kokuba indoda yase yafa, yembelwa, futhi yabolaethuneni, lapha yayimi lapho kulowomgede, igqoke inguboyayo yomprofethi; futhi yayiselokhu ingumprofethi, ameni,ngokuba wathi, “Ungibizeleni ngisekuphumuleni kwami, lokhuusuyisitha kuNkulunkulu na?” Mqaphele eprofetha. “Kusasaebusuku, ngalesisikhathi, uzoba-nami.” Wayeselokhu enguyeumprofethi, nakubawayesehambile kulomzimba.

Niyabo, wayesefike lapha futhi wayeyingxenye yaleloZwi,futhi wangena ephuma ekuphileni kwenyama wabuyelaemzimbeni owawulungiselelwe yena ngaphambi kokusekelwakwezwe. Wangena emzimbeni womoya obonakalayo,owawuyiZwi. Niyakuthola na? Aya lapho-ke onke amakholwauma sisuka lapha.93 Bese, kulesosimo, iveli-ke ngaleyonkathi iyasuswa. Niyabo,uyiZwi, futhi, uma ungena phakathi lapho. Njengenganyana;njengoba ngishilo esikhashaneni esedlule…94 Manje bhekisisa. Makadunyiswe uNkulunkulungaleziziMpawu ezivulayo, ngumkhuleko wami, ukwazilezizinto!95 Manje isambulo sangeqiniso sikaMelkisedeki siba sobala.Ini? WayenguNkulunkulu, iZwi, ngaphambi kokuba Abeyinyama; uNkulunkulu, iZwi. Isizathu, Wayefanele abenjalo; akekho omunye owayengaba nokungafi njengaYe.Niyabo, nganginobaba nomama; wawunaye nawe, futhi.UJesu wayenobaba nomama. “Kodwa leNdoda yayingenayise,noma ingenanina.” UJesu wayenesikhathi Aqala ngaso;leNdoda yayingenaso. UJesu wanikela ngokuphila kwaKhe;leNdoda yayingenakukwenza, ngoba YayingukuPhila. FuthiyilowoMuntu uqobo lwakhe ngaso sonke isikhathi. NgiyethembauNkulunkulu uyanembulela khona. LowoMuntu uqobo lwakhe,ngaso sonke isikhathi.

Page 21: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 21

96 Bhekisisa isiqu saKhe, “INkosi yokulunga.” Manje,amaHeberu 7:2, “INkosi yokulunga, neNkosi yokuthula.”Ungamakhosi amabili. Manje qaphela, amaHeberu 7:2, “INkosiyokulunga, futhi iNkosi yokuthula.” Ungamakhosi amabililapho. Manje selokhu Efike enyameni futhi umzimba waKhewemukelwa phezulu, eZambulweni 21:16, Ubizwa ngokuthi,“INkosi yamakhosi.” Uyiwo onke omathathu, kanyekanye.Niyabo, iNkosi uNkulunkulu, iNkosi uMzimba womoyaobonakalayo, iNkosi uJesu. “UyiNkosi yamakhosi.”

Kuhlangene konke, njengomphefumulo nje, umzimba,nomoya, konke kufike kwenze okukodwa.97 Futhi, UnguBaba, owayengowokuqala; iNdodana; noMoyaoNgcwele, uMoya.

“INkosi yokulunga,” uMoya oyingxenye; umzimba womoyaobonakalayo, “INkosi yo—yokuthula,” umzimba womoyaobonakalayo; futhi enyameni Wayeyi “Nkosi yamakhosi,” yenalowoMuntu.98 Ngenkathi umzimba womoya obonakalayo, uMosewaMbona, Eksodusi 33:2, Wayengumzimba womoyaobonakalayo. UMose wayefuna ukubona uNkulunkulu.Wayeselizwile iphimbo laKhe, waMuzwa ekhuluma naye,waMbona esihlahleni lapho, njengeNsika yoMlilo enkulu. Futhiwathi, “Ungubani Wena na? Ngifuna ukwazi ukuthi WenaUngubani.”UMosewathi. “Ngizobeka…”“UmaUzongivumelangiKubone, ngingathanda ukubona ubuso baKho.”99 Wathi, “Akekho umuntu ongabona ubuso baMi.” Wathi,“Ngizobeka isandla saMi phezu kwamehlo akho, futhiNgizokwedlula. Futhi ungawubona umhlane waMi, kodwahhayi ubuso baMi.” Niyabo? Futhi ngenkathi Enzenjalo,kwakungumhlane woMuntu; kwakungumzimba womoyaobonakalayo. Manje-ke iZwi elifika kuMose, “NGINGUYE,”lelo kwakuyiZwi. IZwi lafika kuMose ngesimo seNsika yoMliloesihlahleni esivuthayo, u “NGINGUYE.”100 Njengegama elivela esayenseni yezenkolo…elivelaemzimbeni womoya obonakalayo, njalo. Ngiyaxolisa. WafikakuAbrahama njengeNdoda, phansi kwesihlahla som-oki. Manjebuka lapho. Nakho kufika iNdoda kuAbrahama, amathathu,futhi ahlala phansi phansi kwesihlahla som-oki, omathathu.Futhi bhekisisa, emva kokuba Isikhulume noAbrahama…101 Yafikelani na? UAbrahama, enguye onesethembisonomlayezo wendodana ezofika, kanti futhi WayeyiZwi-mprofethi likaNkulunkulu owayethemba iZwi likaNkulunkulu,ebiza noma yini ngokuphambene sengathi yayingaphambene.Niyabona ukuthi iZwi liphelele kanjani na? IZwi lafikakumprofethi. Niyabo, kwakukhona uNkulunkulu emzimbeniwomoya obonakalayo. NeBhayibheli lathi, “IZwi lifika

Page 22: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

kumprofethi.” Futhi nanti i—iZwi lalisemzimbeni womoyaobonakalayo.

Manje wena uthi, “KwakunguNkulunkulu lowo na?”102 UAbrahama wathi kwakunguye. Wathi igama laKhe,lalithiwa, waMbiza ngoElohim. Manje kuGenesisi 1, uyathola,“Ekuqaleni uElohim wadala amazulu nomhlaba.” KuGenesisi18, sithola ukuthi—ukuthi uAbrahama wabiza loMuntu…owahlala lapho futhi wakhuluma naye, futhi wayekwaziukumtshela izimfihlo zenhliziyo yakhe, wamtshela ukuthiuSara wayecabangani emva kwaKhe. UAbrahama wathi, “NguElohim.” Wayesesimweni somzimba womoya obonakalayo.Niyakuthola na? Bhekisisani emva…103 Manje sithola ukuthi Wayesesimweni somzimbawomoya obonakalayo ngaleyonkathi. WaMbiza nge, “NkosiuNkulunkulu, uElohim.” Manje, kuGenesisi 18, sithola ukuthilokho kuyiqiniso.104 Manje bhekisisani uAbrahama. Kwakukhona amathathuawo endawonye, kodwa ngenkathi uAbrahama ehlangananamathathu, wathi, “Nkosi yami.”

Kodwa lapho uLoti, ezansi eSodoma; amabili awo ehlelalapho, noLoti wabona amabili awo eza, futhi wathi, “Makhosiami.” Niyabo, kwakuyin’indaba na? Indawo yokuqala, uLotiwayengesuye umprofethi, kunjalo, kumbe kanjalo futhiwayengesiso isithunywa sehora, ngakho wayengenasambulosaKhe. Kunjalo impela. ULoti wayengawabiza ngama “khosi.”Idazini lawo, wayengalokhu ethe, “makhosi.”

Kodwa akunandaba ukuthi uAbrahama wabona amangaki,Kwakuselokhu kuyiNkosi eyodwa. Nango uNkulunkulu. LonakwakunguMelkisedeki.105 Bhekisisa, emva kokuphela kwempi, uMelkisedekiwemukelisa umntwana waKhe onqobile isidlo; kucabangelokho, ingxenye yaKhe uqobo! Manje sifuna ukubona lapha.Emfanekisweni lapha ngukuthi, okubonwayo, isidlo. Emvakwempi, Wanikela ngaYe uqobo, ngoba isidlo siyingxenyekaKristu. Futhi emva kokuphela komzabalazo, emva kokubausubhaxabuliwe, kuba ngaleyonkathi-ke lapho usuhlanganyelakhona noKristu, ube yingxenye yalobuBukhona. Niyakutholana?106 UJakobe wabambana ubusuku bonke, futhi akaMdedelangawaze waMbusisa. Kunjalo. Walwela ukuPhila! Futhi emvakokuphela kwempi, khona-ke uNkulunkulu ukunika ubuYena.Leso yisidlo saKhe seqiniso. Isinkwa esincane nesinkwaesilucwecwana esiyindilingana nje simele Sona. Awufaneleusithathe ngaphandle uma ubambane nakho wase ubayingxenye kaNkulunkulu.

