s r l r w n izilwandle zethu, ikusasa · gcina konke okuphila olwandle (aquar-iums, ama-zoo,...

1
Designed by: DEA COMMS SPECIAL PROJECTS SALES REPRESENTATIVE: LEE ROELOFSE WRITER: GWEN WATKINS ADVERTISING FEATURE Usuku Lwezilwandle Zomhlaba ISIGQI salonyaka esithi “Izilwandle Zethu, Ikusasa Lethu’ sigxile ekutholeni izisombululo kulenkinga yocwazi (plastics) olunukubeza ulwandle kanye noku- nqanda imfucuza engco- lisa ulwandle ukuze sibe no-lwandle oluphilile nekusasa elingcono. I-Ocean Project isisaba- lalise imizamo yayo nge- nhloso yokuheha intsha yomhlaba wonke jikelele, lokhu ikwenza ngoku- sungula iWorld Oceans Day Youth Advisory Council, nokuhlan- ganisa intsha engu-11 (eneminyaka ephakathi kuka-14-22) eqhamuka emazweni ase-Asia, Aus- tralia/Oceania, Africa, Europe, North America kanye naseCaribbean. Njengoba lena kuyi- Nyanga Yentsha eSouth Africa, lesi yisikhati esihle kakhulu sokuqala um- khankaso wokuhlanza imifula noma yikuphi la- pho ukhona esendaweni yakho. Yonke imifula igeleza ibheke olwandle ngakho-ke uku-gcina imifula yethu ingena- kunukubezeka, ingenazo izinto ezingeyona imi- sinsi yendawo kubaluleke ka-khulu ukuze amanzi ageleze njalo abheke ol- wandle. Ngokucophelela in- dawana ophila kuyo noma ijalidi lakho nangokusiza umph- akathi wakho, kuyobe wenza imizamo yoku- vikela ulwandle lwethu, akukhathaleki ukuthi ukude kangakanani nol- wandle. Joyina emkhanka- sweni wezokuxhumana komphakathi (social media) i-World Oceans Day – like us kwiFa- cebook www.facebook. com/WorldOceansDay noma usilandele kwiT- witter https://twitter. com/worldOceansDay. Makugqugquzelwe ukwehliswa kokunukubezeka eNyangeni Yentsha N JENGOBA umhlaba ugubha usuku olwaziwa nge-World Oceans Day namhlanje, kusemqoka ukukhumbula ukuthi izilwandle zithinta umhlaba wonke, hhayi nje kuphela lezi zindawo ezisogwini.Ukuze siphile, siphumelele sonke sidinga izilwandle eziphilile. Ulwandle yilo olwakha isigamu somoya esiwuphefumulayo, luphinde luthathe isisi i-carbon dioxide ese- mkhathini esingayi-dingi, lunciphise isankahlu sokuguquka kwesimo sezulu. Ukwakheka ngokwehlukana kwezi- lwandle zomhlaba kubalu-leke kakhulu esintwini nakukho konke okuphila olwandle. Zingaphezu kwesigidi izi- nhlobonhlobo ezaziwayo zezi- lwane nezitshalo eziphila olwandle kepha ososayensi bathi ku- ngenzeka ukuthi kunezigidigidi zezi- nye zezinto eziphila olwandle esinga- kazitholi. I-South Africa yona ibusiswe ngogu oluyibanga elingu-2 500km kusukela laphaya eNami- bia nezwe lethu, emngceleni olu- gwadule nosogwini i-Atlantic kuyela ezansi neningizimu kuye nalaphaya echosheni lwe-Africa kwedlulele eningi- zimu-mpumalanga kuyela emnceleni wezwe lethu neMozambique olwandle i-Indian Ocean. INhlangano Yezizwe (United Nations) iyamukela ngokuse- mthethweni imigubho nemibu- ngazo eba mhlaka 8 kuJune kanti ihlaba nekhwelo lokuba kongiwe izilwandle zethu unyaka wonke. Lomkhankaso ugqugquzelwa uphinde udidiyelwe yi-Ocean Project selokhu kwasukela ngo-2002 ibambisene nezinhlangano ezehlukene kanti um- khankaso lona sewedlulele emazweni angaphezu kuka-100 nokuhlanganisa iSouth Africa kanti kulelizwe wesekwe nguMnyango Weze-Mvelo. Kuleminyaka edlule, isibalo sezi- nhlangano ezihambisana nalomkha- nkaso emhlabeni wonke jikelele sikhule saye sacishe saba ngu-2000. Lesibalo sihlanganisa izi-ndawo ezi- gcina konke okuphila olwandle (aquar- iums, ama-zoo, ama-museums, izi- nhlangano zentsha, amatilosi, abatshuza ngaphansi kwamanzi, ababhukudi kanye namanye amaqembu ama-ningi ezemidlalo yasolwandle. Lokhu kwedlulela nasezi- mbonini zomnotho waso- lwandle, ohulumeni, abezoku- vakasha, izinhlangano zokonga imvelo, amanyuvesi, izikole, abamabhizinisi nabanye abaningi. Onyakeni ngamunye maningi amazwe nezinhlangano ezigubha imi- gubho yolwandle emhlabeni kanjalo nokuxhumeka kwethu nolwandle. Usuku Lwezilwandle Zomhlaba (World Oceans Day) lusikhumbuza ukuthi ukunciphisa uku- nukubezeka kwazo zonke izindawo zethu ezihamba amanzi kungumthwalo okumele siwenze unyaka wonke kanti kumele sonke sifake igxalaba kuwo. Izilwandle Zethu, Ikusasa Lethu UNgqongqoshe u-Edna Molewa woMnyango Wezemvelo, ehlola umkhumbi womnyango wakhe i-Agulhas ll wokwenza ucwaningo i-Agulhas ll. ISITHOMBE NGU: TSHEGO LETSHWITI 30

