kwabasekolose - weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf ·...

29
KwabaseKolose Christ Church North Coast- 0747760887

Upload: others

Post on 14-Feb-2020

5 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

KwabaseKolose

Christ Church North Coast- 0747760887

Page 2: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

11 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu,

noThimothewu umzalwane 2 kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.

1- uPawulu uthi unguMphostoli kodwa uThimothewu yena unguMzalwane kanti yini uMphostoli (bheka u 1 KaJohane 1:1-3) –uJohane (naye onguMphostoli.

2- Ubhalela bani uPawulu?

uMzalwane umuntu o…………………………………ku Kristu

3- yini ‘uMusa’ yini futhi ‘ukuthula’ uMusa:

ukuthula:

1

Page 3: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Funda futhi u Vesi 2, kungabe unguMzalwane?

Uma uMphostoli enguMuntu owambona uJesu ngamehlo, wakubheka, wakuthinta

nangezandla. Kungabeungakwazi yini wena ukuba uMphosoli, ungakwazi yini ukuba ube

nguMphostoli wena?

2

Page 4: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

3 Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela, 4 lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, 5 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli 6 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, 7 njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu; 8 okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya.

1- uPawulu uzwe izinto ezimbili ngabazalwane baseKolose, yiziphi lezo zinto (vesi 4)

ngo…

nango…

2- ngokuka Vesi 4- bakholwa kubani?

3- Ngokukavesi 4 bathanda bani?

4- yini eyenza laba bazalwane babe nokukholwa kanye nothando?

(vesi 5)

Ngenxa…..

5- ngokuka vesi 7 ubani owabatshela ngevangeli?

3

Page 5: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

ukukholwa noThando kuvela kungokubalulekile ekukholweni

Kungabe siding ukukholwa kubani?

(uMzalwane umuntu okholwa ku Jesu KUPHELA!!!!!)

Ungasho komunye umuntu ukuthi unguMzalwane uma ekholwa uJesu NOMUNYE

UMUNTU, NOMA ENYE INTO?

Kungabe uthando onalo luholwa ithemba lengunaPhakade?

4

Page 6: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

9 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya, 10 nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, 11 niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula; 12 nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni, 13 owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; 14 okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,

1- uPawulu bakhulekelani abazalwane? (bheka amagama aqala ngo ‘ni’

Asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba ni…………..

(vesi 10) ni….

Ni…..

Ni…

Ni…

(vesi 11) Ni….

(vesi 12) Ni…

Ngokuka vesi 12 singambongelani uNkulunkulu ?

5

Page 7: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Kungabe uhluke kanjani umkhuleko ka Pawulu, kunozikhulekela wona wena ?

Yini ndaba uPawulu engabakhulekeleli ukuba kuphele izinhlupheko, babe nezindlu eziningi nakho konke esikukhulelayo manje ?

Yini ebalulekile ukuba ube nakho konke eMhlabeni nokuthi uye eZulwini? (NgokukaMarku 8:36)

6

Page 8: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

15 yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke, 16 ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona; 17 yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo; 18 yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke, 19 ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke (KUKANKULUNKULU*) kuhlale kuyo 20 nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.

1- Usanda kukhuluma nge Ndodana kaNkulunkulu, uthi yona iyini ? (bheka igama ‘Yona‘

(vesi 15-16) Yona…………….

17 Yona……

18 Yona….

2- Uma ubheka awesingisi athi ku vesi 19- ukugcwala

kukaNKULUNKULU kukuJesu Lokhu kusho ukuthi uJEsu ungu…..

3- Wenzani uNkulunkulu ngayo (vesi 20)

7

Page 9: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Uma kungukuthi igama ukubuyisana lisho ukuthi bekukhona ingxabano, kungabe ubani obexabene noNKulunkulu? (bheka u KwabaseKolose 1:21; no KwabaseRoma 5:10)

Uma uJesu enzile konke, kufanele ukhonze bani?