Page 23: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 23

107 Khumbula, ngalesisikhathi, isidlo sasingakaze simiswe,sasingakaze kwaze kwaba ngaphambi kokufa kukaJesu Kristu,amakhulu ngamakhalu ngamakhulu eminyaka kamuva.108 Kodwa uMelkisedeki, emva kokuba umntwana waKheuAbrahama esezuze ukunqoba, uMelkisedeki wahlangabezananaye futhi wamnika iwayini nesinkwa; ekhombisa ukuthiemva kokuba lempi yasemhlabeni isiphelile, siyohlangananaYe emazulwini bese sithatha isidlo futhi. Kuyoba yiSidlosakusihlwa soMshado. “Angisayikuphinde ngiphuze okomvini,noma ngidle isithelo, ngize Ngisidle futhi ngisiphuze nani,kabusha, eMbusweni kaBabawaMi.”Ngabe kunjalo na?109 Bhekisisani futhi, uMelkisedeki wahamba ukuhlangabezananoAbrahama ngaphambi kokuba abuyele ekhaya. Umfanekisoomuhle kangaka lapha pho esinawo! UMelkisedekiehlangabezana noAbrahama ngaphambi kokuba abuyeleekhaya, emva kwempi.

Sihlangabeza uJesu emoyeni, ngaphambi kokuba sifikeeKhaya. Kunjalo. AbaseThesalonika besiBili basitshelalokho, ngokuba, “siMhlangabeza emoyeni.” Umfanekisoomuhle kaRibeka ehlangabezana noIsaka, endle, ngokushonakwelanga. “Sihlangana naYe emoyeni.” AbaseThesalonikabesiBili basitshela kanjalo. “Ngokuba thina esisekhona sisaseleasiyikubandulela noma sibavimbele abaleleyo; ngokuba icilongolikaNkulunkulu liyakukhala; abafileyo kuKristu bayakuvukakuqala; thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo,sihlangabeze iNkosi emoyeni.”Kuphelele, yonke lemifanekiso.110 Ngakho-ke, umzimba womoya obonakalayo, umaufile futhi wangena kulowomzimba womoya obonakalayo,(kwenzekani na?) umzimba womoya obonakalayo uza emhlabeniukuzothatha umzimba ohlengiweyo. Futhi uma ulapha emoyeni,uthatha umzimba ukuba uhlangabezane nomzimba womoyaobonakalayo, nakho lapho okhona, “futhi uhlwithwe, futhiuhambe uhlangabeze iNkosi emoyeni.”111 Ubani loMelkisedeki kuphela uNkulunkulu!112 Manje siyabona lapha ngokusobala imfihlo esipheleleyezimpilo zethu ohambweni, nokufa, nokuthi siya kuphi emvakokufa kwethu. Futhi, ukumiselwa ngaphambili kuhlezi obalalapha.Manje lalelani njengoba sifundisa lokhu, kakhulu.113 Izigaba ze—zenhloso yaPhakade Ayenayo emfihlweniyaKhe manje seyembuliwe. Bhekisisani, zisekhona izigabaeziya ekupheleleni. Njengoba nje Ehlenga izwe; indlelaefanayo Ahlenga ngayo iBandla laKhe. Uhlenga abantungezigaba ezintathu. Manje buka. Esokuqala ngukulungisiswa,njengokwashunyayelwa uLuther; esesibili, ukungcweliswa,njengokwashunyayelwa uWesley; esesithathu, umbhaphathizokaMoya oNgcwele. Kunjalo. Bese-ke kufika uHlwitho!

Page 24: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

114 Manje, izwe, Walihlenga kanjani izwe na? Esokuqala,Akwenzayo, ngenkathi lona, Waligeza walikhucululaembhaphathizweni wamanzi. Kunjalo. Wase-ke Ewuconsiselangegazi laKhe, livela esiphambanweni, wase elingcwelisawalibiza ngelaKhe uQobo. Manje-ke Wenzani na? NjengobaAklebhula lonke izwe lasuka kuwe, wayeselungisa kabushayonke into ngombhaphathizo oshisayo kaMoya oNgcwele,Uyolungisa kabusha futhi izwe. Futhi liyoshiswa lonkengoMlilo, futhi lihlanze onke amagciwane, izigidi zamamayelaukuphakama, yonke into iyohlanzwa. Bese-ke kubakhona iZulueliSha noMhlaba omuSha, njengoba nje uyisidalwa esishakuKristu Jesu uma uMoya oNgcwele ukubamba. Niyabo, nakholapho okhona, yonke into icace bha. Yonke into isebuthathwini.115 Ukuzalwa ngokwemvelo kusebuthathwini. Yini intoyokuqala eyenzekayo kowesifazane eba-nengane na? Yiniebhoboka kuqala na? Amanzi. Yini ebhoboka ngokulandelayona? Igazi. Yini okulandelayo okwenzekayo na? Ukuphila.Amanzi, igazi, umoya.

Kwenzekani esithonjeni na? Siyabola. Yini into yokuqala na?Uhlanga. Yini okulandelayo na? Intshakaza. Yini okulandelayona? Ikhoba. Bese-ke uhlamvu luphuma kulokho. Izigaba njeezintathu zaso, kuze kufike ohlamvini. Kunjalo impela.116 UNkulunkulu uqinisekisa lokho. Lokho bekuhlala njalokuqinisile. UNkulunkulu ukuqinisekisa ukuthi kuliqiniso.Kukhombisa ngokusobala, omiselwe ngaphambili nguyekuphela onakwayo ekuhlengweni. Nikutholile na? Akengikusho lokho futhi. Omiselwe ngaphambili nguye kuphelaonakwayo ekuhlengweni. Abantu bangahle benze okufanayo,bacabange ukuthi bayibo, kodwa ukuhlengwa kwangempelayilabo abamiselwe ngaphambili. Ngoba, lona impela igamahlenga lichaza “ukubuyisa.” Ngabe kunjalo na? I hlengayinto…Ukuhlenga noma yini, kunguku, “buyisela endaweniyakho yakuqala.” Haleluya! Ngakho ngomiselwe ngaphambilikuphela oyobuyiswa, ngoba abanye abavelanga Lapho. Niyabo,“buyisa!”117 Ngokuba Phakade kanye naYe, ekuqaleni…UkuPhilaokuPhakade owawunakho, umcabango waKhe walokhoowawuyikho, kuphela, Wayefuna wena ukuba u…Wayefunamina ukuba ngime epulpiti, ake sisho njalo. Wayefuna wenaukuba uhlale esihlalweni kulobubusuku. Khona-ke sisebenzelainhloso yaKhe yaPhakade. Futhi lowo owashiya ikhaya, kuphelauza emhlabeni ukusebenzela inhloso yaKhe. Ngabe kunjalo na?Kulungile. Ke, emva kokuba sekuphelile, kubuyiselwa esimweniesikhazimulisiweyo; sekuvuthiwe futhi kubuyiselwa emuvafuthi.118 Akumangalisi uPawulu athi, ngenkathi bakha isibhukuukuba bamgencele kuso bamsuse ikhanda lakhe; wathi, “O

Page 25: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 25

kufa, luphi udosi lwakho na? O thuna, kuphi ukunqobakwakho na? Kepha makabongwe uNkulunkulu Osinikaukunqoba!” Wathi, “Kufa, ngitshele ukuthi kukuphilapho ongangenza ngimpongoloze khona! Thuna, ngitsheleukuthi uzongibamba kanjani! Ngokuba, ngingonokuPhilaokuPhakade.” Ameni! Wakuqonda. Ukufa, isihogo, ithuna,akukho okwakungambamba. Futhi akukho okungasilimaza,sinokuPhila okuPhakade! Waqonda ukuthi wayebusiswengokuPhila okuPhakade.

119 Njengeconsana lezolo nje. Uma ngiqonda, liyi…Angazikakhulu kangako ngezinto ezingumsuka wemvelo. Kodwa,lifanele ukuthi lingu—ngukujiya komswakama noma umoyaowemboze umhlaba jikelele. Futhi nxa ubusuku bubandafuthi kube-mnyama, liyawa emazulwini futhi liqathakeleemhlabathini. Liwe livela ndawondawo. Kodwa ngokusaokulandelayo ilanga lingakaphumi, lilele lapho, umfoomncane, egodola. Kodwa ake nje kuphume ilanga, qaphelaliyakhazimula. Liyajabula. Ngani na? Ilanga lizolibiza libuyelekhona lapho livela khona.