Upload: others

Post on 03-Aug-2020

4 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: S R L R W N Izilwandle Zethu, Ikusasa · gcina konke okuphila olwandle (aquar-iums, ama-zoo, ama-museums, izi- nhlangano zentsha, amatilosi, abatshuza ngaphansi kwamanzi, ababhukudi

Designed by: DEA COMMS

SPECIAL PROJECTSSALES REPRESENTATIVE:

LEE ROELOFSE

WRITER: GWEN WATKINS

ADVERTISING FEATURE

Usuku Lwezilwandle Zomhlaba

ISIGQI salonyaka esithi “Izilwandle Zethu, Ikusasa Lethu’ sigxile ekutholeni izisombululo kulenkinga yocwazi (plastics) olunukubeza ulwandle kanye noku-nqanda imfucuza engco- lisa ulwandle ukuze sibe no-lwandle oluphilile nekusasa elingcono.

I-Ocean Project isisaba- lalise imizamo yayo nge-nhloso yokuheha intsha yomhlaba wonke jikelele, lokhu ikwenza ngoku- sungula iWorld Oceans Day Youth Advisory Council, nokuhlan-ganisa intsha engu-11 (eneminyaka ephakathi kuka-14-22) eqhamuka emazweni ase-Asia, Aus-tralia/Oceania, Africa, Europe, North America kanye naseCaribbean.

Njengoba lena kuyi-Nyanga Yentsha eSouth Africa, lesi yisikhati esihle kakhulu sokuqala um- khankaso wokuhlanza

imifula noma yikuphi la-pho ukhona esendaweni yakho. Yonke imifula igeleza ibheke olwandle ngakho-ke uku-gcina imifula yethu ingena- kunukubezeka, ingenazo izinto ezingeyona imi-sinsi yendawo kubaluleke ka-khulu ukuze amanzi ageleze njalo abheke ol-wandle.

Ngokucophelela in-dawana ophila kuyo noma ijalidi lakho nangokusiza umph-akathi wakho, kuyobe wenza imizamo yoku-vikela ulwandle lwethu, akukhathaleki ukuthi ukude kangakanani nol-wandle. Joyina emkhanka- sweni wezokuxhumana komphakathi (social media) i-World Oceans Day – like us kwiFa-cebook www.facebook.

com/WorldOceansDay

noma usilandele kwiT-witter https://twitter.

com/worldOceansDay.