Kungabe usubuyisene yini noNKulunkulu, noma niseyizitha?

8

Page 10: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

21 Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi, 22 nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe, 23 uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.

1- yini esenza sibe yizitha noNkulunkulu ? (Vesi 21-ngasekupheleni kwevesi)

2- yini esesiza ukuba sibuyisane naye ? (vesi 22)

3- sidinga ukwenzani thina (bheka ku vesi 23- o ‘ni’)

9

Page 11: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Udinga ukwenzenjani ukuze kukhona uzobuyisana noNkulunkulu? (uma

ukuhlula loMbuzo, bonana name (Sbonelo -0747760887)

Udinga ukwenzenjani uma usubuyisene naye? (vesi 23)

Kungabeu Vesi 23 uhluke ngani endleleni esijwayele ukuchaza ngayo uMzalwane

‘osekhulile eNkosini’

10

Page 12: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

24 Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla; 25 engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu, 26 ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe; 27 okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo; 28 okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu, 29 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla. 21 Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo, 2 ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu, 3 okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.

1- Kungabe yini ejabulisa uPawulu? Vesi 24? Ngiyathokoza e……

2- Ngokuka Vesi 27 yini imfihlakalo ebifihlakele kubantu bonke,

yambulwa kithina?

3- Yini umuntu oshumayelayo okufanele ayishumayele? V28

4- Yini injongo yokushumayela ?

11

Page 13: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Uma ufuna ukuphelela kuKristu mhla ebuya, udinga ibandla elishumayela bani?

Uma ufakaza noma ushumayela, udinga ukufakaza ngobani noma ukushumayela ngobani?

12

Page 14: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

4 Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisa ngamazwi okuyenga. 5 Ngokuba noma ngingekho ngomzimba, nokho ngikhona kini ngomoya ngithokoza, ngibona inhlelo yenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKristu. 6 Ngakho-ke njengalokho nimamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani nikuye, 7 nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. 8 Xwayani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize njengokwemvelo yabantu, njengezifundiso zokucathula kwezwe, kungenjengokukaKristu. 9 Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;

1- Uma sishumayela, futhi sifunda ngoJesu KUPHELA sizokwazi ukuthi

abantu bangasikhohlisi ngani? (vesi 4)

2- Vesi 6-7 usitshela ukuthi asenzeni, uyakhumbula ukuthi ukuba

ubakhulekelelani?

13

Page 15: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

10 nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla, 11 enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; 12 nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo. 13 Nani-ke ebenifile ngeziphambeko nangokungasoki kwenyama yenu wanenza nibe ngabaphilayo kanye naye esithethelela zonke izono zethu; 14 esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni; 15 ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.

3- Kungabe senziweni kuKristu? Vesi 10- ni…..

Vesi 11- ena…

Vesi 12- ni na…

Vesi 13 wanenza nibe ngaba,,

Uma kungumsebenzi kaKristu ukuba sisindisiwe futhi siqhubeka kanjalo,

umsebenzi kabana ukuba uqhubeke usindisiwe

14

Page 16: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

16 Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha, 17 okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu. 18 Makungabikho muntu onamuka umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yenyama, 19 engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu. 20 Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi: 21 “Ungaphathi, ungezwa ngolimi, ungathinti,” 22 okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu 23 ezinegama lokuhlakanipha kambe ngokuzikhethela inkonzo, nangokuzithoba, nangokuhlupha umzimba; akusizi lutho maqondana nokuzithiba kwenyama.

4- Nenxa yokuthi uKristu usenzele konek asisadingi ukuba khona umuntu othi asibona abazalwane ngoba singenzini……… (vesi 16)

15

Page 17: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Yiziphi izinto esizenzayo emabandleni ngoba sizitshela ukuthi ziyasiza? (kulabazalwane babetshelwa ngamaSabatha, nokungadli okunye ukudla, nokugqoka okuhlukile)

Yikuphi ocabanga ukuthi abantu (amabandla neziNkolo) ukuze kukhona zizobukeka

sengathi zikhonza uKristu?