Futhi kungaleyondlela ngomKristu. Haleluya! Siyazi nxasihamba siyongena eBukhoneni bukaNkulunkulu, okuthizephakathi kithi kuyasitshela ukuthi sivela ndawondawo, futhisibuyela emuva futhi ngalawoMandla asidonsayo.

120 Iconsana lezolo, liyamenyezela futhi likhazimule futhilimemeze, ngoba liyazi ukuthi livela phezulu laphaya,nalelolanga lizolidonsela emuva ngqo lenyuke futhi.

Futhi umuntu oyingxenye kaNkulunkulu, ozalwanguNkulunkulu, uyazi, haleluya, nxa efika ekuxhumanenineNdodana kaNkulunkulu, uzodonselwa phezulu esukalapha ngolunye usuku. “Ngokuba uma Ngiphakanyiswa minaemhlabeni, Ngiyakubadonsela bonke kiMi.” Ameni!

121 Manje bhekisisani, manje, sibona uMelkisedeki nokuthikungani uMariya wayengesuye uNina. YingalesosizathuAmbiza ngo “mame,” hhayi mama. “Wayengenayise,” ngokubaWayenguYise, uYise ongunaphakade, abathathu koYedwa.“Wayengenanina,” impela qha. Wayengenayise, ngokubaWayenguYise. Njengombhali-zinkondlo wake washo, ekhulumangokutusa okukhulu kuJesu, wathi:

NGINGUYE owakhuluma noMose esihlahleniesivuthayo somlilo,

NGINGUNkulunkulu kaAbrahama,iNkanyezi yoKusa eKhazimulayo.

NGINGUAlfa, uOmega, ukuqala kusukelaekupheleni.

Page 26: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

NGINGOkudaliweyo konke, noJesu yilona-Gama. (Kunjalo.)

O, nithi Ngingubani, futhi bathi Ngavelaphi,Niyamazi uBaba waMi, noma ningalishoiGama laKhe na? (Haleluya!)

122 Lelo yiGama likaYise! Yebo, “Ngiza ngeGama likaBabawaMi, futhi aniNgamukelanga.” Niyabo? Impela, Unguye izolo,namuhla, naphakade.123 Futhi loMelikisedeki wase eba-yinyama. WaZembulanjengeNdodana yomuntu ngenkathi Efika, njengomProfethi.Ufika ngamagama amathathu enDodana; iNdodana yomuntu,iNdodana kaNkulunkulu, iNdodana kaDavide.124 Ngenkathi Elapha emhlabeni, WayeyiNdoda, ukugcwalisaumBhalo. UMose wathi, “INkosi uNkulunkulu wenuiyakuvusa umProfethi onjengami.” Ngakho Wayefaneleafike njengomProfethi. Akazange, neze athi, “NgiyiNdodanakaNkulunkulu.” Wathi, “NgiyiNdodana yomuntu. UyayikholwaiNdodana yomuntu na?” Isizathu, yilokho Ayefanele afakazengakho, ngoba yilokho Ayeyikho.

Manje Ufike ngelinye iGama lendodana, iNdodanakaNkulunkulu; engabonwayo, uMoya.

Futhi uma Esebuya futhi, UyiNdodana kaDavide, ukubaahlale esihlwani saKhe sobukhosi.125 Manje ngenkathi Elapha futhi waba-yinyama, Wayebizwangokuthi, “iNdodana yomuntu.” Manje, Wazazisa kanjani Yenaezweni njengeNdodana yomuntu, umProfethi na?126 Ngeliny’ilanga ngangixoxa indaba kaPetru noAndreya,umfowabo. Babengabadobi, noyise wabo uJona wayeyikholwaelikhulu elidala. Ngeliny’ilanga bathi wahlala phansingaseceleni lesikebhe. Wathi, “Madodana, niyaziukuthi sikhuleke kanjani ngenkathi sidinga izinhlanzi.”Babengabadobi abathengisayo. Wathi, “SethembeuNkulunkulu, uJehova, ukuba siphile. Futhi sengigugilemanje; ngeke ngahlala nani isikhathi eside kakhulu bafana.Futhi bengihlala njalo, njengawo onke amakholwa eqiniso,ngibheke isikhathi lapho lowoMesiya eyofika khona. Sibe nazozonke izinhlobo zaba-manga, kodwa uyeza Owangempela,ngoluny’usuku.” Futhi wathi, “Nxa loMesiya efika, angifuniukuba nina bafana nidukiswe. LoMesiya angeke nje abe usiyaziwezenkolo. Uyoba ngumProfethi, ngokuba umprofethi wethuuMose, esimlandelayo, washo.”

Manje, noma yimuphi umJuda uyomkholwa umprofethiwakhe. Ufundiswa ukuba akwazi lokho. Futhi umaumprofethi esho noma yini enjalo, khona-ke lelo yiqiniso.Kodwa uNkulunkulu wathi, “Uma ebakhona phakathikwenu, ongowomoya, noma umprofethi, Mina iNkosiNgiyakuzibonakalisa kuye. Futhi akushoyo kufezeke, khona-

Page 27: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 27

ke muzweni nimesabe; kodwa uma kungenzeki, khona-keningamesabi nhlobo.” Niyabo? Ngakho lokho kwakungu—ngukuqinisekiswa komprofethi.127 “Ngakho uMose ngempela wayengumprofethioqinisekisiweyo, futhi wathi, ‘INkosi uNkulunkulu wenuiyakuvusa, phakathi kwenu, kubazalwane benu, umProfethionjengami. Futhi wonke lowo ongayikumuzwa uyakunqunywaphakathi kwabantu.’” Wathi, “Manje, bantwana, khumbulani,lokho, njengamaHeberu, sikholwa abaprofethi bakaNkulunkuluabaqinisekisiweyo.” Manje lalelisisani. Ningakugeji. Futhiwathi, “Nxa uMesiya efika, niyakuMazi, ngokuba UyakubangumProfethi-Mesiya. Manje, bathi bese kuyiminyakaengamakhulu amane. Singenamprofethi selokhu kwabanguMalaki, kodwa uzobakhona!”128 Ngeliny’ilanga, emva kokufa kwakhe, iminyaka embalwa,indodana yakhe uAndreya wayezishayelwa umoya ezansingasogwini. Futhi wezwa indoda yasendle iphuma ehlane,ithi, “LowoMesiya umi phakathi kwenu manje!” Lolokhoziolukhulu olwavukayo ngale ehlane futhi lwandizela phezukwalapho, lwathi, “UMesiya uphakathi kwenu njengamanje.AsikaMazi nokho, kodwa Umi phakathi kwenu. NgizoMazi,ngoba ngizobona isibonakaliso sivela eZulwini.”

Ngeliny’ilanga wathi, “Laphaya, bheka, yiWundlulikaNkulunkulu elisusa isono sezwe!”

Yasuka yahamba…yahamba lendoda, ukuyobizaumfowabo. Yathi, “Simoni, ngifuna uze ngapha; sesimtholileuMesiya.”

“O, suka lapha, Andreya!Wazi kangcono kunalokho!”“O, ngiyazi. Kodwa, lokho, leNdoda yehlukile.”“Iphi Yona na? Ingabe Ivelaphi na?”“UJesu waseNazaretha.”“Lowo omncane, umuzi omubi na? Ngani, Ubengeke avele

kwembi, indawo engcole njengaleyo.”“Wena woza nje ubone.”

129 Ekugcineni wamncenga ukuba ehle ngeliny’ilanga. Ngakhongenkathi efika phambi kwaloMesiya, uJesu emi lapho,ekhuluma nabantu. Ngenkathi ekhuphuka phambi kwaKhe,Wathi, “Igama lakho unguSimoni, futhi uyindodana kaJona.”Lokho kwakwenza. Wazithola izihluthulelo kuwo uMbuso.Ngani na? Wazi ukuthi leyoNdoda yayingamazi. FuthiImaze kanjani, nalowobaba omdala omesabayo uNkulunkuluowayemfundisile ukuthi ukholwa kanjani uMesiya na?130 Kwakukhona indoda eyayimi lapho, egama linguFiliphu.O, waxhuxhuma ngempela! Wayazi enye indoda, ekadeefundisisa iBhayibheli kanye nayo. Yasuka yahamba, yazungeza

Page 28: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

igquma, futhi yamthola phandle lapho esixhobeni sakhesemithi yeminqumo. Wayeguqe phansi, ekhuleka. Babekadebenenqwaba yezifundo zeBhayibheli ndawonye, ngakhouphuma lapho. Futhi wathi, emva kokuba eseqedile ukukhuleka,wathi, “Woza, ubone ukuthi Ubani esimfumene; uJesuwaseNazaretha, indodana kaJosefa. InguMesiya esimfunayo.”