Makugqugquzelwe ukwehliswa

kokunukubezeka eNyangeni Yentsha

NJENGOBA umhlaba ugubha usuku olwaziwa nge-World Oceans Day namhlanje, kusemqoka ukukhumbula

ukuthi izilwandle zithinta umhlaba wonke, hhayi nje kuphela lezi zindawo ezisogwini.Ukuze siphile, siphumelele sonke sidinga izilwandle eziphilile.

Ulwandle yilo olwakha isigamu somoya esiwuphefumulayo, luphinde luthathe isisi i-carbon dioxide ese-mkhathini esingayi-dingi, lunciphise isankahlu sokuguquka kwesimo sezulu.

Ukwakheka ngokwehlukana kwezi-lwandle zomhlaba kubalu-leke kakhulu esintwini nakukho konke okuphila olwandle.

Zingaphezu kwesigidi izi- nhlobonhlobo ezaziwayo zezi-lwane nezitshalo eziphila olwandle kepha ososayensi bathi ku-ngenzeka ukuthi kunezigidigidi zezi-nye zezinto eziphila olwandle esinga-kazitholi.

I-South Africa yona ibusiswe ngogu oluyibanga elingu-2 500km kusukela laphaya eNami- bia nezwe lethu, emngceleni olu-gwadule nosogwini i-Atlantic kuyela ezansi neningizimu kuye nalaphaya echosheni lwe-Africa kwedlulele eningi- zimu-mpumalanga kuyela emnceleni wezwe lethu neMozambique olwandle i-Indian Ocean.

INhlangano Yezizwe (United Nations) iyamukela ngokuse-mthethweni imigubho nemibu- ngazo eba mhlaka 8 kuJune kanti ihlaba nekhwelo lokuba kongiwe

izilwandle zethu unyaka wonke. Lomkhankaso ugqugquzelwa uphinde udidiyelwe yi-Ocean Project selokhu kwasukela ngo-2002 ibambisene nezinhlangano ezehlukene kanti um-khankaso lona sewedlulele emazweni angaphezu kuka-100 nokuhlanganisa iSouth Africa kanti kulelizwe wesekwe nguMnyango Weze-Mvelo.

Kuleminyaka edlule, isibalo sezi- nhlangano ezihambisana nalomkha- nkaso emhlabeni wonke jikelele sikhule saye sacishe saba ngu-2000.

Lesibalo sihlanganisa izi-ndawo ezi-gcina konke okuphila olwandle (aquar-iums, ama-zoo, ama-museums, izi- nhlangano zentsha, amatilosi, abatshuza ngaphansi kwamanzi, ababhukudi kanye namanye amaqembu

ama-ningi ezemidlalo yasolwandle. Lokhu kwedlulela nasezi-

mbonini zomnotho waso-lwandle, ohulumeni, abezoku- vakasha, izinhlangano zokonga imvelo, amanyuvesi, izikole, abamabhizinisi nabanye abaningi.

Onyakeni ngamunye maningi amazwe nezinhlangano ezigubha imi-gubho yolwandle emhlabeni kanjalo nokuxhumeka kwethu nolwandle.

Usuku Lwezilwandle Zomhlaba (World Oceans Day) lusikhumbuza ukuthi ukunciphisa uku-nukube zeka kwazo zonke izindawo zethu e zihamba amanzi kungumthwalo okumele siwenze unyaka wonke kanti kumele sonke sifake igxalaba kuwo.

Izilwandle Zethu, Ikusasa Lethu

UNgqongqoshe u-Edna Molewa woMnyango Wezemvelo, ehlola umkhumbi womnyango wakhe i-Agulhas ll wokwenza ucwaningo i-Agulhas ll.ISITHOMBE NGU: TSHEGO

LETSHWITI

30