(bheka okunye ku vesi 16)

Ku Wrong ngani ukwenza izinto ezinjengokungadli (mhlampe inyama yeNgulube, ukugcina

amaSabatha)

Vesi 17

16

Page 18: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

31 Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho

ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; 2 nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. 3 Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu; 4 nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.

1- uPawulu kade elokhu ethi, ‘safa’ (v20) ‘sambelwa’ (12) manje usethi senziwani

3:1

3:3

2- sidinga ukufunani kuNkulunkulu ?

3- sesifile, savuswa, sambelwa, kanye naye sisalinde ukuba

senziweni naye ngokuka vesi 4

17

Page 19: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Siding ukunakani ngokuka vesi 2

Uma uNkulunkulu enze konke (ukuthi ufe ngokukholwa noJesu) umbelwe futhi

uvuswe kanye naye, yini ekwenza ukuthi ungakholwa ukuthi uzothatha uma

esebuya?

Uma uthe kukhona okungakuvimba ngasenhla ukuya eZulwini, yini bekungavimbi

ukuthi usindiswe?

uNkulunkulu usisindisile, asisindiswanga ngemisebenzi ngakho, imisebenzi ngeke

isivimbe ukuthi siye ezulwini, sisindiswa ngoMusa, siqhubeka ngoMusa, siyoya

eZulwini ngomusa.

18

Page 20: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

5 Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, 6 okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, 7 ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; 8 kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; 9 ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, 10 nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo, 11 lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.

1- Kuthiwa asibulale leziya zinto (kuchaze nga -1) Ubufebe:

ukungcola

ukuhuheka

nokukhanuka

isangabe

kuqhamukani ngalokhu: (vesi 6)

ulaka

ukuthukuthela

ububi

ukuhlambalaza

ukukhuluma amahlazo

ukuqamba amanga

*ngakho asigcini izinto ezingasizi ekukholweni, kodwa senza okusiza inyama

19

Page 21: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

12 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade, 13 nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani. 14 Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela. 15 Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo. 16 Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga. 17 Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.

2- Kuthiwa asikhumuleni, manje sekuthiwa asembatheni: simbathani (chaza esikumbathayo)

ububele

isisa

ukuzithoba

ubumnene

ukubheka kade

sibekezelelane

sithethelane

phezu kwakho konke okungenhla siding ini? (vesi 14)

*uyakhumbula ukuthi ubebabonga ukuthi banana (kwisahluko 1:4)

20

Page 22: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Phinda ubuke I List, uzame ukuzibuza umbuzo wokuthi kosahluleka kukho,

ungenza kanjani ukuba ukunqobe?

Uyakhumbula ukuthi yini ebaluleke ngaphezu kwakho konke esisukufundile

kuMzalwane? (Ngokwesahluko 1:4)

*Ngakho usakhulekela ukuyeka okwenzayo kulokhu okungasenhla,

qinisekisa ukuthi: uyabathanda abazalwane, futhi uyakholwa uJesu Kristu.

Oyikho konke kukho konke.

21

Page 23: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

18 Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini. 19 Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli. 20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini. 21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali. 22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi. 23 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, 24 nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu. 25 Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu. 41 Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.

1- Abazalwane emakhaya abo, isho ngokwamavesi ukuthi badinga ukwenzani?

Abafazi

Amadoda

Bantwana

Boyise babantwana

Izinceku/ abasebenzayo:

Amakhosi/abangama Boss,noma izinduna:

Siding ukukwenzela bani konke esikwenzayo:

Uma wenza noma yini, udinga ukwenza sengathi wenzela uNkulunkulu, uma

wenzela uNkulunkulu ungayenza kanjani into

22

Page 24: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. 3 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, 4 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. 5 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. 6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

1- Siding ukwenzani ekukhulekeni

2- Vesi 3, sidinga ukukhuleka ukuthi kwenzekeni Abantu bakwazi uku……

3- Kufanele ukukhuluma kwethu kube njani?