Manje sengathi ngiyamuzwa uNathanayeli ethi, “Manje,Filiphu, Awukhalakathelanga, ukhalakathelile na?”131 “O, qha. Lutho. Manje ake ngikuxoxele. Uyazi, besifundisisaiBhayibheli ndawonye, futhi umprofethi wathi uMesiyauyobayini na?”

“Uyoba ngumProfethi.”“Uyamkhumbula lowayamdobi omdala owathenga kuye

inhlanzi, owayengenayo imfundo eyenele ukuba asayine igamalakhe, obizwa ngoSimoni na?”

“Yebo. Mmh.”132 “Uyakhuphuka. Futhi uyazi ukuthini? LoJesuwaseNazaretha umtshele ukuthi igama lakhe uSimoni,washintsha igama lakhe laba nguPetru, okuyi ‘tshe elincane,’futhi wamtshela ukuthi uyise ngubani.”

“Awu,” wathi—wathi, “Angazi. Ikhona into enhle engavelaeNazaretha na?”133 Wathi, “Asingaxoxi ngakho; woza nje ubone.” Ngumbonoomuhle lowo, “Woza ubone.”

Ngakho nakhu kufika uFiliphu, ekhuphula uNathanayeli.Futhi esekhuphukile, uJesu mhlawumbe emile, ekhuluma,mhlawumbe ekhulekela abagulayo emgqeni womkhuleko.Futhi esekhuphekela lapho okwakukhona khona uJesu, uJesuwambuka nxazonke, wayesethi, “Bheka umIsrayeli okungekho-nkohliso kuye.”134 Manje, wena uthi, “Awu, kwakuyindlela ayegqoke ngayo.”O, qhabo. Bonke abasempumalanga bagqoka ngokufanayo.Wayengahle abe ngumSiriya, noma abe ngenye into; intshebe,ingubo.135 Wathi, “Bheka umIsrayeli okungekho nkohliso kuye,”ngenye indlela, “ethembekile, indoda eqotho.”

Awu, lokho kwathi ukumkhexisa uNathanayeli. Wayesethi,“Rabi,” okuchaza ukuthi, “mfundisi.” “Rabi, Uke wangazi ninina? Waze kanjani ukuthi ngingumJuda na? Waze kanjani ukuthingethembekile, akukho-nkohliso na?”136 Wathi, “Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komuthi,Ngakubona.” Mm! Kuqhele ngamamayela ayishumi nanhlanu,elinye icala lezwe, ngayizolo.

Wathini na? “Rabi, UyiNdodana kaNkulunkulu. UyiNkosikaIsrayeli!”

Page 29: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 29

137 Kodwa nakho kumi labobapristi lapho, abazaziyo,abayizitashi uqobo, bathi, “Lomuntu unguBelzabube,umbhuli.”

UJesu wathi, “Ngizonithethelela ngalokho.”138 Manje, khumbulani, abazange bakusho ngokumemeza,kodwa bakusho ezinhliziyweni zabo. “Futhi Wayibonaimicabango yabo.” Kunjalo. Yilokho iBhayibheli elikushoyo.Kubize ngo kufunda umcabango uma ufuna, kodwa Wa—Wayibona imicabango yabo.139 Futhi Wathi, “Ngiyanithethelela ngalokho. Kodwangeliny’ilanga uMoya oNgcwele uzofika futhi wenze lentoefanayo,” emva kokumuka kwaKhe; “nakhuluma izwi elimelananaWo, akusoze kwathethelelwa kulelizwe noma izwe elizayo.”Ngabe kunjalo na? [Ibandla, “Ameni.”—Umhl.] Manje, labokwakungabaJuda.

Kwase kuthi ngelinye ilanga kwakuswelekile ukuba AyeeSamariya. Kodwa ngaphambi nje kokuba senze lokho, sitholaowesifazane, noma i…140 Indoda, lapho idabula esangweni elithiwa Lihle, ukuthiyaphulukiswa. NoJesu wayesazi isimo sayo, futhi wayitshela,“Thatha uhlaka lwakho uqhubeke uye ekhaya.” Futhi yakwenza,futhi yaphila.

Siyathola-ke, abaJuda, abanye babo baMemukela.Abanye bakukholwa; abanye abazange. Abakukholwangangani na? Babengakumiselwe ukuPhila. Babengesiso isabelosaleyongxenye.141 Manje khumbulani, labo kwakungabapristi nendoda enkulu.Futhi uJesu…Cabanga ngalabosiyazi bezenkolo nabapristi,indoda owawungeke uthole isici empilweni yawo. UJesu wathi,“Nina ningabakayihlo usathane, nenza imisebenzi yakhe.”Wathi, “Uma beningabakaNkulunkulu, beniyakuNgikholwa.Uma ningenakuNgikholwa, kholwani yi—kholwani yimisebenzieNgiyenzayo; iyafakaza ukuthi NginguBani.”142 Manje, iBhayibheli lasho, ukuthi, “UJesu unguye izolo,namuhla, naphakade.” UJesu wathi, “Imisebenzi eNgiyenzayomina nalowo okholwa yiMi uyakuyenza.” Kunjalo na?Bhekisisani, lowo kwakunguMelkisedeki uqobomanje.143 Manje bhekisisani, futhi, kwakukhona izinhlanga ezintathukuphela zabantu.

Ningizwile ngithi ngangingumbandlululi. Nginguye.Onke amaKristu angababandlululi; hhayi ukubandlululangokwebala, kodwa ukubandlululwa komoya. Ibala lomuntulesikhumba alihlanganise lutho naye. UngumntwanakaNkulunkulu ngokuZalwa. Kodwa umKristu, uNkulunkuluwathi, “Ngahlukanise!” “Phumani phakathi kwabo,” njalonjalo.Ungumbandlululi, wokubi, phakathi kokuyikho nokungesikho.

Page 30: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

144 Kodwa bhekisisani, babenobandlululo ngaleyonkathi,ubandlululo lobuhlanga, okwakungamaSamariya.

Futhi kukhona izinhlanga ezintathu kuphela zabantuemhlabeni; uma sikholwa yiBhayibheli; lolo, ngabantubakaHamu, uShemi, noJafete. Leyo ngamadodana amathathukaNowa. Sonke saphuma sivela lapho. Kunjalo. Lokho kusenzasonke sibe ngabavela emuva kusukela kuAdamu, okusenzasonke sibe ngabafowethu. IBhayibheli lathi, “Ngagazi linyeuNkulunkulu wazidala izizwe zonke.” Sonke singabafowethu,ngokulandela igazi. Indoda elikhalathi ingathekelisa ngegaziendodeni emhlophe, noma ngokushintshana. Indoda emhlopheinganika u—umJaphane, indoda ephuzi, noma iNdiya, indodaebomvu, noma yikuphi okunye, noma iJafenite noma ngabeikuphi, ubengamthekelisa ngegazi, ngoba sonke siyigazielifanayo. Ibala lesikhumba sethu, lapho esasihlala khona,lalingahlanganise lutho nakho.

Kodwa uma sihlukaniswa, kulapho siphuma khonaezweni, njengoba Akhuphula uIsrayeli wamkhipha eGibhithe.Kungaleyonkathi la sihlukaniswa khona nezinto zezwe.145 Manje, babengabantu bakaHamu, uShemu, noJafete.Futhi ukuba besinesikhathi ukususela emuva izizukulwane,ubungambona uAnglo-Saxon, lapho evela khona. Manje, lowokwakungumJuda…UmSamariya, owayeyingxenye yomJudanoweZizwe, abaganana nabeZizwe ezenzweni zikaBalamu,noMowabi. BabengamaSamariya. Futhi kwakukhona abaJudanabeZizwe.

Manje, thina maAnglo-Saxon sasingahlanganise luthonanoma yikuphi kwakho. Sasingakholwa-Mesiya, nanomayilutho olunye. Sasingambhekile. Sangeniswa kamuva.

UJesu weza kwabaKhe uQobo, nabaKhe uQoboabamaMukelanga. Futhi Wathi kubafundi baKhe, “Ningahambingendlela yabeZizwe, kepha niye ezimvini ezilahlekileyozakwaIsrayeli.” Futhi Waya kuphela ezimvini ezilahlekileyozakwaIsrayeli. Futhi qaphela, WaZibonakalisa njengeNdodanayomuntu, phambi kwabaJuda. BaLenqaba.

Manje, umSamariya, eyingxenye yomJuda noweZizwe,babekholwa futhi, futhi babebheke uMesiya.

Sasingenjalo thina. Sasingabahedeni, nezagila emhlanewethu, sikhonza izithixo; oweZizwe.146 Kodwa manje ngeliny’ilanga, uJohane oNgcwele 4,Wayeswelekile ukuba aye ngaseSamariya, endleleni yaKheehlela eJeriko. Kodwa wenyukela wazungeza iSamariya. FuthiEsakhuphukela lapho, Wahlala phansi emthonjeni ngaphandlekomuzi ogama lawo yiSikhari. Futhi umthombo, uma uke wabalapho, kuyizwe elibonakalayo sikhathi-sinye cishe njengalelilapha. Futhi kukhona isiphethu somphakathi lapho, samanzi,lapho beza khona bonke. Nowesifazane ufika ekuseni, bakhe

Page 31: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 31

izimbiza zabo zamanzi, bese beyibeka ekhanda labo, nenyeenqulwini ngayinye, bese behamba nayo nje beqonde thwi,kungakapaki-consi; baxoxisane. Ngakho, babenzenjalo, abantubabephuma lapho.147 Ngakho lokhu kwakungehora cishe leshumi nanye nqoemini. Ngakho Wathuma abafundi baKhe emzini, ukuyothengaumphako, ukudla. Futhi besahambile…148 Kwakukhona owesifazane owayenegama elibi. Sizombiza,namhlanje, owesifazane oyilambu elibomvu, noma isifebe.Wayenamadoda amaningi kakhulu. Ngakho uJesu esahlezilapho, lo wesifazane uphuma cishe ngeleshumi nanye nqo.Niyabo, wayenganakuza nezintombi ngenkathi ziza ekuseniukuzokha amanzi azo okuwasha; wayefanele alinde zizezithi zonke…Zazingaxubani njengoba sezenza manje.Wayephawuliwe. Ngakho manje-ke, uphumela ukuyokhaamanzi, ngakho wathatha nje isigwedlo esidala, wase ebekaamahhuku okulengisa imbizana, wase eqala ukuyehlisa.

Wezwa uMuntu ethi, “Sifazane, Ngiphuzise.” Manje,khumbula, lona nguMelkisedeki. Lona nguJesu, izolo, iNdodanayomuntu.149 Futhi waqalaza, wase ebona umJuda. Ngakhowathi, “Nkosi,akufanele ukuba umJuda acele noma yini kumSamariya.Ngingowesifazane waseSamariya, ngakho Ukhulume endaweniokungesiyona eyaKho. Ubungafanele ungicele into enjengaleyo.Asidlelani.”150 Wathi, “Kodwa ukuba bewazi ukuthi Ubani obekhulumanawe, ubuyocela kiMi amanzi.”

Wathi, “Uzowakha kanjani na? Umthombo ujulile, futhiAwuphethe lutho lokukha.”151 Wathi, “Amanzi eNgiwanikezayo angaManzi okuPhila,aphuphumela ekuPhileni okuPhakade.”

Wakhuluma naye Waze wasithola ukuthi isimo sakhesasinjani. Futhi manje-ke i…Qaphela ukuthi Wathini kuyemanje, “Hamba ulande indoda yakho uze lapha.”

Wayesethi, “Anginandoda.”152 Wathi, “Usho iqiniso, ngokuba ubunayisihlanu, futhi leohlala nayo manje ayisiyo eyakho. Ngakho, kulokhu, ushoiqiniso.”

Qaphela umehluko phakathi kwalowo wesifazanenalesosigejane sabapristi. Wayazi kakhulu ngoNkulunkulukunalokho okwenziwa yiso sonke lesosigejane sabapristi,sihlanganiswe ndawonye.153 Wathi, “Nkosi, ngiyabona ukuthi UngumProfethi Wena.”Wathi, “Kade singenaye iminyaka engamakhulu amane. Manje,siyazi ukuthi uMesiya uyeza. Futhi nxa uMesiya efika, yilokho

Page 32: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

Azokwenza.” Leso kwakuyisibonakaliso sikaMesiya, ngokubaWayeyiNdodana yomuntu. Wathi, “Yilokho Azokwenza nxaEfika.Wena ufanele ukuba ngumprofethi waKhe.”154 Wathi, “NginguYe.” Akekho omunye umuntu owayengasholokho.155 Wawisa leleyombiza wagijimela emzini, wayesethi, “Wozani,nibone uMuntu Ongitshele engikwenzileyo. Kungebe nguyeimpela uMesiya lona na?”

Manje khumbulani, Wethembisa ukwenza leyonto efanayoekupheleni kwesizwe sabeZizwe.

AbaJuda base bebeneminyaka eyizinkulungwane ezineukufuna lowoMesiya, iminyaka eyizinkulungwane ezineyokufundisa ukuthi Wayeza, nalokho Ayezokwenza nxaEsefike lapho, futhi behluleka ukuMbona, noma behlulekaukukuvuma. Futhi ngenkathi EseZazisa kuwo impela amazwieBhayibheli Athi Wayezokwenza, ngenkathi kade Engumzimbawomoya obonakalayo wase-ke eba-yinyama wakha phakathikwabo, behluleka ukukubona, futhi babiza imisebenzi yaKhengemisebenzi kadeveli.156 Manje kade sineminyaka eyizinkulungwane ezimbiliyokufundisa, kuza kwehle kwedlule ebandleni eliRomaKatolika, emva kwabaphostoli. Bese-ke siyehla sedlulekwiRoma Katolika, iGreki, njalonjalo, kwehle kuye onyakenikaLuther, noWesley, nokunye, izinhlangano ezingamakhuluayisishiyagalolunye ezehlukeneyo zehla. Babenakho konkelokhu ukufundisa kweminyaka.

Manje Wethembisa, ngaphambi nje kokuba isikhathisokuphela sifike, ukuthi isithombe saseSodoma neGomorasiyobakhona futhi, “Njengoba kwenzeka emihleni yaseSodoma,kuyakuba-njalo ekufikeni kwesikhathi sokuphela, iNdodanayomuntu Iyozembula futhi.” [Akuqoshwanga—Umhl.]

“Kuseyisikhashana nezwe ngeke lisaNgibona; nokhoniyakuNgibona nina, ngokuba Ngi,” isabizwana sobuntu,“Ngiyakuba nani, ngibe kini, kube sekuphelelisweni, ukuphelakwezwe. Ngiyakuba nani.” Unguye izolo, namuhla, naphakade.Niyabo?157 Niyabo, umSamariya waye, eqinisweni, kusukelaentshumayelweni yami yayizolo ebusuku, wayenguHagari,niyabo, uhlobo oluphendukezelwe. UmJuda kwakunguSara,noma wayengowakoSara. Kodwa oweZizwe ngokaMariya,iNzalo yobuKhosi, iNzalo yobuKhosi kaAbrahama.158 Manje kwethenjisiwe ukuthi kulezizinsuku zokugcina,ukuthi, loNkulunkulu ofanayo, loKristu ofanayo, uyobuyelalapha futhi Azembule njengeNdodana yomuntu.

Ngani na? Unguye izolo, namuhla, naphakade. Futhi ukubaUbengadedela lawomaJuda azedlulele nakho, futhi awanike

Page 33: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 33

lesosibonakaliso sobuMesiya, bese-ke kufika ekuphelenikwesifundiso sabeZizwe futhi abadedele nje bangenengesayense yezenkolo, Ubeyoba ngongalungile. Ufanele enzeinto efanayo, ngoba iBhayibheli lathi, ku thir-…AmaHeberu13:8, “Usenguye.”

Futhi Wethembisile kuMalaki 4, nayo yonke imiBhaloehlukene, ukuthi, izinsuku zokugcina, ibandla liyobe nje lihlezingokufana nse njengoba linjalo namhlanje, nezwe liyoba njalo.159 Buka izwe namhlanje. Buka isimo seSodoma. Bukaukuzamazama komhlaba kuzindawo ngezindawo, nezintookwenzekayo. Buka ibandla nengxovangxova elikuyo,yeBabiloni. Buka isithunywa kulo, noOral Roberts noBillyGraham.

G-r-a-h-a-m, kuyaqala ukuba size sibe nesithunywa,kuwo onke amabandla, esigama laso lize lagcina ngo h-a-m,njengoAbrahama. A-b-r-a-h-a-m yizinhlamvu eziyisikhombisa.G-r-a-h-a-m yizinhlamvu eziyisithupha. Ukuphi na? Kulo izwe.Isithupha yinombolo yomuntu. Umuntu wadalwa ngosukulwesithupha. Kodwa isikhombisa inombolo kaNkulunkulu.160 Manje babuke besezansi lapho eSodoma. Futhi nakho laizithunywa zabo zikhona ezansi lapho zikhuluma nabo.