Kungabe ukhuleka kangaki ngesonto?

Kungabe into mawuyikhulekela, uyakwazi yini ukuyilinda?

Kungabe uke ubakhulekele abantu abashumayelayo ukuba bakwazi

ukushumayela kahle nakuzo zonke izindawo?

23

Page 25: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

7 Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini, 8 engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu, 9 kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. 10 Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye — uma efika kini mamukeleni — 11 noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. 13 Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi. 14 Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema. 15 Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe. 16 Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya. 17 Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.” 18 Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.

1- Bayizini o Thikhiku, no Onesimu, aristarku, Marku, Justu, Ephafratha

Thikhiku

Onesimu

Aristarku

Marku

Jesu, obizwa ngo JUSTU

Ephafra

uLUka

24

Page 26: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

2- Yini ebalulekile ngo EPHAFRA –(khumbula no 1:7)

Bonke abantu abangasenhla, bahlanganiswa ukutshela abantu ngoJesu, kungabe

wena uyazidela yini ukutshela abantu ngo Jesu

25

Page 27: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Yikuphi okufundile encwadini kwabaseKOLOSE?

Yikuphi odinga ukukhulekela

26

Page 28: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

ngokufingqiwe

uPawulu ubhalela abazalwane (abakholwa kuJesu Kristu) abaphenduka ngoba beshunyayezwe u Ephafra, uyabaqinisekisa ukuthi bangabazalwane ngoba ivangeli elafika kubona, lifikile kubo bonke abantu futhi lithela izithelo umhlaba wonke. Ngakho badinga ukwazi ukuthi uThando abanalo kanye nokukholwa uJesu Kristu, yikho okukhombisa ukuthi bangabazalwane, kakhulukazi uma lolothando nokukholwa okuqgugquzelwa iTHemba abanalo lokuthi bazoba noNkulunkulu ngelinye ilanga. Kuphela abadinga ukukwenza ukuba baqhubeke nokukholwa uJesu KUPHELA bagxile kukho. Usebatshela ukuthi ungubani-ke lo Jesu abatshela ngaye? Uthi uPawulu uJesu unguNkulunkulu uqobo, ngaye kudalwe konke futhi kuyena kuhlala konke ukugcwala kukaNkulunkulu. Yingakho naye Pawulu ehluphekela lelivangeli eze efakwa ejele eboshwa ngenxa yalo. Ukwazi kwabo lelivangeli likaJesu Kristu kuzobasiza ukuthi bangadukiswa abantu futhi bangalutheki, baze baphuceke insindiso yabo. Kodwa kunokuthi abantu babathumbe ngokuhlakanipha kwalelizwe kanye nangenkohliso yamasiko kungcono babheke uKristu, bazithibe ekwenzeni okubi benza okuhle, ngoba yilokhu uKristu akuthokozelayo. Lokhu kwenza kahle kudinga ukubonakala ku Mzalwane ngamunye kuphinde futhi kubonakale emakhaya abo, nasemisebenzini. Bekhuleka njalo. Baningi abanye abazalwane abalwela lelivangeli, futhi bayizikhonzi kanye no Pawulu.

Page 29: KwabaseKolose - Weeblyjesuyedwa.weebly.com/uploads/7/8/1/8/7818261/kwabasekolose_passage.pdf · umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u-Ephafra

Incwadi ibhalelwe abazalwane base Christ Church North Coast kanye nabo abanye

abazalwane, kepha ayivunyelwe ukudayiswa okanye ukushintshwa ngaphandle kwemvume

yombhali (Sbonelo)

Iminingwane thintana name ku -0747760887

Scripture verses in this lesson was taken from the Bible in Zulu

© Bible Society of South Africa 1959, 1997

Used with permission