Kodwa pho iphi leyoNzalo yobukhosi kaAbrahama na? Siphiisibonakaliso sabo, Asisho na? “Njengoba kwenzeka emihleniyaseSodoma,” ukuthi uNkulunkulu wehla futhi wabonakaliswaenyameni yomuntu, futhi wakusho okwakucatshangwanguSara ngemuva enhliziyweni yakhe, etendeni emva kwaKhe,isibonakaliso sokugcina ngaphambi kokuba izwe labeZizwelibhujiswe ngomlilo. NeBandla linesibonakaliso salo sokugcinangaphambi kokuba umhlaba wonke ubhujiswe, lombusowabeZizwe ubhujiswe ngomlilo nolaka lukaNkulunkulu.Niyakukholwa lokho na? [Ibandla lithi, “Ameni.”—UMhl.]161 LowoMelkisedeki wayeyinyama, Wazibonisa emzimbeniwomuntu; kwase kuthi kamuva Waba-yinyama. Futhimanje, kulobubusuku, Unguye, izolo, namuhla, naphakade.Niyakukholwa na? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.]162 Ubani loMelkisedeki, manje-ke, yilowo onguye izolo,namuhla…“Wayengakaze abe nayise, engakaze abe nanina;Wayengakaze abe nakuqala kwezinsuku, Wayengakaze abenakuphela kokuphila.” Futhi Wahlangabezana noAbrahama,futhi nhloboni yesibonakaliso Ayenzayo na? Ngaleyonkathilapho Eba-yinyama, Wathi kuyophinda futhi nje ngaphambikwesikhathi sokuphela. Niyakukholwa lokho na? [Ibandla lithi,“Ameni.”—Umhl.] Ngiyakukholwa. [“Ameni.”]

Asikhuleke.163 Nkulunkulu othandekayo, ngiyayikholwa imiBhalo, ukuthiUthe Wawu “nguye izolo, namuhla naphakade.” Futhi

Page 34: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

njengokuba nobuqotho enhliziyweni yami, Nkosi, ngiyazi ukuthikukhona okuzokwenzeka. Ngingeke ngakukhomba ngokuqinile.Ngiyesaba ukusho noma yini, Nkosi. Wena uyayazi inhliziyoyenceku yaKho.164 Futhi kukangaki, kusukela phansi onyakeni ngenkathiUthumela izinto, abantu behluleke ukukuthola. Umuntunjalonjalo udumisa uNkulunkulu ngalokho Akwenza,futhi esho ukuthi zinto zini Azozenza, kodwa angakunakiAkwenzayo. Bekukanjalo unyaka wonke. Lehlulekelani ibandlalamaRoma ukubona uPatrick oNgcwele njengomprofethikaNkulunkulu na? Bambulalelani uJoan waseArc ngenkathiengu—umprofethikazi, bamshisa njengomlumbikazi na? Baba,kwedlulwa njalo. Wakufihla emehlweni abahlakaniphileyonabanokuqonda. Akumangalisi Wathi kulabo bapristi,“Nihlobisa amathuna abaprofethi, futhi yini enabafakaphakathi lapho.” Emva kokuba sebehambile, bayalibonaiphutha labo. BaKuhlupha njalo, Nkosi, kunoma yisiphi isimoOngena ngaso.165 Ngiyakhuleka, kulobubusuku, Nkulunkulu, kanye nje.Kusasa sihlelelwe ukubase…ukuya eTucson. Ezinye izingxenyezezwe, amanye amadolobha esifanele sishumayele kuwo. Kodwa,Nkulunkulu othandekayo, kungahle kubekhona izihambilapha kulobubusuku ongakaze abe…Bawazwile amaZwieshunyayelwa, kodwa kabakaze baLibone libonakaliswa.

Njengoba ngiKucelile ekuqaleni. Ngenkathi labobafundi,uKleyophase nomngane wakhe, bevela eEmawuse, wayehambangomgwaqo, futhi Waphuma ehlathini futhi uqala ukukhulumanabo, emva kokuvuka, wabashumayeza. Ngani, Wathi, “Ziwula,enilibele enhliziyweni. Anazi yini ukuthi uKristu ufaneleahlupheke ngalezizinto, bese engena enkazimulweni yaKhe na?”Kodwa babesalokhu bengakuqondi neze. Usuku lonke bahambanaWe, futhi babelokhu bengakaKwazi. Kodwa ngobunyeubusuku…

Bafika ubusuku, baKuncenga ukuba ungene. Ngenkathibeyongena endlwaneni yezihambi base bevala iminyango,khona-ke Wenza okuthize ngendlela nje Owakwenzangayo ngaphambi kokubethelwa kwaKho, futhi baqondaukuthi kwakunguKristu ovukileyo. Emizuzwaneni embalwaWawusemva kwamakhethini futhi usuhambile. Ngokusheshabagijima futhi batshela abafundi, “Impela iNkosi ivukile!”166 Baba, Nkulunkulu, ngiyakholwa ukuthi Usaphila. NgiyaziUyaphila. Futhi Ukufakazisile kithi isikhathi esiningi kakhulu.Ungasenzela khona nje kube kanye futhi, Nkosi na? Umasifumene umusa emehlweni aKho, ake kwenzeke kube kanyefuthi. Ngiyinceku yaKho; lezi yizinceku zaKho phakathi lapha.Nkosi, konke lokho engikushilo kungelingane…Izwi elilodwanje elivela kuWe lingaba ngaphezulu kwalokho engikushilo

Page 35: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 35

kulobubusuku obuhlanu, noma imilayezo emihlanu. Lingabangaphezulu, izwi elilodwa nje elivela kuWe. Ungekhulume,Nkosi, ukuze abantu bazi ukuthi ngibatshele iQiniso na? Ngiphekhona, Nkulunkulu. Ngikucela eGameni likaJesu, lokhu kubekanye futhi. Ameni.167 Manje, angikwazi. Ngiyabazi abanye abantu. Ngiyamazilomfana ohlezi lapha. Ngiyamazi uBill Dauch ohlezi khonalapho. Ngifuna uku…Nangu uMfowethu Blair, uRodney Cox.Kunzima ukubona laphaya.

Ngakulelicala, khona impela esikhathini samanje angikwazikubona-muntu, empeleni, engimaziyo.168 Manje bangaki phakathi lapha owaziyo ukuthi ngiyisihambikuwe na? Phakamisa izandla zakho, owaziyo ukuthi angazi luthongawe, phakamisani izandla zenu nhlangothi zombili.

Bangaki phakathi lapha onokuthize okungahambi kahle,noma okuthize owaziyo ukuthi angazi lutho ngakho na?Ungaziphakamisa izandla zakho na?

Manje, kungaba ngempela, ngokoqobo akunakwenzekasampela ukuba mina ngazi utho ngawe. Kungenjalo, manje-ke,kungafanele kuvele esambulweni esithize sikaMoya.

Futhi njengoba senginitshelile kubobonke lobubusuku,nakulobubusuku, ukuthi Akafile; Ukhona, futhi wethembisaukwenza into efanayo. Futhi wethembisa ukuthi kuyofikaisikhathi ngezinsuku zokugcina, ngokukaMalaki 4nangokukaLuka oNgcwele, ukuthi Uyobonakala futhi esimwenisomuntu phakathi kwabantu baKhe futhi enze izinto ezifanayo,futhi embule into efanayo, isibonakaliso esifanayo sobuMesiya.Bangaki okwaziyo lokho, nina bafundi beBhayibheli,owaziyo ukuthi lelo yiQiniso na? Thanini, “Ameni.” [Ibandlalithi, “Ameni.”—Umhl.] Bafanele bonke ukuba ngabafundibeBhayibheli.169 Manje, ngiyazi ukuthi kuyindida kubantu namhlanje, kodwakuselokhu kuyiQiniso. Yingalesosizathu bengamazanga uJesuwaseNazaretha. Babazi izivumokholo zebandla labo, kodwaabamazanga Yena. Kodwa Ufika ngayo nje indlela iBhayibhelielayishoyo; hhayi usiyazi wezenkolo, hhayi umpristi. UfikanjengomProfethi, nabaKhe uQobo abaMemukelanga.170 Manje, uma uNkulunkulu ezogcina iZwi laKhe, futhi umakwenzeka ngi…kwenzeka kuwele kulowo engimaziyo, khona-ke ngi—ngizothola omunye futhi. Niyabo, ngifuna umuntuengingamazi. Futhi ngifuna nina nikhuleke.171 Manje, bukani, kwakukhona owesifazane omncanengesinye isikhathi enobuthakathaka. Wayechithe imali yakhekodokotela; abamsizanga ngalutho. Futhi wathi phakathikwenhliziyo yakhe, “Uma ngingathinta izingubo zaleyoNdoda,ngizophiliswa.” Niyayikhumbula indaba na? Ngakho bonke

Page 36: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

bazama ukumhlehlisa, kodwa waphikelela waze wathintaingubo yaKhe, wabuyela emuvawahlala phansi.172 Manje lalelisisani. Futhi kwathi ngenkathi Esekwenzilelokho, ngenkathi owesifazane esekwenzile lokho, uJesuwaphendukawayesethi, “Ubani oNgithintile na?”173 Ngani, uPetru umphostoli waMkhuza. Cishe washointo enjengalokhu, “Nkosi, ungayisho into enjalo. Abantubazokholwa ukuthi kukhona okungalungile kuWe. Ngoba,ngenkathi Ubacela ukuba badle inyama yaKho baphuze iGazilaKho, sebevele bacabanga ukuthi kukhona okungalungile.Futhi Uthi, ‘Ubani oNgithintile na?’ Ngani, sonke isixukusiyaKuthinta.”174 Wathi, “Yebo, kodwa Ngiyabona ukuthi amandla aphumilekiMi.” Lolo kwakuluhlobo olwehlukile lokuthinta. Manje, nomayimuphi umuntu uyazi ukuthi amandla nguku “qina.” “Ngipheleamandla; amandla aNgishiyile.”

Futhi Waqalaza kwizethameli waze Wamthola owesifazaneomncane, futhi wamtshela ngomopho wakhe. Futhi wezwaemzimbeni wakhe ukuthi umopho wase unqamukile. Ngabekunjalo na? FuthiWathi, “Ukukholwa kwakho kukusindisile.”

Manje, igama lesiGreki lapho lingu sozo, ngokoqobookuchaza ukuthi “sindisiwe,” ngokwenyama noma okomoya,kuyafana nje.Wa “sindisa.” Ungu—UnguMsindisi wakho.175 Manje, uma lowo kwakunguYe izolo, nangendlela Enzangayo, ukufakazisa ukuthi Wayephakathi kwabantu, uMesiyawethembisa; futhi yileyondlela Azikhomba Yena ngayo, futhiwethembisa ngeBhayibheli, Wayezokwenza into efanayo manje;Wayengeke,Wayengezukwenza yini into efanayo na?176 Wena uthi, “Ngabe Washo yini ngokuphulukisa abagulayona?” Yebo!

AmaHeberu, iBhayibheli engisanda kufunda kulo, lashoukuthi, “UJesu Kristu manje ungumPristi wethu oMkhuluonokuzwelana nobuthakathaka bethu.” Bangaki owaziyo ukuthiliqiniso lelo na? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.] IBhayibhelilakusho lokho. “UngumPristi oMkhulu manje onokuzwelananobuthakathaka bethu.” Ngakho-ke uma EngumPristi oMkhuluofanayo Ayenguye ngaleyonkathi, Ubezokwenza kanjanimanje na? Ubezodingeka enze ngendlela efanayo Enza ngayongaleyonkathi, uma EngumPristi oMkhulu ofanayo. Manje,ungahle…

Angisuye umPristi wenu oMkhulu. Ungahle ungithinte, futhikungafana nokuthi uthinta indoda yakho nje, noma umfowenu,noma okunye, umuntu.177 Kodwa vumela ukukholwa kwakho kuMthinte, beseuqaphela ukuthi kwenzekani. Manje, uma ngiba yincekukaNkulunkulu futhi nginitshelile iQiniso, uNkulunkulu

Page 37: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 37

uzokuqinisekisa lokho ukuthi kuliQiniso. Futhi lokhokufakazise ukuthi uJesu Kristu uyaphila kulobubusuku, emilapha. Ngabe kunjalo na? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.]

Manje, unakho ukukholwa, uhlangothi olulodwa njekanyekanye, uhlangothi olulodwa. Unakho ukukholwa laphaya.Kungcono ngihlale embhobheni lapha, ngoba abangizwa.178 Umuntu akabheke nje phezulu kuNkulunkulu, beseethi, “Nkulunkulu, lomuntu akangazi. Akazi lutho ngami.Ngiyisihambi uqobo kuye. Kodwa akube ukukholwa kwamiokuKuthintayo, Nkosi. Futhi Uyazi ukuthi yin’indaba ngami,Nkosi. Wazi konke ngami. Uyangazi ukuthi ngingubani,ngokufanayo njengoba Wamazi ukuthi uPetru wayengubani,ngokufanayo njengobaWamazi uNathanayeli, njengobaWawaziukuthi yini eyayingalungile kowesifazane owayenomopho.Nalomuntu ungitshela ukuthi U ‘nguye izolo, namuhla,naphakade.’ Ke, Nkosi, akube ngukukholwa kwamiokuKuthintayo.”

Futhi uma Ezokwenza lokho, futhi ngokungenasiphosisoaZifakazele lapha, bangaki kini abazoMkholwa ngenhliziyoyenu yonke; uma Ezokwenza okungenani koyedwa, nomaababili, noma abantu abathathu, kube u—kube ubufakazi na?[Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.] UNkulunkulu anibusise.179 Manje, Baba Nkulunkulu, lokhu akukho nhlobonhloboezandleni zanoma yimuphi umuntu. Kufanele kube yisenzekoesingesiso esemvelo yasemhlabeni. Ngakho ngiyakhuleka ukuthiUzongisiza manje, Nkosi. Ngisezandleni zaKho. Yenza kiminjengobaUbona kufanele. EGameni likaJesu. Ameni.180 Manje, ungashaywa wuvalo. Nje ngokuzithoba,ngokuhlonipha uthi, “Nkosi, ngizoKukhonza. Futhi lokhokuzoba yiqiniso, ukuthi, uma ngingathinta ingubo yaKho,khona-ke Wena phendula ngalowomuntu. Lokho kuzofakazisakimi ukuthi akushilo kuyiQiniso.” Kunjalo na?181 Bangaki asebake basibona isithombe salokho kuKhanyana? Kusezweni lonke, ndawo zonke. Isayense ikuthathile futhiyakuhlola, nasezindaweni zonke. Manje, Ukhona khona laphamanje; yena Lowo owasho ngoMshado NeSahlukaniso, yenaLowo owayesentabeni, wazamazamisa amagquma emuva lapho,yena Lowo esezansi lapha emfuleni ngo ‘33, onguye izolo,namuhla, naphakade. Uyafana. [UMfowethu Branham uthiukuthula kancane—Umhl.]182 Manje, kukhona owesifazane, futhi uyaqonda manje ukuthikukhona okwenzekile. Lokho kuKhanya kulengela phezukwakhe ngqo. Uhlezi khona lapha, ugqoke ijezi eliluhlaza-tshani, noma okuthize. Angimazi owesifazane. Ngicabangaukuthi siyizihambi komunye nomunye. Kunjalo. Uyakholwaukuthi uNkulunkulu…U—udinga okuthize, futhi uyakholwaukuthi uNkulunkulu angembula kimi ukuthi yini inkathazo

Page 38: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

38 IZWI ELIKHULUNYIWE

yakho na? Futhi uma Ekwenza, khona-ke uyazi ukuthikuzofanele kube amandla angesiwo awemvelo yasemhlabeni,ngoba angikwazi. Futhi kuzofanele kuvele ngokungesikhookwemvelo yasemhlabeni.

Kuncike ekutheni ucabanga ukuthi kuyini. Ungathathauhlangothi lwakho nabapristi, ukubize ngokuthi “udeveli,”noma ungathatha uhlangothi nekholwa futhi ukubize ngo“Nkulunkulu.” Noma ngayiphi indlela okholwa ngayo uzovelalapho-ke umvuzo wakho.183 Uma uNkulunkulu ezongembulela inkathazo yakho,uzoMemukela njengokubuyisana kwakho—kwakhongaleyonkathazo na? Angazi ukuthi inkathazo iyini. Kodwangiyazi, nawe uyazi, ukuthi kukhona okwenzekayo.184 Manje, manje ake nje ngikutshele ukuthi uzizwa unjani,futhi khona-ke uzokwazi; okwangempela ukufudumala,okumnandi, ukuzizwa okuthokomele. Ngibuka Khona ngqo.Yilokho kuKhanya, ukuKhanya okunombala ophuzi kulengelakowesifazane.

Futhi inenekazi liphethwe yinkathazo esiswini salo.Kuwuhlobo lwamaqhubu, okufana nawo, esiswini salo. Alisiloelalapha. [Udade uthi, “Kunjalo.”] Qha. Usuka kude kunalaphaawunjalo na? Kunjalo. UngowaseWisconsin. Kunjalo na? Impela.Manje usuphulukisiwe. Ukukholwa kwakho kukusindisile.185 Manje ngitshele ukuthi owesifazane uthinte Bani na?Ngiqhele ngamayadi angamashumi amabili nanhlanu kuye.Uthinte uJesu Kristu, umPristi oMkhulu. Niyakukholwa lokhona? [Ibandla lithi, “Ameni.”—Umhl.]186 Ngibuka owesifazane engikhulume naye. Lo wesifazane,ngibuka yena ngqo, ngoba ukhulekela indoda kanzima kakhulu.Ungitshele ukuthi ubenendoda…Akazange angitshele luthongakho.

Kodwa igama lakhe nguNkk. Waldrop. Uvela ePhoenix.Wavuswa kwabafileyo, nodokotela wakhe ufika nomshiniwokuthatha isithombe esibonakalisa ingaphakathi lomzimbafuthi wakhombisa umdlavuza enhliziyweni. Wafa esemgqeniwomkhuleko. Sekuyisikhathi esingakanani esedlule kwenzekalokho, Nkk. Waldrop? Iminyaka eyishumi nesishiyagalombilieyedlula, futhi nango uhlezi kulobubusuku, ubufakaziobuphilayo. Udokotela wakhe ufikile emhlanganweni, walethai…Wathi, “Angaphila kanjani owesifazane na?” Kodwa nango,futhi akukho phawu lwawo.187 Ulethe omunye, futhi ukhulekela yena. Manje, uyafa,uphethwe isifo sikashukela. Manje, lokho bengikwazi. Kodwanjengokuthi uyakhuleka…Uyazi angazi ukuthi ingubani, Nkk.Waldrop.

Page 39: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? 39

188 IngeyseMissouri, futhi igama layo nguMnu. Cooper. Kunjalo.Manje, uyakholwa, ungabuyela ekhaya uphile, mnumzane.Kukuwe, uma uzokukholwa.189 Nangu owesifazane, futhi uphethwe yisimo sokuba nesifubasomoya, ukuxineka. Akasuye owalapha. Uhlezi phandlelaphaya esixukwini, khona laphaya. Ngiyethemba uthola…Akasuye owalapha. UngowaseGeorgia. UNkosazana McKenny.uyakholwa ngenhliziyo yakho yonke, futhi uyakholwa ukuthiuNkulunkulu uzokuphilisa na? Sukuma ume ngezinyawozakho, uma uyisihambi kimi futhi lokho liqiniso. UJesu Kristuuyakuphulukisa. Uyakholwa na?

[UMfowethu Branham ufulathele ibandla—Umhl.]190 Emhlane wami, kukhona indoda ehlezi emva kwami.Ixhumana noNkulunkulu. Futhi ekufunayo; inengane ehlushwayinhliziyo. Futhi leyongane inokududuzela enhliziyweni yayo,usho kanjalo udokotela. Futhi igama laleyondoda nguMnu.Cox. Sukuma, Mnu. Cox. “Futhi Watshela uSara ukuthiwayecabangani, emva kwaKhe.”

[UMfowethu Branham uyaqhubeka nokufulathelaibandla—Umhl.]191 Khona impela ngaphesheya esikhaleni sezihlalo ukusukakuyo, ngemuva phambidlanyana, yindoda engaveli lapha, kodwaivela eNew Mexico. Angikaze ngiyibone, empilweni yami.Ngibuka yona ngqo manje, futhi isemva kwami. Ivela eNewMexico. Nendoda inentombazane eyikhathalele, nentombazaneinokuthile okungalungile emlonyeni wayo. Kuyi…Amalakaemlonyeni wayo yiwo angalungile. Negama lendoda nguMnu.West. Ungasukuma, mnumzane. Ngiyisihambi ngempela kuyo,kodwa iNkosi uNkulunkulu uzomphulukisa umntwanawayo.192 Niyakholwamanje ngenhliziyo yenu yonke na? [Ibandla lithi,“Ameni.”—Umhl.] Bangaki kini abakholwayo manje ngenhliziyoyenu yonke na? [“Ameni.”] Manje, uJesu Kristu akasuye yiniizolo, namuhla, naphakade na? [“Ameni.”] NiyaMemukela manjenjengoMsindisi wena na? Phakamisa isandla sakho. [“Ameni.”]NiyaMkholwa njengoMphulukisi wenu na? [“Ameni.”]193 Lapha, nangu umuntu ehlezi lapha, uyisishosha nomaokuthize, ulele embhedeni omncane.

Niyangizwa ngalombhobho na? [UMfowethu Branhamuthatha umbhobho futhi uya ngasekugcineni komsamofuthi ukhuluma nowesifazane osembhedeni omncane—Umhl.]Angikwazi. Ungowesifazane nje olele lapho. Umabengingakuphulukisa, Bengingakwenza. Angikwaziukukuphulukisa.

[Indoda iqala ukukhala izinyembezi—Umhl.] Kulungile.Yindoda nje ejabulayo. Umntwanawayowaphulukiswa.

Page 40: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

40 IZWI ELIKHULUNYIWE

Angikwazi. Ungowesifazane, nami ngingowesilisa.Lokhu kungokokuqala ukuba sibonane, ngiyethemba.Lababantu…?…lokho kukulethile. Qiniso, lesi yisikhathisakho sokokuqala lapha; ungenisiwe nje. Uvela kude.Usibekelwe ukufa. Unomdlavuza. Akusiso isishosha.Ngumdlavuza. Odokotela akusekho abangabuye bakwenzelekhona. Yiqiniso. Futhi impela uzofa; labo odokotela akusekhoabangabuye bakwenzele khona.194 Ngesinye isikhathi kwakukhona abanochoko abathathubehlezi esangweni laseSamariya. Nalabo abanochoko bathi,“Sihlalelani lapha size sife na?” Ngoba, konke ukugula,ukubulawa yindlala, nokudla abantwana babanye. Bathi, “Umasehlela ekamu lesitha, amaSiriya; uma esibulala, sizofa, nomakanjani. Futhi uma besisindisa, sizophila.” Futhi bathathalelothuba. Futhi, ngokukholwa, abazisindisanga bona kuphelakodwa iqembu lonke.195 Manje, uzofa uma ulele lapho. Kodwa awucelwa ukuba uyeekamu bona abakwenzayo. Kodwa umenyelwa endlini kaBaba,…?…196 Ubulawa umdlavuza. Ngeke waphila ngaphandlekukaNkulunkulu. Awusuye owakulelidolobha. Awusuyeowakhona lapha. Uvela kude. UngowaseMilwaukee. Yiqinisolelo. Kunjalo. Ngilibonile idolobha. Ngiyalazi. Kunjalo.

Uyakholwa na? Uzomemukela uNkulunkulu manjenjengomphulukisi wakho na? Uma uzomemukela, akunandabaukuthi ubuthakathaka kangakanani, ukuthi ugogobalisweukugula kangakanani, ngiyakholwa, endabeni yakho,ngizosukuma eGameni likaJesu Kristu. Futhi ngithathelowombhede omncane ngiye ekhaya, futhi ngiphilele inkazimulokaNkulunkulu. Uzongilalela, njengomprofethi kaNkulunkuluna? Ngakho-ke sukuma uhambe, futhi uphile. Phila!Ungesabi. Sukuma usuke embhedeni omncane; UNkulunkuluuzokuphilisa. Niyabo?197 Omunye akambambe ukuze akwazi ukusukuma futhi atholeamandla. Uyamkholwa uNkulunkulu na? Mdedele nje atholeamandla kancane; uzolunga. Nakho-ke, dade. Nango, eGamenileNkosi uJesu! [Ibandla liyajabula njengoba udade manjeusemile.]

Asisukume sinike uNkulunkulu udumo. Unguye izolo,namuhla, naphakade! [Ibandla lijabula kakhulu futhi lidumisauNkulunkulu—Umhl.]

Hamba, neNkosi uJesu Kristu ikubusise. [Ibandlaliyaqhubeka nokujabula kakhulu futhi lidumisauNkulunkulu—Umhl.]

Page 41: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

UBANI LOMELKISEDEKI NA? ZUL65-0221E

(Who Is This Melchisedec?)

LoMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto kusihlwa, ngo Febuwari 21, ngo 1965, ehholoeParkview Junior High School eJeffersonville, eIndiana, U.S.A., uthathelwekwisiqophamazwi sikazibuthe futhi washicilelwa ngesiNgisi ungafinqiwe.Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulu kwakhishwa ngo 1996 ngabe:

ZULU

©1996 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 42: UBANI LOMELKISEDEKI NAdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0221E Who Is This Melchisedec VGR.pdf · Wayengenasikhathi Ake aqala ngaso. Futhi Wayengenasikhathi Ake aphela ngaso.” Noma

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org